Yandisa Injabulo Yakho Ekushumayeleni
1 Ingabe uyayithola injabulo yokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye enkonzweni yakho? Uma singaqaphile, izwe elibi elisizungezile lingasenza sibe namahloni ngokushumayela, siphelelwe yinjabulo yethu. Ukusebenza insimu engasabeli nakho kungasidikibalisa. Yiziphi izinyathelo eziwusizo esingazithatha ukuze sandise injabulo yethu ekushumayeleni?
2 Yiba Nesimo Esihle: Ukuhlale sinesimo sengqondo esihle kuyasiza ngempela. Enye indlela esingakwenza ngayo iwukuzindla ngelungelo elikhulu esinalo lokuba ‘izisebenzi kanye noNkulunkulu.’ (1 Kor. 3:9) UJesu naye unathi ekufezeni lo msebenzi. (Math. 28:20) Usisekela ngebutho lezingelosi. (Math. 13:41, 49) Khona-ke singaqiniseka ukuthi imizamo yethu iqondiswa ngokwaphezulu. (IsAm. 14:6, 7) Ngakho kungakhathaliseki ukuthi abanye abantu bangase basabele kanjani emsebenzini wethu, ezulwini kuba nokuthokoza okukhulu!
3 Lungiselela Kahle: Ukulungiselela okuhle nakho kuyanezela enjabulweni yethu. Ukulungela inkonzo akudingekile ukuba kube umsebenzi omkhulu. Kuthatha nje imizuzu embalwa ukucabangela iphuzu ongalikhulumela komagazini bethu bamuva noma encwadini eyisipho senyanga. Khetha intshumayelo kwesithi “Ongase Ukusho Ngomagazini,” kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bheka isenezelo sika-January 2002 esithi, “Izintshumayelo Ezisikiselwayo Zenkonzo Yasensimini,” noma ubheke encwadini Ukubonisana ukuze uthole isingeniso esiphumelelayo. Uma uthiywa ukuphikisa abaninikhaya abavame ukukusebenzisa, lungiselela impendulo ezokwazi ukuphendula lokho kuphikisa bese udonsela ukunaka endabeni evusa isithakazelo. Incwadi Ukubonisana iwusizo kakhulu kule ndaba. Ukusebenzisa la mathuluzi awusizo kuyosinika ukuzethemba esikudingayo ukuze sishumayele ngenjabulo.
4 Thandaza Ngobuqotho: Umthandazo ubalulekile ukuze sithole injabulo ehlala njalo. Njengoba senza umsebenzi kaJehova, kudingeka simnxuse ukuba asinike umoya wakhe, injabulo engesinye sezithelo zawo. (Gal. 5:22) UJehova uyosinika amandla okuqhubeka sishumayela. (Fil. 4:13) Ukuthandazela inkonzo yethu kungasisiza ukuba sibe nombono ofanele lapho sihlangabezana nezimo ezingezinhle. (IzE. 13:52; 1 Pet. 4:13, 14) Lapho sizizwa sinovalo, umthandazo ungasisiza ukuba siphikelele ngesibindi futhi sijabule.—IzE. 4:31.
5 Dala Amathuba: Yiqiniso, inkonzo yethu ijabulisa ngokwengeziwe lapho sikwazi ukuthola abantu sifakaze kubo. Ukushintsha isimiso sakho ukuze uye endlini ngendlu ngesikhathi esihlukile, mhlawumbe emini yantambama noma lapho kuhwalala, kungase kuphumelele ngokwengeziwe. Uhlangana nabantu njalo lapho uhamba emgwaqweni, uya ezitolo, noma uhamba ngebhasi noma ithekisi. Kungani ungalungiseleli intshumayelo emfushane yokuqala ingxoxo, uthathe isinyathelo sokukhuluma nalabo ababonakala benobungane? Mhlawumbe usebenza emsebenzini wokuziphilisa noma ufunda esikoleni somphakathi, lapho uhlangana khona nabantu nsuku zonke. Ungase uthole ithuba lokufakaza ngokumane uphakamise isihloko esingokomBhalo esivusa isithakazelo. Kunokusikisela okuhle okutholakala ekhasini lokuqala lesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002. Noma yimiphi kule mizamo ingenza okukhulu ekwandiseni injabulo yomuntu emsebenzini wokushumayela.
6 Njengoba injabulo isisiza ukuba sikhuthazele, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba siyilondoloze! Ngokwenza kanjalo, siyovuna umvuzo omkhulu lapho lo msebenzi ongasoze waphindwa futhi ufinyelela esiphethweni sawo. Lelo themba ngokwalo lingayandisa injabulo yethu ekushumayeleni.—Math. 25:21.