Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/96 k. 1
  • Indlela Yokuthengisisa Ithuba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuthengisisa Ithuba
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthengisisa Isikhathi Sokufunda Nokutadisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Qaphelisisa Indlela Osebenzisa Ngayo Isikhathi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Nakekelisisa Ukuhleleka Komuntu Siqu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Sebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 10/96 k. 1

Indlela Yokuthengisisa Ithuba

1 Ukuba nokuningi kokukwenza enkonzweni kaJehova kusigcina simatasa! (1 Kor. 15:58) Siyasiqaphela isidingo sokutadisha ngokomuntu siqu nanjengomkhaya, sokufunda iBhayibheli nsuku zonke, sokulungiselela imihlangano yebandla nesokuba khona kuyo, nesokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Ababonisi banomthwalo wemfanelo wokwalusa, futhi banakekela neminye imisebenzi yebandla. Abanye banemithwalo yemfanelo esindayo yomkhaya noma banezinye izibopho eziningi kwabanye. Ukuze konke sikwenze kahle, sonke sidinga ukulinganisela nokuhleleka okuhle komuntu siqu.

2 Hlela Izinto Eziza Kuqala: Ukuphumelela ‘ekuzithengisiseleni ithuba’ kuxhomeke ekuqondeni kwethu nasekwahluleleni okuhle. (Efe. 5:15, 16) Kufanele sinqume ukuthi iziphi ‘izinto ezibaluleke ngokwengeziwe’ bese sizibeka phezulu ohlwini lwethu lwezinto eziza kuqala. (Fil. 1:10) Umbhangqwana othile wachaza umkhaya wawo ongokwasezulwini ngalendlela: “Sagcwalisa ukuphila kwethu ngeqiniso . . . Iqiniso aliyona ingxenye yokuphila kwethu, liwukuphila kwethu. Yonke enye into igxiliswe kulo.” Kubalulekile ukwenza ukukhulekelwa kukaJehova nenkonzo kuze kuqala ekuphileni.

3 Thola Izinto Ezichitha Isikhathi: Isonto linamahora angu-168, futhi kudingeka sisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi esinaso. Ukuze sibe nesikhathi esanele semisebenzi engokwasezulwini, kudingeka sithole izinto ezichitha isikhathi futhi sizinciphise. Okunye ukuhlola kwembula ukuthi umuntu omdala ovamile e-United States uchitha amahora angaphezu kwangu-30 ngesonto ebuka i-TV! Kwabanye, isikhathi esiningi sidliwa ukufunda izincwadi zezwe. Abanye bangathola ukuthi basebenzisa isikhathi esiningi kakhulu emicimbini yokuzijabulisa, ezintweni zokuzilibazisa, noma olunye uhlobo lwemidlalo yama-computer. Kungase kudingeke sihlole isimiso sethu sansuku zonke ukuze sibone ukuthi singasisebenzisa kanjani kangcono isikhathi sethu. Ukuhlakanipha kudinga ukuba sibeke imingcele esilinganisweni sesikhathi esisichitha emisebenzini engabalulekile.

4 Yiba Nesimiso Esihle: Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zethu, ngamunye wethu angakwazi ukuthenga ithuba lezinto ezingokomoya. Abanye baye bathola ukuthi ukushesha bavuke usuku ngalunye kuyabasiza ukuba bafeze okwengeziwe. Uma sisebenzisa isikhathi esiningi siya emsebenzini noma silinde abanye, esinye saleso sikhathi singasisebenzisela ukufunda iBhayibheli, ukulungiselela imihlangano, noma ukulalela ukwaziswa okulungiselelwa iNhlangano ngamakhasethi. Imikhaya izuza kakhulu ngokubekela eceleni isikhathi esingashintshi, esiqondile sokutadisha ndawonye. Uma ilungu ngalinye lomkhaya lifika ngesikhathi esifundweni somkhaya, lenza wonke umuntu angalahlekelwa isikhathi sakhe.

5 Njengoba usuku ngalunye ludlula, kufanele siqaphele ngokwengeziwe ukuthi “isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Ukuphila kwethu kuxhomeke endleleni esisebenzisa ngayo isikhathi esiyigugu esisele. Siyobusiswa uma sithengisisa ithuba ukuze sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala!—Math. 6:33.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela