Ukubuthana Ndawonye Ukuze Sidumise UJehova
1. Sithini isihloko somhlangano wesigodi, futhi kungani uJehova efanelwe ukuba simdumise?
1 UJehova unamandla angenakuqhathaniswa, ukuhlakanipha okungenakufinyelelwa, ubulungisa obuphelele futhi uyilo kanye uthando. NjengoMdali, uMniki-kuphila, noMbusi Wendawo Yonke, nguye yedwa ofanelwe ukuba simkhulekele. (IHu. 36:9; IsAm. 4:11; 15:3, 4) UMhlangano Wesigodi ‘Wokukhazimulisa UNkulunkulu’ walo nyaka uzoqinisa ukuzimisela kwethu ukuba simdumise njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.—IHu. 86:8-10.
2, 3. Ukuhlela okuhle kuyosisiza kanjani ukuba sizuze ngokugcwele?
2 Kudingeka Ukuhlela Okuhle: Ukuze sizuze ngokugcwele edilini elingokomoya uJehova asigcinele lona, kubalulekile ukuhlela okuhle. (Efe. 5:15, 16) Ingabe usuwaphothulile amalungiselelo endawo yokulala, into yokuhamba, nokucela emsebenzini noma esikoleni? Ungakuhlehlisi ukwenza lezi zinto ezibalulekile kuze kwephuze kakhulu. Uma wephuza ukucela emsebenzini, ungase ulahlekelwe ingxenye ethile yalesi senzakalo esijabulisayo. Sonke kudingeka sibe khona kuso sonke isimiso. Kuthiwani uma umqashi wakho engabaza ukukukhulula? Mhlawumbe ukumchazela ukuthi imfundo esiyithola emihlanganweni isisiza sibe yizisebenzi eziqotho, ezikhuthele nezithembekile kungamsiza asamukele isicelo sakho. Ingabe kukhona abathile ebandleni lakini okungase kudingeke basizwe ukuze baye emhlanganweni? Abadala nabanye ebandleni kufanele bazazi izidingo ezikhethekile zasebekhulile nababuthaka emzimbeni.
3 Zibekele umgomo wokusheshe ufike enkundleni yomhlangano usuku ngalunye. Lokhu kuyokunikeza isikhathi sokuba uzinze endaweni yakho ngaphambi kwengoma yokuvula futhi kuyokusiza ukuba ube sesimweni esifanele sokwamukela imfundo enikezwayo. Inkundla yomhlangano iyovulwa ngo-6:30 ekuseni usuku ngalunye. Sizani ningabekisi izihlalo ngaphandle kwezamalungu omkhaya noma labo enihambisana nabo.
4. Kungani kucelwa ukuba sonke siziphathele ukudla kwasemini emhlanganweni?
4 Kucelwa ukuba sonke siziphathele ukudla kwasemini kunokuba sishiye inkundla yomhlangano siyofuna ukudla ngesikhathi sokudla kwasemini. Ukubambisana naleli lungiselelo kuyokwenza kube nesimo esinokuthula, kusinike nesikhathi esengeziwe sokuxoxa nesikholwa nabo. (IHu. 133:1-3) Sicela nikhumbule ukuthi akuvumelekile ukuphatha izitsha ezifayo notshwala emagcekeni omhlangano.
5. Singaqala kanjani ukulungisa izinhliziyo zethu ukuze sizuze emhlanganweni wesigodi?
5 Lalela Ufunde: U-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ngobuqotho ukuba amukele izwi likaNkulunkulu. (Ezra 7:10) Wathambekisela inhliziyo yakhe ezimfundisweni zikaJehova. (IzAga 2:2) Singaqala ukulungisa izinhliziyo zethu ukuze sizuze emhlanganweni wesigodi ngisho nangaphambi kokuba sisuke emakhaya ngokuzindla ngesihloko somhlangano futhi sixoxe ngaso nemikhaya yethu.
6. Yini engasisiza ukuba sigxilise izingqondo zethu esimisweni? (Bheka ibhokisi.)
6 Endaweni yomhlangano enkulu, kungase kube nezinto esizibonayo, sizwe nemisindo, okungase kusiphazamise. Iziphazamiso ezinjalo zingase ziyisuse kalula ingqondo yethu esikhulumini. Uma lokho kwenzeka, silahlekelwa ukwaziswa okubalulekile. Ukusikisela okusebhokisini elikulesi sihloko kungasisiza ukuba sithuthukise indlela yokugxilisa ingqondo.
7, 8. Singakubonisa kanjani ukucabangela abanye, futhi umhlangano wenu uqala futhi uphele nini? (Bheka ibhokisi.)
7 Cabangela Abanye: Amakhamera nama-camcorder angase asetshenziswe phakathi nesimiso, kodwa ukuze ugweme ukuphazamisa abanye, kwenze usendaweni ohlezi kuyo kuphela. Omakhalekhukhwini nama-pager kumelwe kucushwe ngendlela yokuba kungabaphazamisi abanye. Akukho muntu okufanele axhume imishini yakhe kugesi wenkundla yomhlangano noma esimisweni se-sound.
8 Yeka ukuthi sikulangazelela kanjani ukubuthana ndawonye ukuze sidumise uJehova! Sengathi singazimisela ukumkhazimulisa ngokuba khona kuso sonke isimiso, ngokulalelisisa nangokusebenzisa esikufundayo.—Dut. 31:12.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Ukulalela EMihlanganweni Yesigodi
▪ Zindla ngezihloko zezinkulumo
▪ Phenya imiBhalo
▪ Bhala amaphuzu kafushane
▪ Khetha amaphuzu ozowasebenzisa
▪ Bukeza okufundayo
[Ibhokisi ekhasini 4]
IZIKHATHI ZESIMISO
Umhlangano wezizwe:
NgoLwesine 1:20 ntambama – 4:50 ntambama
NgoLwesihlanu 9:00 ekuseni – 3:55 ntambama
NgoMgqibelo 9:00 ekuseni – 3:40 ntambama
NgeSonto 9:00 ekuseni – 3:45 ntambama
Umhlangano wesigodi:
NgoLwesihlanu nangoMgqibelo 9:00 ekuseni – 4:10 ntambama
NgeSonto 9:00 ekuseni – 3:15 ntambama