Siba Khona Isikhala Sakho!
1 Ngezikhathi ezithile, singase siphuthe emhlanganweni webandla owodwa noma ngaphezulu, sinomuzwa wokuthi ‘akekho ozosizwa isikhala sami; ngeke baqaphele ngisho nokuthi angikho.’ Akunjalo! Njenganoma iliphi ilungu lomzimba wethu, ngamunye wethu unendima ebalulekile ekusebenzeni kwebandla. (1 Kor. 12:12) Ukungabi bikho kwethu emhlanganweni wamasonto onke kungathinta inhlalakahle engokomoya yabanye abakhona. Uma ungekho, siyakuqinisekisa—siba khona isikhala sakho!
2 Indima Ebalulekile Oyifezayo: UPawulu wayekulangazelela ukuhlangana nabafowabo. EyabaseRoma 1:11, 12 ichaza isizathu salokho: “Ukuze ngidlulisele kini isipho esithile esingokomoya . . . ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” Ngokufanayo, ngezimpendulo zethu, izingxenye esiba nazo emhlanganweni, nangakho kanye ukuba khona kwethu, sifeza okukhulu ekwakhaneni ukuze siqhubeke ngenkambo yokwethembeka.—1 Thes. 5:11.
3 Awubheki yini phambili ekuboneni abanye emihlanganweni yebandla? Ulalelisisa izimpendulo zabo futhi ukwazise ukuzwakalisa kwabo ukholo. Izipho zabo ezingokomoya zinengxenye ekukwakheni. Uma bebengekho emhlanganweni, ubuzokuzwa ukuthi kunokuthile okubalulekile obekushoda. Abafowenu nodadewenu bazizwa ngendlela efanayo ngawe uma ungekho.
4 Indima Ebalulekile Yemihlangano: INqabayokulinda yake yakhulumela indlela imihlangano ebaluleke ngayo ekuphileni kwethu okungokomoya, yathi: “Kulelizwe elikhungethwe izingxabano, elinokuziphatha okubi, ibandla lobuKristu liyisiphephelo sangempela esingokomoya . . . , liyisikhoselo sokuthula nothando. Ngakho-ke, yiba khona njalo kuyo yonke imihlangano yalo.” (w93-ZU 8/15 11) Nsuku zonke sibhekana nezimo ezisikhathazayo ngokomoya. Uma singaqaphile, singagxila ezinkathazweni zethu size silahlekelwe umbono wezinto ezingokomoya ezibaluleke kakhulu. Sonke sincike komunye nomunye ukuze sithole isikhuthazo esisidingayo sokuhlala sinobunye futhi sishiseka enkonzweni kaNkulunkulu.—Heb. 10:24, 25.
5 Ukuba khona kwethu emihlanganweni kubalulekile. Ukugula noma isehlakalo esingalindelekile kungasenza siphuthe ngezinye izikhathi. Uma singabhekene nezimo ezinjalo, masizimisele ukuba khona njalo phakathi kwezixuku ezihlangene ezidumisa uJehova ndawonye!—IHu. 26:12.