Isimiso Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa Ka-2010
1. (a) Yiziphi izihloko ezingokomBhalo zesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa okuye kwaxoxwa ngazo kule minyaka yamuva? (b) Ingabe akhona amaphuzu akhethekile owawathola emihlanganweni ekhethekile yosuku olulodwa edlule akusiza enkonzweni yakho yasensimini?
1 “Qiniseka Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu,” “Yimani Niqine Njengomhlambi Owodwa,” “Qhubekani Ninikeza Ubufakazi Ngeqiniso,” nesithi “Siwubumba—UJehova UnguMbumbi Wethu.” (Fil. 1:9, 10, 27; Joh. 18:37; Isaya 64:8) Lezi ezinye zezihloko ezimbalwa kweziningi okwaxoxwa ngazo emihlanganweni ekhethekile yosuku olulodwa edlule. Ingabe uyakulangazelela ukuba khona emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2010? Uyothuthukisa isihloko esithi: “Isikhathi Esisele Sinciphile,” esisekelwe kweyoku-1 Korinte 7:29.
2. Ungakwakha kanjani ukulangazela ngalo mhlangano?
2 Yakha ukulangazela ngomhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngokushesha nje ngemva kokumenyezelwa kwawo ebandleni lenu. Abanye abazali basiza izingane zabo ukuba zibheke phambili emhlanganweni ngokuphawula usuku lomhlangano ekhalendeni lomkhaya, kanye nohlu lwezinto ezidingekayo, bese bebala izinsuku ezisele ngaphambi komhlangano. Phakathi nesimiso soBusuku BoKukhulekela Komkhaya, ungase uthande ukubukeza amaphuzu emihlangano ekhethekile yosuku olulodwa edlule. Ungase futhi ulungise inhliziyo yakho ngalesi senzakalo ngokubukeza incwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, amakhasi 13-16, ukuze akusize wena nomkhaya wakho ‘ninakisise indlela enilalela ngayo.’—Luka 8:18.
3. Singazuza kanjani ngokugcwele kulokho kwaziswa esizokuthola emhlanganweni?
3 Sebenzisa Lokho Okufundayo: Amazwi avame ukushiwo ngemva komhlangano awukuthi, “Saze samnandi isimiso salo mhlangano!” Lokhu kuhlale kuyiqiniso, njengoba kungelinye lamalungiselelo kaJehova acebile. (IzAga 10:22) Ukuze okufundile kube nezithelo, kufanele uzindle ngakho futhi ukulondoloze. (Luka 8:15) Lapho nibuyela ekhaya, zinikeni isikhathi sokuxoxa ngesimiso njengomkhaya noma nalabo enihamba nabo emotweni. Xoxani ngemigomo yomunye nomunye nangamaphuzu ayonisiza enkonzweni yenu. Ukwenza kanjalo kuyonisiza ukuba nikusebenzise isikhathi eside lokho enikufundile ngemva komhlangano.—Jak. 1:25.
4. Kungani lo mhlangano uzoba okhethekile kithi?
4 Njalo sizizwa sikhethekile lapho sithola isipho esiwusizo esiyinto esiyidingayo. Asikulindele yini ngokulangazela lokho uJehova asibekele kona emhlanganweni wethu okhethekile wosuku olulodwa ozayo? Singaqiniseka ukuthi lokhu kuyoba usizo ngazo zonke izindlela. Singalindela ukuthola isipho esifanele kuBaba wethu wasezulwini uJehova, ngokukhuthazwa nangokuqeqeshelwa ukwenza umsebenzi asabele wona.—2 Thim. 4:2; Jak. 1:17.