Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Oct. 15
“Izinqumo eziningi esibhekana nazo zinemiphumela emikhulu ekuphileni kwethu. Yini engasisiza ukuba sigweme ukwenza izinqumo ezingahlakaniphile? [Lindela impendulo bese ufunda IzAga 3:6.] Le Nqabayokulinda inikeza iziqondiso ezinhlanu ezisekelwe eBhayibhelini ezingasisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile.”
INqabayokulinda Nov. 1
“Sonke ngezinye izikhathi siye sadunyazwa othile ngokuthi angathembeki kithi. Ingabe wake wazibuza lo mbuzo: ‘Ukhona yini umuntu engingamethemba?’ [Lindela impendulo bese ufunda IzAga 3:5.] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani singamethemba ngokuphelele uNkulunkulu. Uxoxa nangokuthi singanquma kanjani ukuthi obani okufanele sibethembe.”
Phaphama! Nov. 8
“Uye waphawula yini ukuthi sekuvamile ukuthi sizwe ngamagciwane ahlula imithi yokwelapha? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlaziya izizathu ezibangela lokhu futhi usikisela lokho esingakwenza ukuze sizivikele. Ukhuluma nangesithembiso seBhayibheli somhlaba lapho kuyobe kungasekho muntu ogulayo.” Funda u-Isaya 33:24.
“Imikhiqizo eyenziwe ngowoyela ithinta cishe zonke izici zokuphila kwethu. Wake wazibuza yini ukuthi ukuphila kwakuyoba njani ukube yayingekho? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngendlela okwenzeka ngayo ukuba uwoyela uvelele kangaka emphakathini wanamuhla. Uchaza nokuthi kungani kungadingeki sesabe ukuthi ngelinye ilanga uwoyela uyophela.”