ISikole Esisihlomisela Ukwenza Izinto Ezibaluleke Kakhulu
1 Abantu baya esikoleni ukuze bathole imfundo eyobasiza bafinyelele imigomo yabo ekuphileni. Nokho, yimuphi umgomo obaluleke ngaphezu kokudumisa uMniki-kuphila ngokwakhe nokusiza abanye bafunde ngezinjongo zakhe nezindlela zakhe? Awukho. Umgomo weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ukusilungiselela ukufundisa abanye ngokholo lwethu. Ngakho, lapho siba khona esikoleni isonto ngalinye, sizuza amakhono asihlomisela imisebenzi ebaluleke kakhulu ekuphileni.
2 Kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso yenyanga edlule sathola “ISimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2003.” Lesi simiso siqukethe nemininingwane yendlela isikole esiyoqhutshwa ngayo. Uyokuthola kuwusizo ukugcina lesi simiso encwadini yakho ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, okufanele uyiphathe lapho uya eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini isonto ngalinye. Cabangela ezinye zezici zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sika-2003.
3 Imfanelo Yokukhuluma: Kusukela ngo-January, umhlangano ngamunye uyoqala ngenkulumo yemizuzu emihlanu edingida imfanelo yokukhuluma noma isici esithile sokufunda, ukutadisha, noma ukufundisa. Lezi zinkulumo ezivula isimiso ziyosingathwa umbonisi wesikole, noma angase abele omunye umdala ofanelekayo ukuba anikeze le nkulumo. Isikhulumi siyonikeza incazelo yemfanelo yokukhuluma bese sibonisa nokubaluleka kwayo. Siyobe sesenaba ngokunikeza izibonelo ezingokomBhalo nangokubonisa indlela yokusebenzisa leyo mfanelo, siqokomise indlela ukwenza kanjalo okungathuthukisa ngayo inkonzo yethu yasensimini.
4 ISabelo No. 1: Abazalwane ababelwe ukunikeza inkulumo yokuyala bayacelwa futhi ukuba ‘bagxile enzuzweni yangempela yendaba edingidwayo.’ Lokhu kusho ukuthi kufanele babonise ibandla indlela yokusebenzisa lokho kwaziswa. Uma unikezwa lesi sabelo, bheka emakhasini 48-9 encwadini ethi ISikole Senkonzo ukuze uthole ukusikisela kwendlela ongalungiselela ngayo, futhi ufunde indaba eboniswe ezikhombweni zencwadi ngaphansi kwesithi “Ukuyenza isebenze.”
5 Isimiso Sokufunda IBhayibheli: Uma, ngaphambili wawungazange ukwazi ukuhambisana nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke, kungani ungazimiseli ukunamathela esimisweni kulo nyaka? Labo abayokwenza kanjalo bayobe sebeqede imiBhalo YamaKristu YesiGreki lapho unyaka uphela. Izinzuzo zokuqala isimiso sokufunda iBhayibheli ngemiBhalo YesiGreki zichazwe ekhasini 10, isigaba 4, encwadini ethi ISikole Senkonzo.
6 Amaphuzu Avelele Ekufundweni KweBhayibheli: Isikhathi sale nkulumo sandisiwe saba imizuzu eyishumi ukuze izilaleli zikwazi ukuveza amaphuzu eziwathole ezahlukweni zalelo sonto. Ababelwe le nkulumo kufanele bagcine isikhathi abasinikeziwe. Le nkulumo iyonikezwa masonto onke kuhlanganise nangesonto lokubukeza komlomo. Njengoba ufunda izahluko ezabiwe, bheka amaphuzu ayokusiza esifundweni somkhaya wakho, enkonzweni yakho, noma endleleni yakho yokuphila. Yiziphi izimfanelo uJehova azibonisa lapho esebenzelana nabantu bakhe nezizwe? Yini oyifundile eqinisé ukholo lwakho futhi yakha ukwazisa kwakho uJehova? Zizwe ukhululekile ukukhulumela noma yiliphi iphuzu ezahlukweni ezabiwe, ngisho nasemavesini azofundwa eSabelweni No. 2, njengoba umzalwane onikeza le nkulumo yokufunda engeke awakhulumele amavesi.
7 ISabelo No. 2: Isabelo sokuqala ezinkulumweni zabafundi isonto ngalinye kuyoba ukuziqeqeshela ukufundela iningi. Zonke ziyothathwa ekufundweni kweBhayibheli kwalelo sonto ngaphandle kwenkulumo yokufunda yesonto lokugcina enyangeni. Inkulumo yokufunda yokugcina enyangeni iyothathwa kuyi-Nqabayokulinda. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Ngale ndlela, uyokwazi ukugxilisa ukunakekela kwakhe konke ekhonweni lakhe lokufunda.—1 Thim. 4:13.
8 IZabelo No. 3, Kanye No-4: Ezinye zalezi zabelo kungatholakala ukwaziswa okuningi ngazo encwadini Ukubonisana kunezinye; ezinye zinesihloko kuphela. Labo abanikezwe izabelo ezinokwaziswa okuncane okunikeziwe noma ezinesihloko kuphela bayoba nethuba lokuthuthukisa izinkulumo zabo ngokucwaninga ezincwadini zethu zobuKristu. Lokhu kungase kwenze kube lula ngawodade ukuba bafanelanise izinkulumo zabo nabasizi babo.
9 Ukuhlelwa Kwenkulumo: Njengoba kuboniswe ekhasini 45 encwadini ethi ISikole Senkonzo, umbonisi wesikole angase akwabele ukuhlelwa kwenkulumo. Uma engabanikezanga ukuhlelwa kwenkulumo, khona-ke odade bangase bakukhethe ohlwini olusekhasini 82. Uma udade enikeza inkulumo eyodwa njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, lezi zindlela ezingu-30 zokuhlelwa kwenkulumo ziningi ngokwanele ukuba zithathe iminyaka emihlanu. Odade abakhetha uNo. 30, othi, “Ezinye izethulo ezifanelekayo endaweni yakini,” kufanele babhale lokho kuhlelwa kwenkulumo ekugcineni noma ngemuva kwepheshana lesabelo senkulumo (S-89). Umbonisi wesikole uyobhala usuku lwenkulumo yomfundi ekhasini 82 lencwadi yomfundi eceleni kokuhlelwa kwenkulumo akusebenzisile. Lokhu angakwenza ngesikhathi ephawula iphepha leseluleko lomfundi.
10 Iphepha Leseluleko: Iphepha lakho leseluleko lisencwadini yakho. Lisemakhasini 79-81. Ngakho, kuzodingeka unikeze umbonisi wesikole incwadi yakho ngemva kwenkulumo ngayinye oyinikezayo. Umbonisi wesikole kuzodingeka agcine umbhalo wamaphuzu abafundi abasebenzela kuwo.
11 Ukubukeza Komlomo: Ukubukezwa kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kuyokwenziwa ngomlomo. Kuyokwenziwa kanye njalo ngemva kwezinyanga ezimbili futhi kuyothatha imizuzu engu-30. INkonzo Yethu YoMbuso izoqhubeka isinika imibuzo ezocatshangelwa phakathi nokubukeza. Uma isonto elihlelelwe ukubukeza komlomo lishayisana nesonto lomhlangano wesifunda noma nokuhambela kombonisi wesifunda, khona-ke kumelwe kunikezwe izinkulumo zesonto elilandelayo bese ukubukeza komlomo kuhlehliselwa isonto elilandelayo.
12 Amakilasi Aseceleni: Emabandleni anabantu abangaphezu kwabangu-50 ababhalise esikoleni, abadala bangase bacabangele ukusebenzisa amakilasi aseceleni. “Kulezi zindawo kungase kube yizo zonke izinkulumo zabafundi noma ezimbili zokugcina.” (ISikole Senkonzo, k. 285) Lokhu kokugcina kwenzelwa amabandla anodade abaningi kodwa anabazalwane abambalwa abangasingatha izabelo zokufunda. Abadala kufanele bakhethe abazalwane abafanelekayo ukuba baqhube la makilasi.
13 Umeluleki Ongumsizi: Njengoba kuboniswe esimisweni seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, indikimba yabadala kufanele ikhethe umeluleki ongumsizi ozokweluleka ngasese abadala nezinceku ezikhonzayo abanikeza amaphuzu avelele eBhayibheli nezinkulumo zokuyala. Umzalwane owabelwa ukwenza lokhu kufanele kube umakad’ ebona, oseluleko sakhe siyohlonishwa abanye abadala. Kufanele anikeze iseluleko esakhayo, ancome amakhono amahle okukhuluma nokufundisa bese esikisela iphuzu elilodwa noma amabili adinga ukuthuthukiswa. Asikho isidingo sokunikeza iseluleko ngemva kwenkulumo ngayinye enikezwa umzalwane onikeza izinkulumo njalo. Nokho, umzalwane owabelwe ukunikeza iseluleko kufanele abe nokuqonda futhi aqaphele ukuthi ngisho nabazalwane asebenikeza izinkulumo zeningi bangasizwa ukuba baqhubeke bethuthuka.—1 Thim. 4:15.
14 Okufanele Kunakwe: Yini engasiza umeluleki ukuba ahlaziye inkulumo? Ibhokisi lesithathu kweziningi zezahluko ezingu-53 zencwadi ethi ISikole Senkonzo liqukethe ukubukezwa okufushane kwalokho okufanele kunakwe. Umbonisi wesikole kufanele aphawule nezinye izikhumbuzo noma ukusikisela okusencwadini okuyomsiza ukuba ahlaziye masinyane ukuthi inkulumo inikezwe ngendlela evumelanayo nephumelelayo. Ngokwesibonelo, phawula uhide lwemibuzo ephezulu ekhasini 55 nokusikisela okusesigabeni sokuqala ekhasini 164.
15 Gcwalisa Izikhala: Ngaphezu kosebe lwamakhasi olubanzi, incwadi ethi ISikole Senkonzo iphinde ibe nezikhala eziningana ezishiyelwe ukuba ubhale amaphuzu engeziwe phakathi nesifundo somuntu siqu nalapho useSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. (Bheka amakhasi 77, 92, 165, 243, 246, no-250.) Yiphathe masonto onke incwadi yakho. Hambisana nenkulumo evula isimiso. Yivule incwadi yakho phakathi naso sonke isikole. Phawula ukusikisela okwenziwa umbonisi wesikole. Naka izindlela zokufundisa, imibuzo, izibonelo, izifenqo, imifanekiso, izinsiza-kufundisa, neziqhathaniso ezisetshenziswa yizikhulumi. Ngokubhala amaphuzu awusizo, uyokwazi ukukhumbula nokusebenzisa amaphuzu amaningi amahle owathole esikoleni.
16 UJesu Kristu wayazi ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuyilungelo elikhulu kunawo wonke angase anikezwe umuntu. Kwakuwumsebenzi wakhe oyinhloko. (Marku 1:38) Wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa khona.” (Luka 4:43) Njengoba siye samukela isimemo sokumlandela, nathi simatasa kakhulu ekushumayeleni izindaba ezinhle, futhi ngaso sonke isikhathi silwela ukuthuthukisa izinga ‘lomhlatshelo wethu wokudumisa.’ (Heb. 13:15) Ukuze sikufinyelele lokhu, kwangathi singazimisela ukuhlanganyela njalo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, isikole esiyosihlomisela izinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni.