ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2001
1 Kunezizathu eziningi ezingokomBhalo zokuthi kungani sonke kufanele sihlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.—IzAga 15:23; Math. 28:19, 20; IzE. 15:32; 1 Thim. 4:12, 13; 2 Thim. 2:2; 1 Pet. 3:15.
2 Sekuyisikhathi eside kunesimiso samasonto onke sokufundwa kweBhayibheli esikoleni. Kufana nokufunda ikhasi elilodwa leBhayibheli usuku ngalunye. Kusukela kulo nyaka, kuye kwahlelwa ukuba kufundwe iBhayibheli isonto ngalinye lokubuyekeza okulotshwayo. Isimiso esiseceleni sokufunda iBhayibheli ebesihlelelwe iminyaka emithathu edlule, sesiphelile. Kodwa uma ufisa ukufunda iBhayibheli ngaphezu kwalokho okuhleliwe, ungase uzenzele esakho isimiso sokufunda.
3 Inkulumo No. 2 iqeqesha abazalwane ukuba bakwazi ‘ukufundela iningi’ iZwi likaNkulunkulu. (1 Thim. 4:13) Uma unesabelo sokufunda, siprakthize ngokuzwakalayo izikhathi eziningi.
4 Inkulumo No. 3 no-No. 4 zisekelwe encwadini Ukubonisana, eyayenzelwe ukusetshenziswa enkonzweni yasensimini. Uma ukwaziswa okwabelwe kukuningi kunesikhathi osabelwe, khetha okuyosebenza kangcono ensimini yebandla lenu. Noma ikuphi ukuhlelwa kwenkulumo okufanelekayo ensimini yenu kungase kusetshenziswe.
5 Yenza yonke imizamo enengqondo ukuba ufeze zonke izabelo zakho esikoleni. Zinikeze isikhathi ukuze ulungiselele kahle futhi ukhulume ngokusuka enhliziyweni. Uyoba umthombo wesikhuthazo ebandleni futhi nawe siqu uyozuza ngokuhlanganyela ngenhliziyo yakho yonke eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini phakathi no-2001.