Woza Emhlanganweni Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya”
“BHEKA, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu.” (Isaya 60:2) Yeka ukuthi ayiqiniso kangakanani lawomazwi namuhla! Ngokungangabazeki, inkolo yamanga igcina abantu besebumnyameni ngokuqondene nohlobo lokukhulekela oluthokozisa uNkulunkulu. Kungani? Ngoba uSathane, unkulunkulu walesimiso sezinto, ‘uphuphuthekisile izingqondo zabangakholwayo.’—2 Korinte 4:4.
OFakazi BakaJehova abafani ngokuphawulekayo nalabo abaphuphuthekiswe uSathane. Amazwi omprofethi uIsaya angasetshenziswa kubo: “UJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.” (Isaya 60:2) Yeka indlela ababonga ngayo ngokuthi baphumile ebumnyameni bangena ekukhanyeni okumangalisayo kukaNkulunkulu! Kuwukukhanya okungokomoya, iqiniso leZwi likaNkulunkulu elikhanyisa ingqondo, ukuze nalabo abayizimpumputhe ngokoqobo balibone iqiniso.
Yiqiniso, usizo luyadingeka. Cishe akunakwenzeka ukuba othile omane afunde iBhayibheli ngaphandle kokusebenzisa ngokunenzuzo usizo olulungiselelwe ngokwaphezulu akubone ukukhanya. Kungakho uJehova uNkulunkulu eye walungiselela ‘inceku ethembekileyo neqondayo,’ eyabikezelwa kuMathewu 24:45-47. Namuhla “leyonceku” imelelwa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Kuye kwalungiselelwa uMhlangano Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” ngaphansi kokuqondisa kwalendikimba.
Injongo yalomhlangano iwukusiza bonke abantu bakaJehova ukuba babe abaphathi bokukhanya abangcono, ngokuvumelana namazwi kaPawulu kwabaseFilipi 2:15. Lapho, amaKristu ayalwa ukuba akhanye “njengezinkanyiso ezweni.”—Mathewu 5:14, 16.
ENingizimu Afrika, uchungechunge lweMihlangano Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’ luhlelelwe ukuba luqale ngoLwesihlanu, ngoDecember 11. Ngo-10:20, a.m., isimiso somculo siyosiza bonke ukuba babe sesimweni esifanele senhliziyo nengqondo, balungele isimiso esingokomoya esingaphambili. Usuku ngalunye lunesihloko salo, futhi isihloko sangoLwesihlanu sithi “Thuma Ukukhanya Kwakho Neqiniso Lakho.”—IHubo 43:3.
Isimiso sangoLwesihlanu ekuseni siyoba nenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Abaphathi Bokukhanya—Ngayiphi Injongo?” Ngokuqinisekile, amaKristu awabona abaphathi bokukhanya nganoma yisiphi isisusa somuntu siqu, sobugovu. Kunalokho, bakhonza ngezizathu ezifanayo nalezo uJesu Kristu, uMphathi Wokukhanya Oyinhloko, eza ngazo emhlabeni, okungukuthi, ukufakazela iqiniso nokungcwelisa igama loMdali. Ngokufanelekile, uJesu washo lokhu ngaye ngokwakhe: “Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” (Johane 9:5) Ngakho-ke, wasishiyela isibonelo sokuba silandele eduze ezinyathelweni zakhe. (1 Petru 2:21) Ntambama ngalolosuku lokuqala kuyoqokonyiswa kokubili inkulumo nedrama yeBhayibheli ephathelene neNkosi uJosiya, eyoba ngethakazelisa ngokukhethekile entsheni.
Isihloko sangoMgqibelo sithi “Nina Ningukukhanya Kwezwe . . . Makukhanye Ukukhanya Kwenu.” (Mathewu 5:14, 16) Isimiso sasekuseni siyoba nochungechunge olunesihloko esithi “Ukwenza Ukukhanya Kwenu Kukhanye.” Labo abazinikezele kuJehova bayonikezwa ithuba lokuba babhapathizwe. Isimiso santambama siyokwethula uchungechunge olukhanyiselayo olunesihloko esithi “Ukukhanyisa Ukuba Khona Nokwambulwa KukaKristu.”
Isihloko esikhethelwe usuku lwangeSonto, okuwusuku lwesithathu nolokugcina lomhlangano, sithi “Hambani Njengabantwana Bokukhanya.” (Efesu 5:8) Isimiso sasekuseni siyoba nochungechunge olunesihloko esithi “Ukukhathalelana Emkhayeni WamaKristu,” oluyokhuluma ngezibopho zomkhaya. Kuyoba futhi nenkulumo echaza lokho okushiwo ukuzithoba kuNkulunkulu nakuKristu.
Umhlangano uyofinyelela umvuthwandaba wawo ngeSonto ntambama ngenkulumo yeningi enesihloko esithi “Landela Ukukhanya Kwezwe.” Lenkulumo iyoxoxa ngoJohane 1:1-16 futhi ibonise ukubaluleka kolwazi lweBhayibheli, igcizelela ukuthi uJesu Kristu uwukukhanya kwezwe. Umhlangano uyophetha ngokunxusa okuqotho okuthi “Qhubeka Uhamba Ekukhanyeni.”
Bonisa ukwazisa kwakho ngalelidili elingokomoya uJehova alilungiselela ngenhlangano yakhe ebonakalayo. Yiba khona kusukela engomeni evulayo ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube semthandazweni ophethayo ngeSonto ntambama. Kulalelisise kakhulu konke okushiwo endaweni yesikhulumi. Bhala amaphuzu ukuze akusize ugxilise ingqondo nokubhekisela kuwo esikhathini esizayo. Okokugcina, hlela ukuba nengxenye ohlotsheni oluthile lwenkonzo yokuzithandela. Kanjalo, ngeke nje kuphela ujabulele isibusiso sokwamukela kodwa nesibusiso esikhulu ngisho nangokwengeziwe sokupha.—IzEnzo 20:35.