Khulisa Isithakazelo Esiboniswe Kuyi-Kingdom News
1 Emasontweni Ambalwa Adlule, Siye Sajabulela Ilungelo Lokusakaza I-kingdom News No. 35, Enesihloko Esithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Abamemezeli Yonke Indawo Benza Umzamo Wokufinyelela Abantu Abaningi Ngangokunokwenzeka Abafanelekayo Ngale-kingdom News. (Math. 10:11) Nakuba Lomkhankaso Uhlelelwe Ukuba Uphele Ngesonto, Ngo-november 16, Uma Kusenensimu Engakahlanganiswa, Abadala Bangase Banicele Ukuba Niqhubeke Nisakaza I-kingdom News No. 35 Uma Nje Ibandla Lisenayo.
2 Le-kingdom News Iye Yavusa Isithakazelo Sabantu Abaningi. Bayabona Ukuthi Abaningi Abasenakho Ukusondelana Ngokomzwelo Okungokwemvelo Futhi Bayazibuza Ukuthi Kazi Ikusasa Liphetheni. (2 Thim. 3:3) Sifuna Ukusikhulisa Isithakazelo Esiye Savuswa.
3 I-Kingdom News Inezithelo: Emkhankasweni we-Kingdom News wango-1995, owesifazane othile owathola ikhophi weza emhlanganweni eHholo LoMbuso ngoba efuna ukwazi okwengeziwe ngalokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo. Wavele wasamukela kulowo mhlangano isifundo seBhayibheli futhi kusukela lapho kwakuqabukela ephuthwe umhlangno. Ngokushesha ngemva kwalokho, wayesebhalele isonto wesula kulo!
4 Njengamanje, amakhulu abantu abasensimini asesifundile isigijimi esikuyi-Kingdom News No. 35. Kodwa basabele kanjani kuso? Ngisho noma kwabahlaba umxhwele lokho abakufunda, abaningi ngeke basithathe isinyathelo kuze kube yilapho omunye woFakazi BakaJehova ebahambela futhi. Ingabe wenza amalungiselelo okuphindela? Ukubakhathalela ngothando abantu esikanye nabo kufanele kusishukumisele ukuba siphindele. Bonke abaye babonisa isithakazelo kuyi-Kingdom News kufanele bahanjelwe futhi.
5 Yini Ozoyisho Lapho Uphindela? Ungase uchaze kafushane ukuthi lesi sigijimi se-Kingdom News sifike ngesikhathi bese ubuza umbuzo owenza umuntu acabange. Lalelisisa lapho umninikhaya ephendula ukuze ubone ukuthi yini esengqondweni yakhe. Yibe usudonsela ukunakekela ephuzwini elifanelekayo elisencwajaneni engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, eqokonyiswe kuyi-Kingdom News. Uma esabela kahle, ungapholisi maseko, vele uzame ukuqala isifundo seBhayibheli.
6 Nazi ezinye izintshumayelo ezisikiselwayo ongase uzizame lapho uphindela kulabo ababonisa isithakazelo kuyi-“Kingdom News” No. 35:
◼ “Kungenzeka uyalikhumbula ipheshana engikushiyele lona muva nje. Isigijimi salo sikhuluma ngendaba ebalulekile ehlukanisa isintu namuhla—ukungabi naluthando ngabanye.” Donsela ukunakekela ebufakazini obukuyi-Kingdom News ekhasini 2 ngaphansi kwesihloko esithi “Uthando Ngomakhelwane Lupholile.” Yibe usubuza, “Ucabanga ukuthi kuyinjongo kaNkulunkulu ngesintu ukuba siphile ngalendlela?” Lindela impendulo. Vula isifundo 5 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese uzama ukuqala isifundo seBhayibheli.
◼ “Lapho siqala ukuhlangana, ngakushiyela ipheshana elinesihloko esithi ‘Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?’ Ucabanga ukuthi lingaba khona izwe elinjalo?” Lindela impendulo. Vula isifundo 6 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese ufunda isigaba 6. Yibe usufunda isithembiso sikaNkulunkulu esikuMika 4:3, 4. Uma umninikhaya ebonakala enesithakazelo, mhambisele lencwajana bese usikisela isifundo.
◼ “Lapho ngikuhambele esikhathini esidlule, ngakushiyela ipheshana elinesihloko esithi ‘Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?’ Lalikhuluma ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Ngizele ukuzokubonisa insiza-kufundisa esiyisebenzisayo. [Mbonise incwadi Ulwazi.] Lencwadi ichaza ngokucacile ukuthi kunini lapho bonke abantu beyothandana khona, bese iphendula neminye imibuzo okungenzeka uyayibuza: Kungani siguga futhi sife? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Yini eyenzekayo kwabafileyo esibathandayo? Ngicela ukukubonisa indlela esiqhutshwa ngayo lesi sifundo?” Uma umninikhaya esenqaba lesi sipho, mbuze ukuthi angathanda yini ukuzifundela yena ngokwakhe lencwadi. Uma evuma, mshiyele yona ngomnikelo ka-R4,00. Hlela ukuba uphinde ubuye.
7 Uma insimu isihlanganiswe kahle nge-Kingdom News No. 35, singahambisa incwadi Ulwazi ize iphele inyanga. Izintshumayelo eziningi ezisikiselwe zokuhambisa lencwadi zingatholakala ezihlokweni ezingemuva kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March, June no-November 1996; kanye neka-June 1997.
8 Lokhu kusakazwa okukhethekile kwe-Kingdom News kufanele kusishukumisele sonke ekubeni sandise imizamo yethu emsebenzini wokushumayela. Ngosizo lukaJehova singaqiniseka ukuthi lomkhankaso uzophumelela nakanjani, kusizakale abantu babone injongo kaNkulunkulu yokuba sonke isintu sithandane. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa imizamo yethu yenkuthalo njengoba sikhulisa isithakazelo esaboniswa kuyi-Kingdom News.