“Umshikashika Wenu Awulona Ize”
1 Yeka amazwi akhuthazayo! Umshikashika wakho enkonzweni kaJehova awulona ize. (1 Kor. 15:58) Ngokuphambene, cabanga ukuthi abantu bashikashikeka kanjani bezama ukuthuthukisa izinga labo lokuphila noma isimo sabo sezimali. Bangase baphishekele imfundo ephakeme iminyaka eminingi noma bagqilazeke besebenzela ukuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo. Nokho, ngenxa ‘yesikhathi nesenzakalo esingenakubonwa kusengaphambili,’ bangase bangalutholi udumo abalufunayo noma bangase baphoqeleke ukuba baneliswe okungaphansi kakhulu kwalokho abakufunayo ngokwezinto ezibonakalayo. ‘Njengokufuna umoya,’ imizamo yabo iyize. (UmSh. 1:14; 9:11, qhathanisa ne-NW.) Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sibe nokuningi kokukwenza emsebenzini okuwukuphela kwawo ongelona ize ngenxa yokuthi unezinzuzo ezihlala njalo!
2 Umsebenzi Obaluleke Ngempela: Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwumsebenzi obaluleke kunayo yonke emhlabeni. Kuwumsebenzi okufanele wenziwe kungakhathaliseki ukuthi abantu bayalalela noma cha. Sifuna ukukwazi ukunanela amazwi kaPawulu, sithi: “Ngimsulwa egazini labo bonke abantu, ngoba angigodlanga ukunitshela yonke injongo kaNkulunkulu.”—IzE. 20:26, 27.
3 Yeka ukuthi kujabulisa kanjani uma abantu belalela futhi besabela esigijimini soMbuso! Owesifazane othile osemusha washonelwa ubabekazi wakhe. Wayezibuza ukuthi kazi ukuphi ubabekazi wakhe—usezulwini noma usesihogweni? Wathandaza kuNkulunkulu ecela usizo, esebenzisa igama elithi Jehova, njengoba udadewabo ayemfundise ukuba enze kanjalo. Ngokushesha wayesefunda iBhayibheli futhi eya emihlanganweni yobuKristu. Waba nombono omusha ngokuphelele ngokuphila futhi wagqashula emaqenjini ezigilamkhuba. Lona wesifazane osemusha wakuyeka ukubhema, ukusebenzisa imilaliso nokweba. Uyavuma: “Uthando ngoJehova kuphela olwangenza ngayeka ukuphila okubi kangaka. UJehova kuphela ngomusa wakhe omkhulu owayenganginikeza ithemba lokuphila okumi phakade.” Ukuphila kwakhe akasakusebenziseli nje iminako eyize.
4 Ngisho noma abantu benqaba ukulalela, usafeza okuthile okubaluleke kakhulu. Bayazi ukuthi oFakazi BakaJehova babahambele. Ubuqotho bakho, ukuthembeka kwakho nothando lwakho kuyaqiniswa. Ngakho ingabe ukushikashikeka kwakho emsebenzini weNkosi kuyize? Lutho neze!