Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa esiqala ngo-September 2000 siyoba nesihloko esithi ‘Yibani Abakhule Ngokugcwele Emandleni Okuqonda.’ (1 Kor. 14:20) Kungani kubalulekile ukuba sibe khona? Siphila ezweni eligcwele ububi nokonakala. Ukuze simelane nalokhu, kumelwe sithuthukise amandla ethu okuqonda okungokomoya ukuze sinqobe ububi ngobuhle. Yilokho isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa esiyosisiza ukuba sikwenze.
Engxenyeni yokuqala yesimiso, umbonisi wesifunda uyoxoxa ngesithi “Usizo Lokukhula Ngokugcwele Ekuqondeni IBhayibheli.” Uyosibonisa ukuthi singaqina kanjani okholweni lobuKristu. Isikhulumi esihambele siyoqokomisa ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokoqobo kubaluleke kangakanani ekuthuthukiseni amandla okuqonda lapho sikhuluma ngesihloko esithi “Londoloza Ingokomoya Ngokuqeqesha Amandla Akho Okuqonda.”
Intsha nayo kumelwe ithuthukise amandla okuqonda. Lokhu kuyoxoxwa ngakho enkulumweni ethi “Isizathu Sokuba Sibe Yizingane Ebubini” nethi “Intsha Ezuza Ukuqonda Manje.” Yizwa intsha ilandisa ukuthi yenzani ukuba iziqinise ngokomoya ukuze ikwazi ukulawula noma iliphi ilukuluku lokwazi imisebenzi yezwe elonakele futhi igweme izinkathazo.
Singayithola kanjani injabulo enkulu ekuphileni? Isikhulumi esihambele siyokuchaza lokhu enkulumweni yokuphetha ethi “Zuza Ngokusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ngokuqonda.” Siyonikeza izibonelo zokubonisa ukuthi ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kuyasisiza ukuba sibhekane nezinkinga, senze izinqumo futhi sizuze ngempela kulokho uJehova asifundisa kona.
Labo abafisa ukubonakalisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi emhlanganweni kufanele bazise umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Phawula ekhalendeni lakho usuku lomhlangano okhethekile ngokushesha nje lapho selwazisiwe, wenze amalungiselelo aqondile okuzuza kulesi simiso esicebile. Ungalahlekelwa yinoma iyiphi ingxenye yomhlangano okhethekile wosuku olulodwa! Uyokuqinisa ukuba ukhuthazelele lesi simiso esonakele futhi uhlale uthembekile kuJehova.