IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Siye sajabulela omunye unyaka ovelele wokwakha amaHholo OMbuso. Eqinisweni, kuye kwakhuthaza ukubona ukwakhiwa kwamahholo angaba ngu-180 eminyakeni emithathu edlule. Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngesibusiso sikaJehova esicebile!
Ingabe wawubonisa umoya omuhle wokusebenza ngokuzithandela ngokufaka isandla emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso? Khona-ke ubuthola injabulo ebangelwa ukupha. (IzE. 20:35) Ngaphezu kwezisebenzi zokuzithandela esinazo, sibe nezinye izisebenzi zokuzithandela ezafika zivela phesheya zizosiza ngothando ekwakheni amaHholo OMbuso. Ngenxa yalokho, enye iKomiti Yokwakha Yesifunda yakwazi ukwakha amaHholo OMbuso angu-11 ezinyangeni ezingu-9. Intshiseko enjalo inikeza ubufakazi obukhulu maqondana negama likaJehova, iwuhlaba umxhwele ngokujulile umphakathi, futhi inethonya elihle kubo bonke.
Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokulinganisa, inala yenu njengamanje iqede ukuntula kwabo.” (2 Kor. 8:14) Namuhla, ukulinganisa okufanayo kwenza kube khona izimali ezidingekayo ukuze kwakhiwe amaHholo OMbuso. Amabandla amaningi asenesikhathi eside emisiwe abelokhu esiza amabandla amancane ngokuwatholela imali ebolekisayo yamaHholo OMbuso. Ukunikela nyanga zonke Esikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso nokubuyisela imali ebolekiwe nyanga zonke kuyaziswa futhi kusiza amabandla anesidingo esikhulu samaHholo OMbuso.
La maHholo OMbuso alandelayo angu-19 anikezelwe ezinyangeni zamuva: ElaseNkande, elasEzakheni East, elasEncotshane nelaseKlaarwater (KwaZulu-Natal); elase-Amsterdam nelaKwamhlanga (eMpumalanga); elaseMafikeng South, elaseCassel, elaseHuhudi, elaseDryharts, elaseMagogoe-Koikoi nelase-Ikhutseng, (eNorth West); elaseClub View nelaseNamahadi (eFree State); elaseGinsberg nelaseNonibe (e-Eastern Cape); elaseNcweng (eNorthern Cape); elaseBoipatong (eGauteng); nelaseMantabeni (eSwazini).
Kukhuthazwa bonke ukuba baqhubeke beyisekela ngokuphelele iKomiti Yokwakha Yesifunda. Qiniseka ukuthi uyayilalela imithetho yokuphepha lapho usebenza esizeni. Ngaphandle kwezingozi ezimbalwa ezingatheni, amaKomiti Okwakha Ezifunda angu-25 aye azakhela idumela elihle lokuphepha. Amanye amaKomiti Okwakha Ezifunda ahlela ukusheshisa uhlelo lwawo lokwakha ngonyaka wenkonzo omusha ukuze asize amabandla amaningi amancane asenesidingo samaHholo OMbuso. Ngakho kusenesidingo esikhulu sezisebenzi zokuzithandela eziningi impela. Ingabe ikhona indlela ongasiza ngayo? Kwangathi imizamo yakho ingaqhubeka isekelwa umoya ongcwele ngokwentando kaJehova.—Heb. 2:4.