Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/97 k. 1
  • Khuluma NgoJehova Nsuku Zonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khuluma NgoJehova Nsuku Zonke
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wasebenzise Kahle Amandla Akho Olimi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Dumisa UJehova Usuku Ngalunye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Mdumise Ngaso Sonke Isikhathi UJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Simthanda Kakhulu UJehova UBaba Wethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 12/97 k. 1

Khuluma NgoJehova Nsuku Zonke

1 Abantu bayakujabulela ukukhuluma nganoma yini abayithanda ngenhliziyo yabo yonke, ngoba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. (Luka 6:45b) Yini esiyithanda ngenhliziyo yethu yonke? Umhubi wabhala: “Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho, usuku lonke ngodumo lwakho.” (IHu. 35:28) Wayenokwazisa okujulile ngoJehova futhi ekubheka njengelungelo langempela ukukhuluma ngoNkulunkulu nokumdumisa ngaso sonke isikhathi. Njengoba ayenobuhlobo obuseduze noJehova, umhubi wayenezinto eziningi ezinhle ayengamdumisa ngazo. (IHu. 35:9) Singasilingisa kanjani isibonelo sakhe esihle?

2 Khuluma NgoJehova Ekhaya: Kufanele kukhulunywe ngoJehova nsuku zonke emkhayeni. Abazali abanothando olujulile ngoJehova bayokhuluma ngokuzenzakalelayo ngaye kungakhathaliseki ukuthi benzani. (Dut. 6:5-7) Lapho benza kanjalo, izingane ziyoqaphela ukuthi uyise nonina baphila ngokuvumelana nokholo lwabo futhi bayawazisa umthetho kaNkulunkulu. Lokho kuyokwenza ukuba izingane zibheke isifundo seBhayibheli njengesibonisa ubuqotho bokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kwabazali bazo.—2 Pet. 3:11.

3 Khuluma NgoJehova Nabafowenu: Esimisweni sethu esingokwasezulwini samasonto onke, sinamathuba amaningi okondla izingqondo nezinhliziyo zethu ngokudla okungokomoya. Asikaze siswele izinto ezinhle esingakhuluma ngazo. (Luka 6:45a) Ingabe likhona iphuzu olijabulele ngokukhethekile olithole esifundweni sakho siqu noma ekufundeni kwakho iBhayibheli kwamasonto onke? Lihlanganyele nabafowenu, ngaleyo ndlela ubasize bandise uthando lwabo ngoJehova.—IHu. 35:18; Heb. 10:24.

4 Khuluma NgoJehova Nabanye: Ekusebenzelaneni kwethu nabantu nsuku zonke—emsebenzini, esikoleni, nalapho sisebenzelana namalungu omkhaya angakholwa—kufanele kube sobala ukuthi ukuphila kwethu kugxile ekufakazeni ngoJehova. Kunokuba sithonywe inkulumo echaphayo nelumelayo yalelizwe, inkulumo yethu kufanele idumise uNkulunkulu. Nsuku zonke, ngawo wonke amathuba, khuluma nabanye ngezindaba ezinhle asiyale ukuba sishumayele ngazo.—IzE. 5:42; Kol. 4:6.

5 Njengabakhulekeli bakaJehova beqiniso, kwangathi singawaphaphamela nsuku zonke amathuba okukhuluma ngoNkulunkulu wethu ongenakuqhathaniswa, uJehova.—IHu. 106:47.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela