Yiba Nemigomo Engokomoya
1 Akuve kuyoba yilungelo ukudumisa uJehova phakade! Ukuze siwufinyelele lowo mgomo, singabeka imigomo engokomoya yesikhathi esifushane bese silwela ukuyifinyelela. Lokhu kusisiza ukuba sisebenzise amandla ethu ngendlela ehlakaniphile. (1 Kor. 9:26) Yimiphi imigomo okungaba nengqondo kuwe ukuzibekela yona?
2 Ukutadisha IBhayibheli: Ingabe uyawulungiselela umhlangano ngamunye webandla? Uma kunjalo, uyazinika yini isikhathi sokucwaninga nokuzindla lapho utadisha? Ngokwesibonelo, lapho ulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda neSifundo Sencwadi Sebandla samasonto onke, ingabe umane udwebele izimpendulo, noma ingabe uyayifunda imibhalo ekhonjiwe futhi ucabangisise ngezizathu zezincazelo ezinikeziwe? Ungakwenza yini umgomo wakho ukucwaninga amaphuzu ambalwa isonto ngalinye ekufundweni kweBhayibheli kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini okwabelwe? Ukucwaninga izinto ezingokomoya ngaleyo ndlela kudinga isikhathi nomzamo, kodwa kuba nemivuzo emikhulu.—IzAga 2:4, 5.
3 Imihlangano Yebandla: Omunye umgomo ukuba khona njalo kuyo yonke imihlangano yebandla emihlanu. Ukufika kusenesikhathi esanele sokujabulela ubudlelwane nesikholwa kanye nabo nokuhlanganyela engomeni nasemthandazweni wokuvula kusiza ekwakheni umoya webandla. Singase futhi silwele ukuphendula emhlanganweni ngamunye futhi sisebenzele ekuthuthukiseni izimpendulo zethu. Mhlawumbe ungase ubonise indlela umbhalo osesigabeni ohlangana ngayo nengxoxo noma ubonise indlela indaba esebenza ngayo ekuphileni kwansuku zonke.—Heb. 10:24, 25.
4 Inkonzo Yasensimini: Inkonzo yethu ithuthuka kakhulu lapho sibeka imigomo. Ingabe unawo umgomo ozibekele wona wamahora ohlela ukuwasebenzisa enkonzweni inyanga ngayinye? Abanye bakuthola kuwusizo lokho. Noma, ungakwazi yini ukuthuthuka esicini esithile senkonzo yakho, njengasekusebenziseni iBhayibheli emsebenzini wendlu ngendlu, ukwenza izimpindelo ezinenjongo, ukulwela ukuqala isifundo seBhayibheli, noma ukufundisa ngokuphumelela ngokwengeziwe ezifundweni?
5 Bazali, niyazikhuthaza yini izingane zenu ukuba zibe nemigomo enkonzweni kaJehova? Zisizeni ukuba zibone ukuthi ukukhonza njengephayona, isithunywa sevangeli, noma ilungu lomkhaya waseBethel kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa ukuthi zimazisa ngokujule kangakanani uJehova.—UmSh. 12:1.
6 Njengoba sihlola imisebenzi yethu, siba nemigomo engokomoya, bese sisebenzela ukuyifinyelela, siyothola injabulo eyengeziwe enkonzweni yethu futhi sibe umthombo wesikhuthazo kwabanye.—Roma 1:12.