Ukuhlwanyela Kakhulu Kunezibusiso Eziningi
1 Sonke sibheke phambili ekugcwalisekeni kwezithembiso ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu. Kwamanje, uJehova wenza ukuba sithole izibusiso eziningi ezandisa injabulo yethu ekuphileni. Nokho, ukuthi sizuza kangakanani ngokomuntu siqu, kuxhomeke ngokuyinhloko emzamweni esiwenzayo. Njengoba umphostoli uPawulu asho, “ohlwanyela kakhulu uyovuna kakhulu futhi.” (2 Kor. 9:6) Cabangela izici ezimbili lapho lesi simiso sisebenza khona.
2 Inkonzo Yethu Ngabanye: Ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu uma kusemandleni ethu ukufakaza kubo kuletha izinzuzo eziningi. (IzAga 3:27, 28) Kuyatuseka ukuthi abaningi bahlwanyela kakhulu ngokwandisa ingxenye yabo enkonzweni, kuhlanganise nokuba amaphayona asizayo noma avamile. Sonke singahlwanyela kakhulu ngokuphindela ngobuqotho ukuyohlakulela isithakazelo esitholakele nangokusikisela isifundo seBhayibheli noma nini lapho ithuba liziveza. (Roma 12:11) Ukuzikhandla ngalezi zindlela kusenza sibe nokuhlangenwe nakho okwakhayo nenjabulo enkulu enkonzweni yethu.
3 Ukusekela Izithakazelo ZoMbuso: UPawulu wayekhuluma ngokuphana ngezinto ezibonakalayo lapho ekhuluma ‘ngokuhlwanyela kakhulu.’ (2 Kor. 9:6, 7, 11, 13) Namuhla, kuningi esingakwenza thina ngokwethu futhi sinikele ngezinto ezibonakalayo ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso. Singasiza ekwakheni amaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano. Singaba khona nalapho kuhlanzwa futhi kunakekelwa lezi zikhungo zokukhulekela kweqiniso. Ngaphezu kwalokho, singanikela ngezimali zokukhokha izindleko zebandla nezomsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi emhlabeni wonke. Njengoba sonke sifeza ingxenye yethu, asive sijabula ukubona isibusiso esicebile sikaJehova kulo msebenzi omiswe nguNkulunkulu!—Mal. 3:10; Luka 6:38.
4 IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba ‘sisebenzele kokuhle, sicebe emisebenzini emihle, sibe nesandla esivulekile, silungele ukwabelana izinto nabanye.’ Lapho silalela leso siyalo, sithola izibusiso eziningi kwamanje. Ngesikhathi esifanayo, ‘sizibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo nesokuphila kwangempela’ okuzayo.—1 Thim. 6:18, 19.