UMhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” Ka-1994
1 Amadoda okholo aye abonisa ‘ukwesaba uNkulunkulu’ kusukela esikhathini sika-Abela noNowa kuze kube manje. (Heb. 11:4, 7) Ukwesaba uNkulunkulu kusho ukubonisa “ukwesaba nenhlonipho ejulile ngoMdali nokwesaba okunempilo ukumdumaza.” (it-1 k. 818) Phakathi no-December siyobonisa lenhlonipho ejulile ngokuba khona kwethu eMhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu.” Uyoba khona yini ukuze ujabulele sonke isimiso, kusukela engomeni yokuqala kuze kube semthandazweni wokugcina?
2 Unyaka ngamunye siwubheka ngamehlo abomvu umhlangano wesigodi. Nakuba kungase kuhileleke umzamo omkhulu nezindleko, izibusiso esizitholayo ziningi. Sibuyela ekhaya sijabule, sanelisekile futhi sakhekile ngokomoya. (Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 8:66.) Ubudlelwane buyaqabula, futhi umhlangano usenza siphumule esimisweni esivamile. Kodwa khumbula, sibuthanela ukukhulekela uJehova. Usiyala ukuba senze kanjalo. Usifundisa indlela yokuzizuzisa ngokwethu.—Dut. 31:12, 13; IHu. 122:1.
3 Umhlangano Wezinsuku Ezintathu: Isimiso siyoqhutshwa emihlanganweni engu-22 eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Ngaphandle kwesiNgisi, kunezimiso eziyoqhutshwa ngokuphelele ngesiBhunu, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, nesiZulu, nezinye izimiso zesiGreki nesiVenda. Ezindaweni ezimbili, eCape Town naseGoli, kuyoba nelungiselelo lokuhumushela abakhuluma ngezandla.
4 Isimiso siyoqala ngoLwesihlanu ngo-10:20 ekuseni siphele ngeSonto cishe ngo-4:15 ntambama. NgoMgqibelo nangeSonto, isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni. Amasango ayovulwa ngo-7:30 ekuseni. Yilabo abanezabelo ezithile zomsebenzi abayovunyelwa ukungena ngaphambi kwalokho.
5 Inhlonipho Ejulile NgoJehova Isishukumisela Ukuba Sibe Khona: UPawulu weluleka amaKristu angamaHeberu ukuba ‘anikele ngenkonzo engcwele kuNkulunkulu ngokwesaba nokuthuthumela.’ (Heb. 12:28, NW) Umhlangano wethu wesigodi kulonyaka uhlelelwe ukuba usisize senze lokho kanye. Kungase kubhekwane nezithiyo ezithile ezingase zivivinye ukuzimisela kwethu ukuba khona. Zingase zibonakale ziyizintaba, kodwa ngosizo lukaJehova zinganqotshwa. (Math. 17:20) Uma ungenakukwazi ukuhlela ukuba isikhathi sakho seholide sihlanganise wonke umhlangano, ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube iSonto ntambama, usuyile yini kumqashi wakho ngobuqotho wacela ukungabibikho emsebenzini?—Jak. 1:6-8.
6 Wasebenzise Ngokugcwele Amalungiselelo Okuzuza: Yimaphi lawo malungiselelo? Isikhathi nomzamo owenzayo ukuze ube semhlanganweni. Kuyoba okungahlakaniphile ukuba senze amalungiselelo ngokucophelela okuba semhlanganweni wesigodi kodwa siphindele ekhaya ngeSonto kusihlwa silahlekelwe ingxenye enkulu yesimiso. Ungaphuma yini phakathi nedili ukuze unakekele ezinye izindaba? Kuye kwaphawulwa ukuthi ngonyaka odlule abanye babehamba ngemva kwezimiso zasekuseni. Nokho, ukuvuthwa kwethu ngokomoya nokwesaba uNkulunkulu kufanele kungasivumeli ukuba silahlekelwe yinoma yini uJehova asilungiselele yona.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 2:9, 10.
7 Cishe abaningi bethu ngeke bakucabange ukusheshe bahambe. Nokho, kusengenzeka silahlekelwe ingxenye enkulu yesimiso. Kungenzeka kanjani lokhu? Ngokungahleli kwethu kusengaphambili ukuqikelela ukuthi sizuza ngokugcwele ezingxenyeni ezinikezwayo. Sifuna ukuqala usuku kusenesikhathi ukuze sidle ukudla kwasekuseni okwanele futhi sinakekele ezinye izinto ezidingekayo ukuze sibe sezihlalweni zethu ngaphambi kokuqala kwesimiso. Ukuphumula ngokwanele ebusuku nakho kubalulekile ukuze sibe abaphapheme futhi sikwazi ukugxilisa izingqondo esimisweni sosuku lonke.
8 Indlela ephumelelayo yokuzuza ngokugcwele esimisweni ukubhala amaphuzu amafushane. Ukubhala amaphuzu kubaluleke ngendlela efanayo entsheni nakubantu abadala. Ummemezeli oneminyaka engu-16 ubudala uthi: “Ngibhala imibhalo eshiwo enkulumweni. Kanjalo ngiyakwazi ukubukeza leyonkulumo ekhaya.” Omunye osemusha oneminyaka engu-16 ubudala uyanezela: “Ngibhala amaphuzu asemqoka. Kwenza ingqondo yami ingazulazuli.” Ngokuvamile okudingayo nje ngempela esimisweni iBhayibheli lakho, iculo, incwadi elingene yokubhala amaphuzu, nepeni. Yebo, abazali abanabantwana abancane kumelwe banakekele izidingo zabo, kodwa kungcono ukungazifaki ezinkingeni thina nabanye ngeziqandisi ezinkulu nemithwalo eminingi ngokweqile.
9 Abanye abazalwane baqopha isimiso, besebenzisa iziqopha-mazwi noma amakhamera e-video, ukuze babuye bawadlale ekhaya. Ukuthi umuntu uyakwenza yini lokhu noma cha, okwakhe, kodwa okwenzekayo kwabanye ukuthi lapho sebebuyele esimisweni sabo esivamile, siba sincane isikhathi sokubuye badlale okuqoshiwe. Ngaphezu kwalokho, amaphuzu athile ayinhloko enkulumo angase alahleke lapho besalungisa umshini wokuqopha.
10 Kufanele senze umzamo oqotho wokuba sezihlalweni zethu ngaphambi kokuba isimiso siqale. Nakuba kungenzeka usihlalo amemezele ukuthi isimiso sesizoqala sisaxoxelana okuhlangenwe nakho okujabulisayo nabangane abadala, kubonisa inhlonipho ngabasesimisweni, nangabafowethu bebonke, uma siyinqamula ngokushesha ingxoxo bese sihlala ezihlalweni zethu.
11 Imihlangano yesigodi ihlale iyizenzakalo ezijabulisayo ngenxa yesibusiso sikaJehova esikhulu. Sithola izinzuzo ezingokomoya nezingokwenyama. Kumelwe kukhunjulwe ukuthi kuyizindleko ezinkulu ukuqasha indawo yomhlangano. Kuhlangatshezwana kanjani nalezizindleko nezinye? Ngeminikelo yethu yokuzithandela, eyimali noma isheke elithunyelwa kuyi-“Watch Tower Convention.” Lokhu kuvumelana neHubo 96:8, elisikhuthaza ukuba ‘sinike uJehova inkazimulo futhi silethe umnikelo emagcekeni akhe.’
12 Ukuziphatha Kwakho Kuyoluletha Udumo? Unyaka ngamunye ngomusa sikhunjuzwa ngokubaluleka kokuziphatha kahle lapho sisemhlanganweni wesigodi. Yebo, ukuziphatha kwethu kufanele kube isibonelo ngaso sonke isikhathi, kodwa lapho sibuthene sibaningi, ngokuvamile labo abangekho eqinisweni bayasibukisisa. Ukuziphatha kwethu, okuhle noma okubi, kungase kusho lukhulu kunokushumayela kwethu. Sifuna uJehova adunyiswe ngesikushoyo nesikwenzayo.—IzAga 27:2; 1 Pet. 2:12.
13 Ngemva koMhlangano Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” wonyaka odlule, unogada othile waphawula: “Lezi izingane ezikahle ukuzedlula zonke okuye kwadingeka ngizigade esikhathini eside.” Khona-ke, ngemva kokuphawula ngemikhuba emibi nokucekela phansi kwamanye amaqembu entsha, wanezela lokhu ngabantwana boFakazi: “Baziphatha kahle futhi kuyajabulisa ukuba nabo. Ngifisa sengathi eminye imihlangano eyoqhutshelwa lapha ingaba njengalona.”
14 Umhleli othile wephephandaba waphawula lokhu ngomhlangano: “Abesifazane namantombazane bebegqoke izingubo ezikahle, futhi amadoda nabafana bebegqoke amabhantshi nothayi. Bebebhala amaphuzu ngobuqotho njengoba bebelalele izikhulumi zezinsuku ezine. Futhi uma ukuhlanzeka kuhambisana nobungcwele, oFakazi BakaJehova badl’ ubhedu kulokho.” Nokho-ke akuyona yonke imibiko eye yaba mihle kanjalo.
15 Kweminye imihlangano kuye kwabikwa ukuthi babebaningi kakhulu ababezulazula phakathi nezimiso, iningi labo kuyintsha, okubonisa ukuthi abazali kusadingeka bathi ukuqeqesha nokuqondisa kakhudlwana. Ukuhlale uzulazula kwenza kube nomsindo ophazamisa abazama ukulalela. Abambalwa kunezinto ezibalulekile okumelwe bazinakekele phakathi nesimiso, kodwa akufanele yini thina abanye sibe sezihlalweni zethu, silalelisisile?
16 Abazali abaningi bakumelela ngokuqinile ukuba abantwana babo baye emihlanganweni yebandla isonto ngalinye. Akufanele yini baqine ngendlela efanayo uma kuziwa ekuqikeleleni ukuthi abantwana babo bahlala eduze kwabo futhi abazulazuli phakathi nesimiso? Indawo yomhlangano ijikwa ibe iHholo LoMbuso elikhulu, kodwa lesi isimiso sikaSathane, futhi kungaba lula ukuba abantu abangenasimilo bangene esakhiweni ngezisusa ezingafanele. KUDINGEKA WAZI UKUTHI ABANTWANA BAKHO BAKUPHI NOKUTHI BENZANI NGAZO ZONKE IZIKHATHI.
17 Ukugqoka Nokuzilungisa: Siphila enkathini lapho ukugqoka ngokunganaki, ngisho nangobudlabha, kubhekwa khona njengokwamukelekayo. Abantu abaningi baya emasontweni nasemakhonsathini noma bahlale kuma-restaurant begqoke ngokunganaki ngokweqile. Ukuphawula okucashunwe esigabeni 14 kubonisa ukuthi kusekhona abakwazisayo ukugqoka ngendlela ehloniphekile, ikakhulukazi uma kuziwa ekukhulekeleni. Ukugqoka budlabha, ngokunganaki nokuzilungisa okungafanelekile kusho lukhulu ngathi. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi indawo yomhlangano ayiseyona inkundla yezemidlalo. IyiHholo LoMbuso elikhulu. Abanye bagqoka ngenhlonipho lapho beya emhlanganweni bese kuthi ngemva kwezimiso baye kuma-restaurant endawo nakwezinye izindawo bengagqokile ngokufanelekile noma ngesizotha.
18 Abazobhapathizwa kudingeka bakhunjuzwe ukuthi izingubo ezithile zokubhukuda azisifanelekele lesisenzakalo. Ingubo kufanele ibe nesizotha futhi yamukeleke. Ubani okufanele anqume lokhu? Abadala banomthwalo wemfanelo wokubona ukuthi noma ubani obhapathizwayo osebandleni labo akakhubekisi. (2 Kor. 6:3, 4) Lokhu kusho ukungagqoki izinto zokubhukuda eziveza umzimba nezikibha ezineziqubulo zezwe noma ezinezikhangiso. Kuyofaneleka ukuba abadala baxoxe ngalendaba nomuntu ozobhapathizwa lapho bebukeza imibuzo yencwadi ethi Ukufeza Inkonzo.
19 Amahhotela: Kudingeka sibonise izithelo zomoya ngazo zonke izikhathi kodwa ikakhulukazi lapho sisebenzelana nezisebenzi zasemahhotela nakuma-restaurant.
20 Imishini Yokuqopha: Njengoba sekushiwo, ukusebenzisa imishini yokuqopha, ikakhulukazi eqopha amakhasethi e-video, kuyisinqumo somuntu siqu. Uma unquma ukuqopha, sicela ubonise ukucabangela abaseduze kwakho. Kungase kuphazamise ngisho nalapho uqopha usesihlalweni sakho. Akekho okufanele asithe abanye abantu abakanye naye emhlanganweni lapho eqopha. Ngaphezu kwalokho, akukho mishini yokuqopha noma ngabe injani okumelwe ixhunywe esimisweni sikagesi noma somsindo, noma okufanele ibekwe phakathi nezihlalo noma ezindaweni zokuhamba.
21 Izindawo Zokuhlala: Izinkinga ezihlobene nokugcina izihlalo zisadinga ukunakekelwa. Sithanda ukuphinde sikhumbuze wonke umuntu: IZIHLALO ZINGAGCINELWA KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Kweminye imihlangano lapho kuvulwa amasango njalo ekuseni ngo-7:30, abazalwane nodade abaningi baye baphangelana beyogcina izingxenye ezinkulu zendawo yokuhlala kwase kuthi eziningi ezazigciniwe zangahlala muntu. Lemikhuba yokungacabangeli ibonakala iqhubeka naphezu kokukhunjuzwa njalo. Akufanele yini sihlole izinhliziyo zethu kulendaba futhi sizindle ngezimiso ezikweyabaseFilipi 2:3, 4?
22 Umhlangano ngamunye wenza amalungiselelo alabo abanezidingo ezikhethekile, njengasebekhulile nabakhubazekile emzimbeni. Sicela uqikelele ukuba ungahlali ezihlalweni ezikwezinye zalezizingxenye uma ungafaneleki. Futhi, qikelela ukusiza labo abanezidingo ezikhethekile ukuba bathole izihlalo uma bengaphelezelwa umuntu obanakekelayo.
23 Inkonzo Yezokudla: Kuzophinda futhi kulungiselelwe inkonzo yezokudla kuyo yonke imihlangano. Sikhuthaza bonke abazoba semihlanganweni ukuba basekele lelilungiselelo.
24 Ngo-December kuzoqhutshwa eminingi yeMihlangano Yesigodi ‘Yokwesaba UNkulunkulu.’ Usuwaqedile yini amalungiselelo akho, futhi usukulungele yini ukujabulela izinsuku ezintathu zobudlelwane obujabulisayo nezinto ezinhle ezingokomoya? Sithandaza ngobuqotho ukuba uJehova abusise imizamo yakho yokubuthana nabanye kulelihlobo futhi wondliwe etafuleni likaJehova elinezinto ezinhle eMhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu.”
[Ibhokisi ekhasini 10]
Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
Uhapathizo: Abazobhapathizwa kufanele babe sezihlalweni zabo engxenyeni ebonisiwe ngaphambi kokuqala kwesimiso ngoMgqibelo ekuseni. Kuye kwaphawulwa ukuthi abanye bagqoka izingubo ezingahloniphekile neziphazamisayo kulesisenzakalo. Ngamunye ohlela ukubhapathizwa kufanele eze nengubo yokungena emanzini enesizotha nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo nomthandazo wesikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kwabazobhapathizwa bese ethula ingoma. Ngemva komugqa wokugcina, abalindi bayoqondisa abayobhapathizwa endaweni yokucwiliswa. Njengoba ubhapathizo olubonakalisa ukuzinikezela komuntu luyindaba engathi sína neyomuntu siqu phakathi kwalowomuntu noJehova, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ubhapathizo lwabangane lapho abazobhapathizwa ababili noma ngaphezulu begaxana khona noma babambane ngezandla ngesikhathi bebhapathizwa.
Amabheji: Siza ufake ibheji lika-1994 emhlanganweni nalapho ulibangise endaweni yomhlangano noma lapho usubuya. Ngokuvamile lokhu kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sisendleleni. Lokhu kwaba njalo ngokuvelele ngonyaka odlule ngokuqondene nemihlangano eyayiseMoscow naseKiev. Amabheji nezembozo kufanele atholwe ngebandla lakini, njengoba engeke atholakale emhlanganweni. Khumbula ukuphatha ikhadi lakho le-Medical Directive lalonyaka. Amalungu omkhaya waseBethel namaphayona nawo kufanele aphathe amakhadi awo esibonakaliso.
Izindawo Zokulala: Siyaphinda sicela ukubambisana kwawo wonke umuntu ekusebenziseni izindawo ezilungiselelwe umhlangano. Onobhala bamabandla kufanele baqikelele ukuthi amafomu eSicelo Sendawo Yokulala athunyelwa ngokushesha ekhelini lomhlangano elifanele hhayi eNhlanganweni. Uma ungasayidingi indawo yokulala, kufanele umazise ngokushesha umnikazi wendawo noma ihhotela noMnyango Wezindawo Zokulala womhlangano ukuze leyondawo inikezwe abanye. Kweminye imihlangano kuya kuba nzima ukutholela izihambeli eziningi indawo yokulala. Ukuze anqobe lobubunzima amakomiti omhlangano ayohlela ukuqasha izikole zendawo namagumbi anemibhede eminingi njengoba kuye kwenziwa esikhathini esidlule. Kodwa ngenxa yokwanda kwamanani alabo abadinga loluhlobo lwezindawo zokulala, manje siyosebenzisa lokho esikubiza ngokuthi “isimiso samakamelo okulalisa abantu abaningi.” Ngamanye amazwi, odade bayolaliswa bodwa nabazalwane balale bodwa. Ngakho, ngeke kusenzeka ukuba imikhaya ilale ndawonye ekilasini elilodwa. (Sicela nibheke isithombe esiku-Phaphama! ka-December 22, 1991, ikhasi 17.) Lokhu kungase kube nzinyana kwabanye kodwa siyaqiniseka ukuthi bonke bayosiqonda isizathu salokhu. Lelilungiselelo selisetshenzisiwe kakade emihlanganweni ethile futhi laphumelela kakhulu.
Izinqola Zabantwana (Ama-pram): UMnyango Wezomlilo utusa ukuba singezi nazo ehholo bese sizimisa emaphasishini noma phakathi nezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana zingaba ingozi hhayi kumntwana kuphela kodwa nakunoma ubani ezingase zimkhube. Ngakho sizani ningezi nazo ehholo. Nokho, izihlalo zezinsana noma zasemotweni zivunyelwe, njengoba lezi zingase zibekwe ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kwenu nathi kulendaba kuyokwaziswa.
Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Ungabekela eceleni yini isikhathi esithile emhlanganweni ukuze usize komunye weminyango? Ukukhonza abafowethu, noma kungaba amahora ambalwa nje, kungaba usizo kakhulu futhi kulethe nokwaneliseka okukhulu. Uma ungasiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala nazo zingaba nengxenye enhle kakhulu ngokusebenza nomzali noma omunye umuntu omdala onokwethenjelwa.
Izingoma: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize lezizingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 53, 175, 85, 79, 187, 155, 19, 13, 47, 180, 177, 113, 143, 191, 33, 114, no-222. (Situsa ukuba amabandla aqale ukuprakthiza okungenani ingoma eyodwa ngemva komhlangano ngamunye.)
Umhlangano ophathelene NeBethel: Ngosuku lwesibili kuyoba nomhlangano wanoma yibaphi abamemezeli abazinikezele abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-35 abangathanda ukungenela inkonzo yaseBethel. Izaziso ziyokwenziwa emhlanganweni ngokuqondene nesikhathi nendawo yalomhlangano.
Izixwayiso: Ngokuhlale siqaphele ukuthi kungase kube nezinkinga, singakugwema ukuba sebunzimeni obungadingekile. Ngokuvamile amasela nabanye abantu abangenasimilo baphanga abantu abangekho endaweni abahlala kuyo. Qikelela ukuba ukhiye imoto yakho ngazo zonke izikhathi, futhi ungalokothi ushiye noma yini obala engalinga umuntu ukuba agqekeze. Amasela nabakhuthuzi bazigwazela ibhece emibuthwaneni emikhulu. Ngeke kube ukuhlakanipha ukushiya noma yini ebalulekile esihlalweni sakho. Ngeke uqiniseke ukuthi wonke umuntu oseduze kwakho ungumKristu. Kungani kufanele ufake umuntu esilingweni? Kuye kwabikwa ukuthi abantu bangaphandle baye bazama ukuyengela abantwana kude nendawo yomhlangano. ABANTWANA BAKHO MABABE PHAMBI KWAMEHLO AKHO NGAZO ZONKE IZIKHATHI.
Kuye kwabikwa futhi ukuthi kwamanye amahhotela kulula ukubukela amafilimu ethelevishini anokuziphatha okubi noma ngisho nezithombe ezingcolile zobulili. Lokhu kugcizelela isidingo sokuvimbela izingane ukuba zibuke i-TV ngaphandle kokuqondiswa kulezizindawo zokulala.
Sicela ningabashayeli ucingo abaphathi bendawo yomhlangano nifuna ukwaziswa nganoma iziphi izindaba zomhlangano. Uma ukwaziswa kungatholakali kubadala, bhalelani iKomiti Yomhlangano ekhelini eningalithola kunobhala webandla.