“Khonzani UJehova Ngokuthokoza”
1. Yini engaba umthombo wenjabulo enkulu ezincekwini zikaJehova?
1 Umphostoli uPawulu wabhala: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!” (Fil. 4:4) Ilungelo lokutshela abanye izindaba ezinhle nelokusiza abantu abanjengezimvu ukuba bakhonze uJehova liwumthombo wenjabulo enkulu. (Luka 10:17; IzE. 15:3; 1 Thes. 2:19) Nokho, uma sithola ukuthi ngezinye izikhathi asiyitholi injabulo enkonzweni yethu, yini esingayenza?
2. Ukuhlala sikhumbula ukuthi ubani osithume lo msebenzi kunezela kanjani enjabulweni esinayo?
2 Umsebenzi Omiswe UNkulunkulu: Khumbula ukuthi nguJehova osithume lo msebenzi wokushumayela. Yebo, yeka ukuthi sinelungelo elingakanani lokuba ‘yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu’ ekumemezeleni isigijimi soMbuso nokwenza abantu babe abafundi! (1 Kor. 3:9) UKristu Jesu unathi kulo msebenzi ongeke uphinde wenziwe. (Math. 28:18-20) Izingelosi nazo zihlanganyela ngenkuthalo futhi zisebenza nathi kulokhu kuvuna okungokomoya okwenziwa manje. (IzE. 8:26; IsAm. 14:6) ImiBhalo, kanye nalokho okwenzeka kubantu bakaNkulunkulu, inikeza ubufakazi obucacile bokuthi uJehova uyawusekela lo msebenzi. Ngakho, lapho sishumayela sihamba “njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, sibonwa uNkulunkulu, sikanye noKristu.” (2 Kor. 2:17) Yeka isizathu esiqinile sokujabula!
3. Iyiphi indima ukuthandaza okuyifezayo ukuze sihlale sijabule enkonzweni kaNkulunkulu?
3 Ukuthandaza kubalulekile ukuze sihlale sijabule enkonzweni kaNkulunkulu. (Gal. 5:22) Njengoba umsebenzi kaNkulunkulu singawenza ngamandla akhe kuphela, kudingeka simnxuse asiphe umoya wakhe ongcwele, awupha labo abawucelayo. (Luka 11:13; 2 Kor. 4:1, 7; Efe. 6:18-20) Ukuyithandazela inkonzo yethu kuyosisiza sibe nombono ofanele lapho siphikiswa. Kuyosenza sikwazi ukuqhubeka sishumayela ngesibindi nangenjabulo.—IzE. 4:29-31; 5:40-42; 13:50-52.
4. Ukulungiselela kahle kusiza kanjani ekwandiseni injabulo yethu lapho sishumayela, futhi yiziphi ezinye izindlela eziwusizo esingalungiselela ngazo?
4 Lungiselela Kahle: Indlela ewusizo yokwandisa injabulo yethu enkonzweni iwukulungiselela kahle. (1 Pet. 3:15) Ukulungiselela okunjalo akufuni isikhathi esiningi kakhulu. Kuthatha imizuzwana nje ukubukeza izintshumayelo ezisikiselwe zomagazini bamuva noma intshumayelo efanele leyo ncwadi ohlela ukuyihambisa. Ukuze uthole isingeniso esifanele, ungabheka incwadi ethi Ukubonisana noma amakhophi adlule e-Nkonzo Yethu YoMbuso. Abanye abamemezeli boMbuso bakuthola kusiza ukubhala ephepheni intshumayelo emfushane. Ngezikhathi ezithile, bathi nhla ephepheni ukuze bazikhumbuze. Lokhu kubasiza ukuba bangabi novalo futhi kubenza bashumayele ngesibindi.
5. Injabulo isizuzisa kanjani thina nabanye?
5 Injabulo ihambisana nezinzuzo eziningi. Isimo sokujabula senza isigijimi sethu sikhange nakakhulu. Injabulo iyasiqinisa ukuze sikhuthazele. (Neh. 8:10; Heb. 12:2) Ngaphezu kwakho konke, ukukhonza ngokujabula kukhazimulisa uJehova. Ngakho, ‘masikhonze uJehova ngokuthokoza.’—IHu. 100:2.