Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1995
IZIYALEZO
Phakathi no-1995 iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini siyoqhutshwa ngamalungiselelo alandelayo.
IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: IBhayibheli, OFakazi BakaJehova−Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu [jv-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila [gt-ZU], Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo [td-ZU], nethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso [uw-ZU] ziyoba isisekelo sezabelo.
Isikole siyoqala ngengoma, umthandazo, namazwi okwamukela abakhona bese siqhubeka ngendlela elandelayo:
ISABELO NO. 1: Imizuzu engu-15. Lenkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo, futhi iyosekelwa encwadini ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu noma ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Lapho sisekelwe encwadini ethi Abamemezeli, lesisabelo kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu engu-15 kungabibikho ukubukeza ngomlomo; lapho sisekelwe encwadini ethi “Yonke ImiBhalo,” kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi kuya kwengu-12 bese kulandela ukubukeza kwemizuzu emithathu kuya kweminlanu, kusetshenziswa imibuzo esencwadini. Injongo akumelwe nje kube ukuhlanganisa indaba kodwa kumelwe kube ukugxilisa ukunakekela ekusetshenzisweni okungokoqobo kokwaziswa okuxoxwa ngakho, kuqokonyiswa lokho okuzoba usizo olukhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esibonisiwe. Isikhulumi singakhulumela izithombe ezidwetshiwe, nezingokoqobo, kanye namashadi atholakala encwadini ethi Abamemezeli futhi sikusebenzise njengezinsiza-kufundisa. Sonke sikhuthazwa ukuba silungiselele ngokungashwampuluzi kusengaphambili ukuze sizuze ngokugcwele kulokhu kwaziswa.
Abazalwane ababelwe lenkulumo kufanele baqaphele ukuba bagcine isikhathi abasinikeziwe. Iseluleko sangasese singase sinikezwe uma kudingekile noma uma isikhulumi sizicelele sona kusengaphambili.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyisithupha. Lena kufanele isingathwe umbonisi wesikole noma omunye umdala noma inceku ekhonzayo eyokwazi ukufanelanisa ukwaziswa nezidingo zebandla. Lokhu akufanele kube nje ukufushaniswa kwengxenye efundwayo eyabiwe. Isethulo sokunikeza umqondo wazo zonke izahluko ezabiwe kufanele sithathe imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60. Injongo eyinhloko iwukusiza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kuyinzuzo kithina. Khona-ke umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.
INKULUMO NO. 2: Imizuzu emihlanu. Lena iwukufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe ngumzalwane. Iyonikezwa ekilasini elikhulu nasemaqenjini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamile zimfushane ngokwanele ukuba zivumele umfundi anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso, nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo ngaphandle kokuma. Njengokulindelekile, lapho amavesi afundwayo engalandelani, umfundi angasho ivesi elizofundwa ngokulandelayo.
INKULUMO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Lenkulumo iyokwabelwa odade. Izihloko zalenkulumo ziyosekelwa encwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila noma ethi Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo. Umfundi oyabelwe kumelwe akwazi ukuzifundela. Lapho enikeza lenkulumo umfundi angahlala noma ame. Umsizi oyedwa uyokwabiwa umbonisi wesikole, kodwa abasizi abengeziwe bangase basetshenziswe. Odade ababelwe lenkulumo kuyodingeka benze isihloko nokwaziswa okuzocatshangelwa kuvumelane nesimo esingokoqobo, kutuswa ukuba kube esihilela inkonzo yasensimini noma ukufakaza ngokwethukela. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyinhloko kodwa indaba ngokwayo.
INKULUMO NO. 4: Imizuzu emihlanu. Yabelwa umzalwane noma udade. Iyosekelwa encwadini ethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Lapho yabelwe umzalwane, kufanele ibe inkulumo ebhekiselwe kuzo zonke izilaleli. Ngokuva-mile kuyoba kuhle kakhulu ngomzalwane ukuba alungiselele inkulumo yakhe ecabanga ngezilaleli eHholo LoMbuso ukuze ibe ngefundisayo nenenzuzo ngempela kulabo abayilalele. Lapho yabelwe udade, ukwaziswa kufanele kunikezwe njengoba kuboniswe ngeNkulumo No. 3.
ISELULEKO NOKUKHULUMELA: Ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye, umbonisi wesikole uyonikeza iseluleko esiqondile, angalandeli njengesibopho isimiso sokweluleka ngokulandelana kwamaphuzu ahlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo. Kunalokho, kufanele agxile kulezozindawo umfundi adinga ukuthuthuka kuzo. Uma isikhulumi esingumfundi sifanelwe u-“L” kuphela futhi ingekho enye imfanelo yenkulumo ephawulwe ngokuthi “W” noma ngokuthi “S,” khona-ke umeluleki kumelwe akokolozele ibhokisi, ngokuvamile okubhalwa kulo u-“L,” u-“W,” noma u-“S,” lemfanelo yenkulumo umfundi okumelwe asebenzele kuyo ngokulandelayo. Uyokwazisa umfundi ngalokhu ngalo lolosuku futhi abonise lemfanelo yenkulumo epheshaneni lomfundi elilandelayo leSabelo SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini (S-89). Labo abanikeza izinkulumo kufanele bahlale ngaphambili ehholo. Lokhu kuyokonga isikhathi futhi kwenze ukuba umbonisi wesikole akwazi ukweluleka ngokuqondile umfundi ngamunye. Uma isikhathi sivuma ngemva kokunikeza iseluleko somlomo esidingekayo, umeluleki anganikeza ukukhulumela ngamaphuzu afundisayo nakhayo abafundi abangawahlanganisanga. Umbonisi wesikole kumelwe aqaphele ukuba angasebenzisi imizuzu engaphezu kwemibili ngeseluleko nanganoma ikuphi okunye ukukhulumela okufushane akunikezayo ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye. Uma inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli ibingekho ezingeni elifanele, kungase kunikezwe iseluleko ngasese.
UKULUNGISELELA IZINKULUMO: Ngaphambi kokuba alungiselele inkulumo ayabelwe, umfundi kufanele afunde ngokucophelela ukwaziswa okukwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole okuphathelene nemfanelo yenkulumo okufanele ayisebenzele. Abafundi ababelwe inkulumo yesibili kufanele bakhethe isihloko esifanelana nengxenye yeBhayibheli abazoyifunda. Ezinye izinkulumo ziyosebenzisa isihloko esikulesisimiso.
ISIKHATHI: Ayikho inkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngisho neseluleko nokukhulumela kukameluleki. Izinkulumo No. 2 kuya ku-4 kumelwe zimiswe ngokuhlakanipha uma isikhathi sesiphelile. Lowo owabelwe ukunikeza uphawu lokuphela kwesikhathi kufanele akwenze ngokushesha lokho. Lapho abazalwane abasingethe iSabelo No. 1 nokubukezwa kwamaphuzu avelele eBhayibheli beqa isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Sonke kufanele sigcine isikhathi sethu ngokucophelela. Isimiso sisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.
UKUBUKEZA OKULOTSHWAYO: Ngezikhathi ezithile, kuyoba nokubukeza okulotshwayo. Lapho nilungiselela, bukezani ukwaziswa okwabiwe, futhi niqedele ukufundwa kweBhayibheli okwabiwe. IBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe phakathi nalokhu kubukeza kwemizuzu engu-25. Isikhathi esisele siyoba ngesokuxoxa ngemibuzo nezimpendulo. Umfundi ngamunye uyophawula iphepha lakhe. Umbonisi wesikole uyozicabangela nezilaleli izimpendulo zemibuzo yokubukeza futhi agxile emibuzweni enzinyana, esiza bonke ukuba baziqonde kahle izimpendulo. Uma, ngesizathu esithile, izimo zebandla zibizela lokho, ukubukeza okulotshwayo kungenziwa ngesonto elilandela lelo eliboniswe esimisweni.
AMABANDLA AMAKHULU: Amabandla anabafundi abangu-50 noma ngaphezulu ababhalisile esikoleni angase afise ukuhlela amanye amaqembu abafundi ukuba anikeze izinkulumo ezabiwe phambi kwabanye abeluleki. Yebo, abantu abangabhapathiziwe abakuphila kwabo kuvumelana nezimiso zobuKristu nabo bangabhalisa esikoleni futhi bathole izabelo.
ABANGEKHO: Bonke ebandleni bangabonisa ukwazisa ngalesi sikole ngokuzama ukuba babe khona esimisweni sesonto ngalinye, ngokulungiselela kahle izabelo zabo, nangokuhlanganyela ezingxenyeni zemibuzo. Kwethenjwa ukuthi bonke abafundi bayobheka izabelo zabo ngokwazisa okujulile. Uma umfundi engekho lapho abelwe, omunye angase asithathe lesosabelo, abonise ukusebenza kwenkulumo nganoma iyiphi indlela ezwa kufaneleke ngayo njengoba ezwe sekusele isikhathi esifushane. Noma umbonisi wesikole angase ahlanganise ukwaziswa ngokuhlanganyela kwezilaleli okufanelekile.
ISIMISO
Jan. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 119:113-176
INgoma No. 160
No. 1: OFakazi Abagcina Ubuqotho Ebukhosini BukaJehova Obufanelekayo (jv-ZU k. 10-k. 13 isig. 2)
No. 2: IHubo 119:161-176
No. 3: Isizathu Esenza UJesu Wabizwa Ngokuthi “Lendoda” (gt-ZU isahl. 123)
No. 4: Ukubona Isixuku Esikhulu (uw-ZU kk. 103-4 izig. 1-4)
Jan. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 120 kuya ku-130
INgoma No. 163
No. 1: OFakazi Bokuqala Abazibonakalisa Bethembekile KuJehova (jv-ZU k.)
No. 2: IHubo 122:1-123:4
No. 3: Isizathu Sokuba UPilatu Esabe UJesu (gt-ZU isahl. 124)
No. 4: Izimfanelo Okufanele Ziboniswe Ezinye Izimvu (uw-ZU k. 105 isig. 5)
Jan. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 131 kuya ku-136
INgoma No. 105
No.1: UJesu Kristu, Ufakazi Othembekile (jv-ZU k. 19-k. 20 isig. 3)
No. 2: IHubo 132:1-18
No. 3: Ubufakazi Bothando LukaJesu Ngesintu (gt-ZU isahl. 125)
No. 4: Isizathu Sokuba lsixuku Esikhulu Sisinde Osizini Olukhulu (uw-ZU kk. 106-7 izig. 6-8)
Jan. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 137 kuya ku-140
INgoma No. 220
No.1: UJesu Walifakazela Ngokwethembeka Igama LikaNkulunkulu NoMbuso (jv-ZU k. 20 isig. 4-k. 25)
No. 2: IHubo 137:1-138:8
No. 3: Indlela UJesu Aba Yisibonelo Ngayo Kwaze Kwaba Sekugcineni (gt-ZU isahl. 126)
No. 4: Isizathu Sokuba Sazise IPharadesi Lethu Elingokomoya (uw-ZU kk. 107-9 izig. 9-13)
Jan. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 141 kuya ku-145
INgoma No. 165
No. 1: AmaHubo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo−Ingxenye 1 (si-ZU kk. 104-5 izig. 23-7)
No. 2: IHubo 144:1-15
No. 3: Isizathu Sokuba Sibe Nesithakazelo Ekungcwatshweni KukaJesu Nasethuneni Elingenalutho (gt-ZU isahl. 127)
No. 4: Kungani Kunezindlalifa ZoMbuso Ezimbalwa Kangaka Emhlabeni Namuhla? (uw-ZU kk. 110-12 izig. 1-7)
Feb. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: AmaHubo 146 kuya ku-150
INgoma No. 102
No. 1: AmaHubo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo−Ingxenye 2 (si-ZU
kk. 105-6 izig. 28-32)
No. 2: IHubo 148:1-14
No. 3: Injabulo Yokuvuka KukaJesu (gt-ZU isahl. 128)
No. 4: Bazi Kanjani Ukuthi Bangamadodana Angokomoya? (uw-ZU kk. 112-13 izig. 8-10)
Feb. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 1 no-2
INgoma No. 144
No. 1: Isethulo Sencwadi YezAga−Ingxenye 1 (si-ZU kk. 106-7 izig. 1-5)
No. 2: IzAga 2:1-19
No. 3: Indlela Ukholo Ovukweni Oluqiniswa Ngayo (gt-ZU isahl. 129)
No. 4: Umkhosi WeSikhumbuzo Awuyona Inkonzo Yenkolo Engasho Lutho (uw-ZU kk. 1l4-16 izig. 11-14)
Feb. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 3 no-4
INgoma No. 89
No. 1: Isethulo Sencwadi YezAga−Ingxenye 2 (si-ZU kk. 107-8 izig. 6-11)
No. 2: IzAga 3:1-18
No. 3: UJesu Uchaza Indlela Yokubonisa Uthando (gt-ZU isahl. 130)
No. 4: Ukubona Inhlangano KaJehova Ebonakalayo (uw-ZU kk. 117-18 izig. 1-3)
Feb. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 5 no-6
INgoma No. 38
No. 1: OFakazi BakaJehova AbangamaKristu Ekhulwini Lokuqala (jv-ZU k. 26-k. 28 isig. 3)
No. 2: IzAga 6:1-19
No. 3: Indlela UJesu Aqinisa Ngayo Abafundi Bakhe (gt-ZU isahl. 131)
No. 4: Inhlangano KaNkulunkulu Ingokwasezulwini (uw-ZU kk. 118-20 izig. 4-7)
Mar. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 7 no-8
INgoma No. 65
No. 1: Ukuhlelwa Kwebandla LobuKristu (jv-ZU k. 28 isig. 4-k. 29 isig. 4)
No. 2: IzAga 8:22-36
No. 3: Lokho UJesu Akwenzayo Ngakwesokunene SikaNkulunkulu (gt-ZU isahl. 32)
No. 4: Indima EngokomBhalo YeNdikimba Ebusayo (uw-ZU kk. 120-22 izig. 8-12)
Mar. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 9 no-10
INgoma No. 127
No. 1: Izimpawu Zokubona Ibandla LobuKristu (jv-ZU k. 29 )
No. 2: IzAga 10:16-32
No. 3: Isizathu Esenza UJesu Waba Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila (gt-ZU isahl. 133)
No. 4: Ukuhlaziya Ukwazisa Kwethu Inhlangano KaNkulunkulu (uw-ZU kk. 123-4 izig. 13, 14)
Mar. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 11 no-12
INgoma No. 42
No. 1: Ukuhlubuka Okukhulu Kuyaqala (jv-ZU k. 33-k. 36 isig. 3
No. 2: IzAga 11:1-14
No. 3: Isizathu Sokuba Kudingeke Wonke Umuntu Afunde Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu (gt-ZU−Lungiselela ukwaziswa okusesethulweni sencwadi.)
No. 4: Kungani Kufanele Ulalele Iseluleko? (uw-ZU kk. 125-7 izig. 1-4)
Mar. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 13 no-14
INgoma No. 77
No. 1: Ukulahla Izimfundiso Ezihlanzekile ZikaKristu (jv-ZU k. 37)
No. 2: IzAga 14:1-16
No. 3: td-ZU 32A Umuntu Akamiselwa Kusengaphambili
No. 4: Izibonelo Ezinhle Zalabo Abamukela Iseluleko (uw-ZU kk 127-81 izig. 5, 6)
Apr. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 15 no-16
INgoma No. 26
No. 1: Ukufuna Iqiniso (jv-ZU k. 42-k. 46 isig. 1)
No. 2: IzAga 15:1-16
No. 3: td-ZU 11A Ukuphila Kobuntu KukaJesu Kwaba Isihlengo Sabo Bonke
No. 4: Hlakulela Izimfanelo Ezingenakulinganiswa (uw-ZU kk. 128-30 izig. 7-11)
Apr. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 17 no-18
INgoma No. 187
No. 1: Ukumemezela Ukubuya KweNkosi (jv-ZU k. 46 isig. 2-k. 51 isig. 2)
No. 2: IzAga 18:1-15
No. 3: td-ZU 11B Isizathu Sokuba Kube UJesu Owayengakhokha Isihlengo
No. 4: Ungakwenqabi Ukuyala KukaJehova (uw-ZU kk. 130-1 izig. 12-14)
Apr. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 19 no-20
INgoma No. 200
No. 1: Ukuphuma EBabiloni Nokungena Ekuqabulekeni Okungokomoya (jv-ZU k. 51 isig. 3-k. 55 isig. 4)
No. 2: IzAga 19:8-23
No. 3: td-ZU 8A Indlela Yokubona Okuwukuphela Kwenkolo Yeqiniso
No. 4: Uthando Lubonakalisa AmaKristu Eqiniso (uw-ZU kk. 132-3 izig. 1-5)
Apr. 24 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela iHubo 119:113 kuya kuzAga 20
INgoma No. 155
May 1 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 21 no-22
INgoma No. 6
No. 1: Ukwandlsa Ukumemezela Ukubuya KweNkosi (jv-ZU k. 55)
No. 2: IzAga 22:1-16
No. 3: td-ZU 8B Akufanele Yini Ukulahla Izimfundiso Zamanga
No. 4: Okumelwe Kwenziwe Uma Kuphakama Izinkinga (uw-ZU k. 134 izig. 6-9)
May 8 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 23 no-24
INgoma No. 91
No. 1: Amathemba Amakhulu (jv-ZU k. 61-k. 64 isig. 2)
No. 2: IzAga 24:1-16
No. 3: td-ZU 8C Lapho UNkulunkulu Ekuvumela Khona Ukushintsha Inkolo
No. 4: Singatha Izinkinga Ngendlela EngokomBhalo (uw-ZU kk. 135-6 izig. 10-13)
May 15 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 25 no-26
INgoma No. 123
No. 1: Ushintsho Ekuphatheni (jv-ZU k. 65 isig. 1-k. 69 isig. 2)
No. 2: IzAga 25:1-13
No. 3: td-ZU 8D Ingabe UNkulunkulu Ubona “Ubuhle Kuzo Zonke Izinkolo?”
No. 4: Funa Izindlela ‘Zokwanuleka’ (uw-ZU kk. 137-8 izig. 14-17)
May 22 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 27 no-28
INgoma No. 95
No. 1: IzAga—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 109-10 izig. 19-28)
No. 2: IzAga 28:1-14
No. 3: td-ZU 43A Obani Abayovuswa Kwabafileyo?
No. 4: Bonisa Ukwesaba UNkulunkulu Ekhaya (uw-ZU k. 139 izig. 1, 2)
May 29 Ukufundwa kweBhayibheli: IzAga 29 kuya ku-31
INgoma No. 117
No. 1: IzAga—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 110-11 izig. 29-38)
No. 2: IzAga 31:10-31
No. 3: td-ZU 43B Bayovuselwaphi Abafileyo?
No. 4: Lokho IBhayibheli Elikushoyo Ngomshado, Isehlukaniso, Nokuhlala Ngokwahlukana (uw-ZU k. 140 isig. 3)
June 5 Ukufundwa kweBhayibheli: UmShumayeli 1 kuya ku-3
INgoma No. 35
No. 1: Isethulo Sencwadi YomShumayeli (si-ZU kk. 112-13 izig. 1-8)
No. 2: UmShumayeli 3:1-9, 18-22
No. 3: td-ZU 27A Ukubuya KukaKristu Akubonakali
No. 4: Izici Eziyisihluthulelo Emshadweni Ophumelelayo (uw-ZU kk.l40-l izig. 4, 5)
June 12 Ukufundwa kweBhayibheli: UmShumayeli 4 kuya ku-6
INgoma No. 177
No. 1: Isikhathi Sokuvivinywa (jv-ZU k. 69 isig. 3-k. 71)
No. 2: UmShumayeli 5:1-8, 18-20
No. 3: td-ZU 27B Ukubuya KukaKristu Kuqashelwa Ngamaqiniso Abonakalayo
No. 4: Feza Indima Yakho Elungiselelweni LikaNkulunkulu Lomkhaya (uw-ZU kk. 142-3 izig. 6-10)
June 19 Ukufundwa kweBhayibheli: UmShumayeli 7 kuya ku-9
INgoma No. 180
No. 1: Ukuphuma EJele Nokuqhubeka Nomsebenzi (jv-ZU k. 72-k. 77 isig. 4)
No. 2: UmShumayeli 7:1-12
No. 3: td-ZU 10A AmaKristu Awabophekile Ukugcina ISabatha
No. 4: Vumela IBhayibheli Libe Umthombo Wakho Weseluleko (uw-ZUk. 144 izig. 11-13)
June 26 Ukufundwa kweBhayibheli: UmShumayeli 10 kuya ku-12
INgoma No. 107
No. 1: UmShumayeli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 114 izig. 15-19)
No. 2: UmShumayeli 12:1-14
No. 3: td-ZU 10B UMthetho WeSabatha Awunikezwanga AmaKristu
No. 4: Isizathu Sokuba Sibe Nesithakazelo EMthethweni KaMose (uw-ZU kk. 146-7 izig. 1-4)
July 3 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiHlabelelo seziHIabelelo 1 kuya ku-4
INgoma No. 11
No. 1: Isethulo Sencwadi YesiHlabelelo seziHlabelelo (si-ZU k. 115 izig. 1-4)
No. 2: IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:1-14
No. 3: td-ZU 10C Isikhathi Sokuqala Nesokuphela Kokuphumula KukaNkulunkulu KweSabatha
No. 4: Izizathu EzingokomBhalo Zokuba Singabi Ngaphansi KoMthetho KaMose (uw-ZU kk. 147-8 izig. 5, 6)
July 10 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiHlabelelo seziHlabelelo 5 kuya ku-8
INgoma No. 205
No. 1: IsiHlabelelo seziHlabelelo−Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 117 izlg. 16-18)
No. 2: IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:1-14
No. 3: td-ZU 9A UNkulunkulu Unikeza Insindiso NgoKristu Kuphela
No. 4: Ukholo Lubalulekile Ukuze Sithole Intethelelo Nensindiso (uw-ZU kk. 148-50 izig. 7-10)
July 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 1 kuya ku-3
INgoma No. 114
No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Isaya (si-ZU kk. 118-19 izig. 1-8)
No. 2: Isaya 1:1-13
No. 3: td-ZU 9B Ukuthi “Uma Usuke Wasindiswa, Usindiswe Phakade” Akukho NgokomBhalo
No. 4: Izinzuzo Zokwazi UMthetho (uw-ZU kk. 150-1 izig. 11-13; k. 153
isig. 14)
July 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 4 kuya ku-7
INgoma No. 151
No. 1: Memezelani INkosi NoMbuso (jv-ZU k. 77 isig. 5-k. 83 isig. 2)
No. 2: Isaya 6:1-13
No. 3: td-ZU 9C “Ukusindiswa Kwabantu Endaweni Yonke” Akukho NgokomBhalo
No. 4: Izimiso Eziyisisekelo EMthethweni KaMose: “Imithwalo Yemfanelo NgakuNkulunkulu” (uw-ZU k. 152)
July 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 8 kuya ku-10
INgoma No. 92
No. 1: AbamemezeU Beqiniso LoMbuso Abangesabi (jv-ZU k. 83)
No. 2: Isaya 9:l-12
No. 3: td-ZU 16A Lokho Isono Esiyikho
No. 4: Izimiso Eziyisisekelo Emthethweni KaMose: “Imikhuba Yenkolo Enqatshelwe” (uw-ZU k. 152)
Aug. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 11 kuya ku-13
INgoma No. 129
No. 1: Ukumemezela Izindaba Ezmhle Ngokungayeki (jv-ZU
k. 90-k. 94 isig. 5)
No. 2: Isaya 11:1-10
No. 3: td-ZU 16B Isizathu Sokuba Sonke Isintu Sihlupheke Ngesono Sika-Adamu
No. 4: Izimiso Eziyisisekelo Emthethweni KaMose: “Umshado Nokuphila Komkhaya” (uw-ZU k. 152)
Aug. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 14 kuya ku-17
INgoma No. 133
No. 1: Abafundisi Abafanelekayo Bayisa Izindaba Ezinhle Emazweni Amaningi (jv-ZU k. 94 isig. 6-k. 98 isig. 4)
No. 2: Isaya 14:3-20
No. 3: td-ZU 16C Sasiyini Isithelo Esenqatshelwe?
No. 4: Izimiso Eziyisisekelo EMthethweni KaMose: “Imisebenzi Ehilela Abanye Abantu” (uw-ZU k. 152)
Aug. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 18 kuya ku-22
INgoma No. 53
No. 1: Ukwanda KoMbuso Ongokwasezulwini (jv-ZU k. 99 isig. l-k. l02 isig. 3)
No. 2: Isaya 21:1-17
No. 3: td-ZU 16D Kuyini Ukona Umoya Ongcwele?
No. 4: Ukuphila Negazi Kungcwele (uw-ZU kk. 154-6 izig. 1-6)
Aug. 28 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela IzAga 21 kuya ku-Isaya 22
INgoma No. 181
Sept. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 23 kuya ku-26
INgoma No. 174
No. 1: Ukuhlonyiselwa Kahle Ukumemezela Izindaba Ezinhle (jv-ZU k. l03 isig. l-k. l07)
No. 2: Isaya 25:1-12
No. 3: td-ZU 40A Uyini Umphefumulo?
No. 4: Ukusetshenziswa Kwegazi Ekwelapheni Nomthwalo Wemfanelo WomKristu (uw-ZU kk. 156-8 izig. 7-9)
Sept. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 27 kuya ku-29
INgoma No. 29
No. 1: IZwi LikaJehova Liqhubekela Phambili Ngokushesha (jv-ZU k. l08-k. 112 isig. 4)
No. 2: Isaya 28:1-13
No. 3: td-ZU 40B Umoya Nomphefumulo Kuhluke Kanjani?
No. 4: Bungobungathi Sina Kangakanani Ubungcwele Begazi? (uw-ZU kk. 159-60 izig. 10-12)
Sept. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 30 kuya ku-33
INgoma No. 30
No. 1: Abantu Abashisekela Imisebenzi Emihle (jv-ZU k 113
isig. 1-k. 117)
No. 2: Isaya 32:1-8, 16-20
No. 3: td-ZU 39A Uyini Umoya Ongcwele?
No. 4: AmaKristu Eqiniso Awayona Ingxenye Yezwe (uw-ZU kk. 161-3 izig. 1-6)
Sept. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 34 kuya ku-37
INgoma No. 111
No. 1: Ukukhula Olwazini NgoNkulunkulu NangeZwi Lakhe (jv-ZU k. 120-k. l26 isig. 2)
No. 2: Isaya 35:1-10
No. 3: td-ZU 39B Amandla Okuphila Omuntu Nesilwane Abizwa Ngokuthi Umoya
No. 4: Lokho Ukungabi Yingxenye Yezwe Okudinga Ukuba AmaKristu Akwenze (uw-ZU kk. 163-5 izig. 7-10)
Oct. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 38 kuya ku-40
INgoma No. 218
No. 1: Ukuqaphela Iqiniso Ngokufa Nesihlengo (jv-ZU k. 126
isig. 3-k. 132 isig. 1)
No. 2: Isaya 40:12-26
No. 3: td-ZU 39C Kungani Kufanele Sigweme Lonke Uhlobo Lokusebenzisa Imimoya?
No. 4: Ukungathathi-hlangothi KobuKristu Esikhathini Sokuphela (uw-ZU kk. 165-8 Izig. 11-16)
Oct. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 41 kuya ku-43
INgoma No. 195
No. 1: Ukubona Isikhathi Nendlela INkosi Ebuya Ngayo (jv-ZU k. 132)
No. 2: Isaya 43:1-15
No. 3: td-ZU 44A Isizathu Sokuba UJehova Angabi Yingxenye KaZiqu-zintathu
No. 4: Qhubeka Ukhuluma IZwi LikaNkulunkulu Ngesibindi (uw-ZU kk. 169-70 izig. 1-4)
Oct. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 44 kuya ku-46
INgoma No. 85
No. 1: Kwakuyosho Ukuthini Ukumiswa koMbuso KaNkulunkulu? (jv-ZU k. 138-k. 142 isig. 2)
No. 2: Isaya 46:1-13
No. 3: td-ZU 44B INdodana Ayilingani NoYise
No. 4: Indlela Esithembela Ngayo KuJehova Ukuze Sithole Amandla (uw-ZU kk. 170-1 izig. 5-7)
Oct. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 47 kuya ku-49
INgoma No. 191
No. 1: Indlela Izinceku ZikaJehova Ezifundiswa Ngayo (jv-ZU k. 142)
No. 2: Isaya 48:1-11, 16-19
No. 3: td-ZU 44C Indlela UNkulunkulu NoKristu Abamunye Ngayo
No. 4: Ukuzuza Esibonelweni Sabaphostoli (uw-ZU k. 172 isig. 8)
Oct. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 50 kuya ku-53
INgoma No. 113
No. 1: Indlela Okwenzeka Ngayo Ukuba Saziwe Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova (jv-ZU k. 149-k. 156 isig. 4)
No. 2: Isaya 52:1-15
No. 3: td-ZU 44D Umoya Ongcwele Awuyena Umuntu
No. 4: Ukushumayela Ngesibindi Nangokuhlakanipha (uw-ZU kk. 173-5 izig. 9-13)
Nov. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 54 kuya ku-57
INgoma No. 222
No. 1: OFakazi BakaJehova−Umthwalo Wemfanelo Ohambisana Nalelogama (jv-ZU k. 156 isig. 5-k. 158)
No. 2: Isaya 55:1-13
No. 3: td-ZU 22A Akuyena UNkulunkulu Obangela Izinkathazo Zezwe
No. 4: Kungani Kufanele Ukhumbule Njalo Ukuthi Usuku LukaJehova Luseduze? (uw-ZU kk. 176-7 izig. 1-4)
Nov. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 58 kuya ku-62
INgoma No. 193
No. 1: Babeshumayela Ngayiphi Injongo (Kusukela ngo-1879 kuya ku-1925)? (jv-ZU k. 159-k. 163 isig. 2)
No. 2: Isaya 60:4-17
No. 3: (td-ZU 22B Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ububi
No. 4: Hlala Uqaphele Izenzakalo Ezigcwalisa Isibonakaliso (uw-ZU kk. l78-9 izig. 5, 6)
Nov. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 63 kuya ku-66
INgoma No. 211
No. 1: Isaya−Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 123 izig. 34-39)
No. 2: Isaya 65:11-25
No. 3: td-ZU 22C UNkulunkulu Ubonisa Umusa Wakhe Omkhulu
No. 4: Umsebenzi Omkhulu Wokuhlukanisa−Ubufakazi Bokuthi Isiphelo Siseduze (uw-ZU kk. 179-81 izig. 7-10)
Nov. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 1 kuya ku-3
INgoma No. 70
No. 1: Isethulo Sencwadi KaJeremiya (si-ZU k. 124 izig. 1-5)
No. 2: Jeremiya 1:4-19
No. 3: td-ZU 22D UMbuso KaNkulunkulu Uwukuphela Kwekhambi
No. 4: Yini Eseza Ngaphambi Kokuba Usuku LukaJehova Luqale? (uw-ZU kk. 181-3 Izig. 11-14)
Dec. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 4 kuya ku-6
INgoma No. 127
No. 1: Ukubonwa Kwesixuku Esikhulu (jv-ZU k. 164 isig. 1-k. 170 isig. 1)
No. 2: Jeremiya 5:1-14
No. 3: td-ZU 29A Wonke AmaKristu Eqiniso Kufanele Afakazele Iqiniso
No. 4: Injongo KaJehova Ehlakaniphile Neyothando (uw-ZU kk. 184-5 izig. 1-5)
Dec. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 7 kuya ku-9
INgoma No. 123
No. 1: Intshiseko Emsebenzini Ophuthumayo Iletha Isibusiso SikaNkulunkulu (jv-ZU k. 170 isig. 2-k. 171)
No. 2: Jeremiya 9:12-26
No. 3: td-ZU 29B Isizathu Sokuba Sibahambele Njalo Abantu
No. 4: UJehova Uhlanganisa Abantu Bakhe (uw-ZU kk. 186-7 lzig. 6-9)
Dec. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 10 kuya ku-12
INgoma No. 191
No. 1: Ukuqashelwa Ngokunamathela Kwethu Ezindinganisweni Zokuziphatha (jv-ZU k. 172-k. 178 isig. 3)
No. 2: Jeremiya 10:6-15, 22-25
No. 3: td-ZU 29C Ukufakaza Kusikhulula Ecaleni Legazi
No. 4: Indalo Engabantu Iyokhululwa (uw-ZU kk. 188-91 izig. 10-17)
Dec. 25 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela u-Isaya 23 kuya kuJeremiya 12
INgoma No. 217