‘Yiba Nesandla Esivulekile, Ulungele Ukupha Abanye’
1 Emakhulwini eminyaka adlule umphostoli uPawulu wayala uThimothewu ukuba akhuthaze akholwa nabo “basebenzele kokuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye.” (1 Thim. 6:18) UPawulu futhi wakhumbuza amaKristu angamaHeberu ukuba angakhohlwa “ukwenza okuhle nokuhlanganyela izinto nabanye.” (Heb. 13:16) Kungani abhala lezi ziyalezo? Ngoba wayazi ukuthi kwakuyoba “inkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu osebenza okuhle.”—Roma 2:10.
2 Ngenxa yokuthi unguMdali, uJehova uNkulunkulu unguMnikazi wazo zonke izinto. (IsAm. 4:11) Siyakwazisa ngempela lokho asenzela kona ngezinto zakhe. Nakuba abantu abaningi bengabongi, oPhezukonke uyaqhubeka esivumela sonke ukuba sizuze emalungiselelweni akhe ayinala okusekela ukuphila. (Math. 5:45) Waze wanikela ngisho nangeNdodana yakhe ethandekayo ukuba ibe umhlatshelo ukuze sizuze ukuphila okumi phakade. Akufanele yini uthando esilubonisiwe lusiphoqelele ukuba sizibonakalise singababongayo ngokuba sibe nesandla esivulekile kwabanye abantu?—2 Kor. 5:14, 15.
3 Yini Esingayipha Abanye? Kuyafaneleka ukuba sisebenzise noma yiziphi izinto esinazo ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Ngempela sifuna ukusekela umsebenzi woMbuso womhlaba wonke ngezinto ezibonakalayo nangokomoya. Yebo, izindaba ezinhle ziyinto eyigugu kunazo zonke umuntu angaba nazo, ngoba “zingamandla kaNkulunkulu ensindiso.” (Roma 1:16) Ngokusisebenzisa ngesandla esivulekile isikhathi sethu nempahla yethu nyanga zonke sihlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa, singase sikwazi ukupha abanye leli gugu elingokomoya, kuholele ekuzuzeni kwabo ukuphila okumi phakade.
4 UJehova ujabula kakhulu lapho sisiza abasweleyo. Uthembisa ukuthi uyosibusisa, futhi uyasikhumbuza: “Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.” (IzAga 11:4; 19:17) Ukusekela umsebenzi woMbuso ngezinto ezibonakalayo nokuhlanganyela ngokugcwele ekushumayeleni izindaba ezinhle kuyizindlela ezinhle kakhulu esingabonisa ngazo ukuthi sinesandla esivuleke ngempela, sikulungele ukupha.