Isimiso Esisha SoMhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
1 Nakuba imithombo yezindaba nabafundisi bemfundo yezwe bekhazimulisa ingcebo yezinto ezibonakalayo, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba ‘Sicebe Emisebenzini Emihle.’ (1 Thim. 6:18) Leso yisihloko sesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa ozoqala ngo-September 2002. Yisiphi isikhuthazo esiyosithola kulo mhlangano?
2 Umbonisi wesifunda uyosichazela ukuthi kusho ukuthini ‘Ukuceba Emehlweni KaNkulunkulu,’ futhi uyoxoxa nabathile abazikhandlayo ukuze bathole ingcebo engokomoya. Enkulumweni yaso yokuqala yosuku, isikhulumi esivakashile siyobonisa indlela abantu bakaNkulunkulu abenza ngayo “Imisebenzi Emihle Kulesi Sikhathi Sokuvuna.” Ngamunye wethu uyokhuthazwa ukuba acabangele indlela esingahlanganyela ngayo ngokugcwele emsebenzini wokuvuna omiswe uNkulunkulu ofezwa namuhla.
3 Yeka ukuthi sijabula kangakanani lapho sibona intsha engamaKristu iphishekela ingcebo engokomoya! Lokhu kukhazimulisa uJehova futhi kusize intsha ukuba ibeke isisekelo esihle samalungelo enkonzo esikhathi esizayo. Inkulumo ethi “Ukuncoma Intsha Ngemisebenzi Emihle Yokudumisa UJehova” iyoqokomisa imisebenzi emihle intsha engamaKristu eyenzayo esifundeni.
4 Iyini imiphumela yokuphishekela imisebenzi emihle? Isikhulumi esivakashile siyoxoxa ngalokhu enkulumweni yaso yokugcina ethi “Qhubeka Wenza Imisebenzi Emihle, Uvune Izibusiso ZikaJehova.” Siyoxoxa ngezici ezine esivuna kuzo izibusiso ezicebile: (1) njengabantu ngabanye, (2) njengemikhaya, (3) njengebandla, (4) nanjengenhlangano yomhlaba wonke.
5 Labo abazinikezele kuJehova bayothola ithuba lokubhapathizwa. Uma usukulungele ukuthatha leso sinyathelo, yazisa umbonisi owengamele ngaphandle kokulibala.
6 Lapho kumenyezelwa usuku lomhlangano wenu, shesha wenze amalungiselelo aqinisekile okuba khona. Yenza umzamo wokufika kusenesikhathi ukuze uhlanganyele engomeni nasemthandazweni wokuvula. Ukuba khona nokulalelisisa kuso sonke isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa kuyosiqinisa ukuba siqhubeke siphishekela inkambo esenza sibe abacebe ngempela emehlweni kaNkulunkulu wethu, uJehova.