Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/04 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 1/04 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Jan. 15

“Ngenxa yokuthi ziningi kangaka izithembiso eziphulwayo kulezi zinsuku, abaningi bakuthola kunzima ukwethemba omunye umuntu. Ingabe ucabanga ukuthi ukhona umuntu esingazethemba izithembiso zakhe? [Lindela impendulo bese ufunda uJoshuwa 23:14.] Lo magazini ubonisa indlela esingalwakha ngayo ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu ezilotshwe eBhayibhelini.”

INqabayokulinda Feb. 1

“Iningi lethu liyazama ukunakekela impilo yethu. Nokho, ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi ingokomoya lethu liyayithinta impilo yethu. Ucabanga ukuthi lokho kungenzeka? [Lindela impendulo bese ufunda uMathewu 5:3.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngendlela esingalinakekela ngayo ingokomoya lethu.”

Phaphama! Feb. 8

“Libhalwa kanje igama likaNkulunkulu ngesiHebheru. [Mbonise isembozo.] Abanye abantu bakholelwa kakhulu ukuthi leli gama akufanele neze liphinyiselwe. Abanye balisebenzisa ngokukhululekile. Le Phaphama! ihlaziya le mpikiswano. Ikhuluma nangendlela esingamazi ngayo ngegama uNkulunkulu.” Funda iHubo 83:18.

“Abantu abaningi namuhla bamatasa ngakho bayakudinga ukuphumula. Mhlawumbe uzovumelana nala mazwi abhalwa eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule. [Funda umShumayeli 4:6 bese ulindela impendulo.] Le Phaphama! inikeza ukwaziswa okuwusizo mayelana nokuqaphela ukuthi awulali ngokwanele nokuthi ungabhekana kanjani nale nkinga.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela