Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/02 k. 1
  • “Bayozwa Kanjani?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bayozwa Kanjani?”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lungiselela Ukukhululelwa Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • ‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Khumbula UmkaLoti
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Kufanele Sibabheke Kanjani Abantu Njengoba Usuku LukaJehova Lusondela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 1/02 k. 1

“Bayozwa Kanjani?”

1 UJesu wagcizelela: “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Naphezu kwemizamo yethu yenkuthalo, kusenamakhulu ezinkulungwane zabantu abangakabutholi ubufakazi ngokomuntu siqu. Abanye ohulumeni bayawuvimbela umsebenzi wethu. Amazwe amaningi anezibalo ezinkulu zabantu ezanda ngokushesha. Ngakho, “bayozwa kanjani?”—Roma 10:14.

2 Methembe UJehova: Kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova wazi isimo sezinhliziyo zabo bonke abantu. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo somuntu, uma elifuna ngobuqotho iqiniso ngoNkulunkulu, uyolithola.—1 IziKr. 28:9.

3 U-Abrahama wayekhathazekile ngezakhamuzi zaseSodoma naseGomora. Kodwa uNkulunkulu wamqinisekisa ukuthi iSodoma lalingeke libhujiswe ngisho noma kwakungatholakala abantu abalungileyo abayishumi nje kuphela kulo. (Gen. 18:20, 23, 25, 32) UJehova akakaze abhubhise olungileyo kanye nomubi njengoba kwaboniswa ukukhululwa kukaLoti namadodakazi akhe.—2 Pet. 2:6-9.

4 U-Eliya wake wacabanga ukuthi wayesele yedwa qhwaba ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso. Nokho, uJehova wamqinisekisa ukuthi wayengeyedwa neze nokuthi umsebenzi ayewuqalile wawuzoqedwa. (1 AmaKh. 19:14-18) Kuthiwani ngesimo osukwini lwethu?

5 Hlale Umatasa Enkonzweni KaNkulunkulu: Asazi ukuthi umsebenzi wokufakaza kusamelwe wenziwe ngezinga elingakanani. Lo msebenzi ungokaJehova futhi usebenzisa izingelosi zakhe ukuba ziwengamele. (IsAm. 14:6, 7) Nguye okumelwe anqume ukuthi ubufakazi kufanele bunikezwe ngezinga elingakanani kuzo zonke izizwe. Uma ethanda, uJehova angenza ukuba isigijimi soMbuso sisakazwe ngezindlela esingenakuzicabanga manje ukuze abantu abaningi ngokwengeziwe ‘bezwe izwi lezindaba ezinhle futhi bakholwe.’ (IzE. 15:7) Akwenzayo uJehova kuyobe kuvumelana ngokugcwele nalokho ayikho—uNkulunkulu onothando, ohlakaniphile nonobulungisa.

6 Kuyilungelo kithi ukusebenza ngokuvumelana nentando kaJehova, senza okusemandleni ethu ukuze wonke umuntu ezwe izindaba ezinhle.—1 Kor. 9:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela