Ukucindezela Kontanga Nelungelo Lakho Lokushumayela
1 Ukucindezela kontanga kuyithonya elinamandla—lokuhle noma lokubi. Izinceku zikaJehova esikanye nazo zinethonya elihle elisikhuthazela emisebenzini emihle yobuKristu. (Heb. 10:24) Nokho, amalungu omkhaya angebona oFakazi, esisebenza nabo, esifunda nabo, omakhelwane, noma abanye esibajwayele bangase basicindezele ukuba silandele inkambo ephambene nezimiso zobuKristu. Bangase bakhulume ‘ngokululazayo ngokuziphatha kwethu okuhle mayelana noKristu.’ (1 Pet. 3:16) Singakulondoloza kanjani ukuzimisela kwethu ukuba siqhubeke sishumayela naphezu kokucindezela kontanga okubi esingase sibhekane nakho?
2 Amalungu Omkhaya: Ngezinye izikhathi, umyeni nobaba ongeyena omunye woFakazi BakaJehova angase angafuni ukuba umkakhe nezingane bahlanganyele enkonzweni yasobala. Kwenzeka okufanayo emkhayeni othile eMexico. Inkosikazi yendoda ethile nabantwana bayo abayisikhombisa bamukela iqiniso. Ekuqaleni, yayiphikisa ngoba ingafuni ukuba umkhaya wayo ushumayele futhi uhambise izincwadi zeBhayibheli endlini ngendlu. Yayinomuzwa wokuthi lokhu kwakuwukuzehlisa. Nokho, umkayo nezingane bama beqinile esinqumweni sabo sokukhonza uJehova nokuhlanganyela njalo enkonzweni. Ngokuhamba kwesikhathi, le ndoda yaqala ukubona izinzuzo zokwamukela ilungiselelo likaNkulunkulu lomsebenzi wokushumayela futhi nayo yazinikezela kuJehova. Kwayithatha iminyaka engu-15 ukwamukela iqiniso, kodwa ingabe yayiyoke ikwenze ukuba umkhaya wayo wawungazange ukhuthazele elungelweni lawo lokushumayela?—Luka 1:74; 1 Kor. 7:16.
3 Esisebenza Nabo: Imizamo yakho yokufakaza kosebenza nabo ingase ingamukelwa kahle abathile. Omunye udade walandisa ukuthi lapho kuvuka ingxoxo ehhovisi ngokuphathelene nokuphela kwezwe, wahlekwa ngoba wasikisela ukuba bafunde uMathewu 24. Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbalwa kamuva, omunye walabo abasebenza naye wamtshela ukuthi wayesifundile lesi sahluko futhi wayehlabeke umxhwele. Wamukela incwadi futhi kwahlelwa ukuba kuqhutshwe isifundo seBhayibheli sakhe nomyeni. Isifundo sokuqala sadonsa kwaze kwashaya ihora lesibili ekuseni. Ngemva kwesifundo sesithathu, baqala ukuba khona emihlanganweni futhi ngokushesha ngemva kwalokho bayeka ukubhema futhi baqala ukuhlanganyela ensimini. Ingabe kwakuyokwenzeka lokhu ukuba udadewethu wayengazange ayenze imizamo yokuhlanganyela ithemba lakhe nabanye?
4 Esifunda Nabo: Kuyinto evamile ukuba intsha engoFakazi ibhekane nokucindezela kontanga esikoleni futhi yesabe ukuthi enye intsha izoyibukela phansi uma ihlanganyela emsebenzini wokushumayela. Omunye omusha ongumKristu e-United States wathi: “Ngangikwesaba ukufakaza kwenye intsha ngoba ngesaba ukugconwa.” Ngakho wawagwema amathuba okufakaza kontanga esikoleni nasensimini. Ungawathola kanjani amandla okubhekana nokucindezela kontanga? Thembela kuJehova, ufune ukwamukelwa nguye. (IzAga 29:25) Ziqhenye ngekhono lakho lokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu enkonzweni yakho. (2 Thim. 2:15) Omusha okusanda kukhulunywa ngaye waqala ukuthandaza kuJehova, ecela ukuba amsize ahlakulele isifiso sokuxoxa nafunda nabo. Waqala ukufakaza ngokwethukela esikoleni, umphumela waba muhle, futhi ngokushesha wayesexoxa nabo bonke abaziyo. Ekuphetheni wathi: “Leyo ntsha idinga futhi ifuna ithemba ngekusasa, futhi uJehova usebenzisa thina ukuba siyisize.”
5 Omakhelwane: Kungenzeka kube nomakhelwane noma abanye esibajwayele abacasulwa yilokho esiyikho nezinkolelo zethu. Uma wesaba lokho abakucabangayo, zibuze: ‘Ingabe bayalazi iqiniso eliholela ekuphileni okumi phakade? Yini engingayenza ukuze ngifinyelele izinhliziyo zabo?’ Umbonisi wesifunda othile waphawula ukuthi imiphumela iba mihle lapho ukufakaza kuba kufushane kodwa kwenziwa njalo komakhelwane. Nxusa uJehova ukuba akunike amandla nokuhlakanipha okudingayo ukuze uqhubeke ufuna abanhliziyo ziqotho.—Fil. 4:13.
6 Ukuvumela kwethu ithonya elibi lontanga kungase kujabulise abaphikisi, kodwa ingabe ukwenza kanjalo kuyobazuzisa bona—noma thina? UJesu wayephikiswa abantu bomphakathi wakubo. Wakhuthazelela ngisho namazwi endelelo abafowabo. Kodwa wayazi ukuthi wayengabasiza ngokuba ame eqinile enkambweni uNkulunkulu ayembekele yona. Ngakho, uJesu ‘wakhuthazelela inkulumo enjalo ephikisayo yezoni ngokumelene nezinzuzo zazo siqu.’ (Heb. 12:2, 3) Nathi kumelwe senze okufanayo. Zimisele ukulisebenzisa ngokugcwele ilungelo lakho lokushumayela isigijimi soMbuso. Ngokwenza kanjalo, ‘uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.’—1 Thim. 4:16.