ISimiso Semihlangano Yenkonzo
SIZANI NIPHAWULE: UMhlangano Wenkonzo wokubukeza amaphuzu avelele omhlangano wesigodi, njengoba kwaziswa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2001, manje usuzohlelelwa inyanga ka-February 2002.
Isonto Eliqala Ngo-January 14
INgoma 3
15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Xoxa ngebhokisi elithi “Kwakhiwé Izinhlangano Ezintsha.”
10 imiz: “Ongase Ukusho Ngomagazini.” Imiboniso yendlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-January 15 ne-Phaphama! ka-February 8. Khuthaza bonke abamemezeli ukuba basekele uSuku Lukamagazini.
20 imiz: Ukuzuza Emalungiselelweni Omusa. Inkulumo enikezwa umdala ofanelekayo, echaza ngamalungiselelo enzelwe ukusiza lapho senza izinqumo zezokwelapha, njengamakhadi anikeza abezokwelapha isiqondiso nesihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2000 neka-October 15, 2000. Ibandla kufanele libe namakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card anele ukuze anikezwe abamemezeli. La makhadi azotholwa ngabamemezeli ababhapathiziwe ngemva kwemihlangano yanamuhla, kodwa AKUMELWE agcwaliswe namuhla. Ukusayina komnikazi wekhadi, okofakazi, nokubhala usuku kuyokwenziwa eSifundweni Sencwadi Sebandla esilandelayo, ngosizo lomqhubi wesifundo sencwadi uma kudingekile. Abasayina njengofakazi kumelwe bambone umninikhadi esayina leli khadi. Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela isiqondiso sabo nesabantwana babo ngokuvumelanisa okulotshwe kula makhadi nezimo zabo nezinkolelo zabo. Gcizelela ukuhlakanipha kokwenza izinqumo zezokwelapha kusengaphambili ngokusekelwe konembeza babo abaqeqeshwe ngeBhayibheli. (IzAga 27:12; 14:15) Kubalulekile ukuxoxa kusengaphambili nezisebenzi zezokwelapha uchaze ngokucacile ukuthi yiziphi izindlela zezokwelapha nemithi oyamukelayo. Kudingeka umuntu ngamunye atadishisise ukuze akwazi ukwenza izinqumo ezifanelekayo. Funda izigaba ezifanele ezihlokweni ze-Nqabayokulinda eziphawulwe ngenhla. Abadala bazimisele ukusiza, kodwa abakwazi ukwenzela abanye izinqumo. Chaza izindlela abangalungiselela ngazo okuthile okulotshiwe ngezinqumo zabo.
INgoma 55 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 21
INgoma 104
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Xoxani ngebhokisi elithi, “Beka Okuthile Eceleni.”
13 imiz: Ingabe Uyayihlola ImiBhalo Nsuku Zonke? Ingxoxo yomkhaya. Ukuze wandise izinzuzo zengxoxo yawo yansuku zonke yetekisi losuku, ucabangela INqabayokulinda ka-December 15, 1996, ikhasi 18, izigaba 13-14. Bukeza kafushane amatekisi osuku amabili noma amathathu afundwé muva nje, uchaze indlela ukwaziswa okukuwo okwaba yinzuzo ngayo ngokukhethekile. Gcizelela ukuthi leli lungiselelo kufanele libe enye ingxenye yesifundo somkhaya seBhayibheli sasikhathi sonke eklanyelwe ukuwugcina uphila ngokomoya.
22 imiz: “Beka UMbuso Kuqala.”a Hlanganisa nemibuzo embalwa esekelwe emaphuzwini asemqoka e-Nqabayokulinda ka-September 1, 1998, amakhasi 19-21.
INgoma 168 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 28
INgoma 196
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba banike abaqhubi babo besifundo sencwadi sebandla imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-January. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yenza umboniso wezintshumayelo ezimbili ezimfushane zokuhambisa umagazini, komunye usebenzise INqabayokulinda ka-February 1, komunye usebenzise i-Phaphama! ka-February 8. Yisho isipho sencwadi sika-February, uqokomisa izincwadi ibandla elinazo esitokweni.
20 imiz: “Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Kusukela Ziseyizinsana.”b Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1998, ikhasi 32. Cela abazali balandise imiphumela emihle abaye bayifinyelela ngokuqala ukuqeqesha izingane zabo ngokomoya ziseyizinsana.
15 imiz: Izidingo zebandla. Cela abamemezeli balandise okuhlangenwe nakho ababe nakho lapho besebenzisa incwadi Ukubonisana, behambisa izincwajana ezithile ukuze baphendule imibuzo yabantu, noma benikeza induduzo engokomBhalo evela encwajaneni ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Mhlawumbe nilingise okukodwa noma okubili kwalokho okuhlangenwe nakho.
INgoma 202 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 4
INgoma 212
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: “Bayozwa Kanjani?”c Thola ukukhulumela kwezilaleli kwendlela imiBhalo esebenza ngayo. Hlanganisa imibuzo esezigabeni 17-18 ekhasini 20 kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1998.
20 imiz: “Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo.” Ingxoxo nezilaleli okumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Lesi senezelo siqukethe izintshumayelo ezisikiselwayo eziye zavela emakhophini e-Nkonzo Yethu YoMbuso adlule, kanye nezinye ezintsha. Imigqa engabhalwe lutho ingasetshenziselwa ukubhala okunye ukusikisela okuvelayo esikhathini esizayo futhi okubonakala kuphumelela ensimini yebandla. Cela izilaleli zisho izintshumayelo ezizithanda ngokukhethekile nokuthi kungani. Yenza umboniso weyodwa noma ezimbili ezingasetshenziswa nesipho sencwadi ngo-February. Khuthaza bonke abamemezeli ukuba basigcine kahle lesi senezelo futhi babhekisele njalo kuso lapho belungiselela inkonzo.
INgoma 224 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.