Ukulandela ISibonelo Sethu Njengabaphathi Bokukhanya
1 Ngokuphathelene naye, uJesu wamemezela ukuthi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe.” Ngokulandela isibonelo sakhe, abafundi bakaJesu nabo ‘babewukukhanya kwezwe.’ (Math. 5:14) ‘Njengokukhanya kwezwe,’ uJesu wayengase asho ukuthi bonke abamlandelayo bayoba “nokukhanya kokuphila.” (Joh. 8:12) Lokho kusenza sibe abaphathi bokukhanya abangokomoya, okungafanele bavumele noma yini ukuba isithe noma ifiphaze lokhokukhanya.
2 Inhlangano kaJehova iyasiqeqesha ukuze isibonise indlela yokuba abaphathi bokukhanya abaphumelelayo. Uma silandela ngokuseduze iseluleko nesiqondiso esisitholayo, siyokwazi ukukhanyisela abantu balo lonke uhlobo ngokuphathelene neqiniso loMbuso. (1 Thim. 4:6) Ukukhonza njengabaphathi bokukhanya akuhileli nje kuphela ukukhuluma ngeqiniso ngawo wonke amathuba kodwa futhi nokulondoloza ukuziphatha okuhle njengamaKristu. Ukuziphatha kweSibonelo sethu kwakungenasihlamba. Njengabalandeli bakhe, kufanele sibonise ukuthi ubuKristu buyindlela yethu yokuphila yansuku zonke. (Efe. 5:9; Thithu 2:7, 8, 10) Kufanele siveze imisebenzi emihle engase ibonwe abanye, ibashukumisele ekudumiseni uNkulunkulu.—Math. 5:16.
3 Omunye uFakazi wathola isicelo esingavamile lapho ehamba indlu ngendlu. Umnumzane wekhaya nenkosikazi yakhe babegula bebangwa nezibi, kodwa kwakufanele bayofaka imali ethile ebhange. Babuza uFakazi ukuthi wayengabenzela yini lokho. Wavuma futhi bamnikeza u-R7 250 ukuba ayowufaka ebhange! Lapho ebuya, wabuza: “Yini enenze nangethemba nakuba ningangazi?” Impendulo yathi: “Siyazi, futhi wonke umuntu uyazi ukuthi oFakazi BakaJehova yibona kuphela abangase bethenjwe.” Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ukuthi ukunamathela kwethu ngokuseduze ezimisweni zeBhayibheli zokuziphatha kuveza idumela elinjalo elidumisa uNkulunkulu!
4 Uthisha wabaqalayo wachazela ikilasi lakhe ukuthi kungani omunye umfundi oneminyaka eyisithupha onguFakazi ayengahlanganyeli ekudwebeni imifanekiso ye-Halloween. Uthisha wathi wayeneqholo ngaye ngokuba nesibindi sokwehluka ngenxa yalokho ayekukholelwa. Uthisha waphawula, uma sikukholelwa ngokuqinile okuthile, kufanele sibe nesibindi sokukumelela. Ngalobobusuku uthisha wacubungula ezakhe izinkolelo futhi kwadingeka avume ukuthi wayengazange abe nesibindi esifanayo sokumelela izinkolelo zakhe. Ngosuku olulandelayo wamemezela ukuthi wayengeke aphinde ahilele ikilasi lakhe ekugujweni kwanoma imaphi amaholide esikhathini esizayo, amanye awo ayengawakholelwa naye ngokwakhe!
5 Abantu bakaJehova bayakushisekela ukwenza ukukhanya kwabo kukhanye, kungakhathaliseki ukuthi bakuphi. Ukuziphatha kwentsha okuyisibonelo esikoleni kuye kwabahlaba umxhwele abafunda nayo nothisha. OFakazi asebebadala ababonisa ukuziphatha okuhle komakhelwane benza abanye bakhulume kahle ngesigijimi soMbuso. Ukufakaza ngokwethukela ngaphansi kwezimo eziningi kukhanga abantu abanhliziyo ziqotho abafuna ukufunda okwengeziwe. Ngisho nokukhuthala kwethu nokwethembeka emsebenzini wokuziphilisa kunikeza ubufakazi. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sikuphi noma senzani, singenza abantu babe nesithakazelo eqinisweni.
6 Ngokugcina amehlo ethu ebheke indlela yokuphila engenasici yeSibonelo sethu esikhulu, singaqhubeka sithuthukisa amakhono ethu njengabafundi bakhe. Ukulingisa isibonelo sakhe kuyoqinisekisa ukuthi ukukhanya kwethu ‘kuyabakhanyisela bonke.’—Math. 5:15; 1 Pet. 2:21.