I-Kingdom News Ekhethekile Yawo Wonke Umuntu
1 Kusukela ngo-April 24, saqala ukuhambisa i-Kingdom News ekhethekile eye yavusa isithakazelo sabantu abakhathazekile kuyo yonke indawo! Isigijimi sayo akukhona nje ukuthi sifike ngesikhathi kodwa futhi siyaphuthuma. Abamemezeli kuwo wonke amabandla baye babonisa ukusekela kwenhliziyo yonke, befuna ukudlulisela lesisigijimi ezinkulungwaneni zabantu. Ingabe wenza umzamo wokuhlanganyela ngokugcwele?
2 Ebandleni ngalinye kwathunyelwa amapheshana e-Kingdom News, ummemezeli ngamunye wanikezwa isilinganiso sangu-50 nangu-250 iphayona ngalinye. Mangaki okwazile ukuwahambisa? Uma ungakwazanga ukwenza ngendlela obufisa ngayo, ingabe uke wazicabangela izindlela zokwenza okwengeziwe ngaphambi kokuba umkhankaso wokuwasakaza uphele ngo-May 14? Kuthiwani ngokubhalisa njengephayona elisizayo? Ingabe ungawasebenzisa ngokunenzuzo amathuba emihlangano yenkonzo eyenezelwe phakathi nesonto, njengaleyo yokufakaza kusihlwa?
3 Abadala bayokuhlola ngokucophelela ukuthi insimu ihlanganiswa kahle yini. Uma ibandla elabelwe ukusebenza izingxenye ezithile lingenakukwazi ukuzisebenza, abadala kufanele bathintane namabandla angomakhelwane bacele usizo. Ngemizamo yethu yenhliziyo yonke, nokubambisana okuhle kwamabandla, kufanele sikwazi ukuwenza lomsebenzi.
4 Cishe uye wathola injabulo enkulu kulomsebenzi ngenxa yokuthi abaningi baye bakwazi ukuhlanganyela, kuhlanganise nabamemezeli abasha nentsha. Sethemba ukuthi lomoya wenjabulo uzoqhubeka, ukhuthaze bonke ukuba balandelele ngokuphindela kulabo abasabela kahle. Sakhuthazwa ukuba sigcine imibiko emihle yendlu nendlu, siqaphelisisa labo ababonisa isithakazelo. Ingxenye yokugcina ka-May iyoba isikhathi esihle sokugxila ekwenzeni izimpindelo ngomgomo wokuqala izifundo ezintsha.
5 Yini esingayisho lapho siphindela? Ungase ukuthole kuphumelela ukuthi: “Cishe uyalikhumbula leliyapheshana engikushiyele lona muva nje; ngiyethemba ube nalo ithuba lokulifunda nokucabanga ngalo. Ngempela isigijimi salo siye saba undab’ uzekwayo emphakathini wethu, ngoba sithinta izindaba ezibalulekile ezibhekene naso sonke isintu.” Bhekisela kweminye imisho eshukumisa ingqondo esekhasini lesibili, bese ubuza: “Ucabanga ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze siqiniseke ukuthi sikulungele lokho okuyolethwa isikhathi esizayo?” Lindela impendulo. Uma isithakazelo sikhona, xoxa ngamanye amaphuzu asemakhasini 2-4 e-Kingdom News, bese usikisela isifundo seBhayibheli noma, uma kungenakwenzeka, uhambise omagazini bamuva.
6 Uma nisebenza ensimini yelinye ibandla, qikelelani ukuthi amagama anoma obani abanesithakazelo enibatholayo niwanikeza lelobandla ukuze izimpindelo zenziwe abamemezeli balelobandla. Ngokufanayo, uma ucelwe ukuba ulandelele abathile, qikelela ukuba uphindele ngokushesha.
7 Ukuhanjiswa okukhethekile kwe-Kingdom News kusenze sajabula futhi kwasishukumisa sonke ukuba sandise imizamo yethu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Singaqiniseka ukuthi kuyoba impumelelo enkulu, kwenze abantu kuyo yonke indawo baliqaphele kakhulu igama likaJehova elikhulu nezinjongo zakhe. (Isaya 12:4, 5) Uma senza okwengeziwe, siyojabula kakhulu.—IHu. 126:3.