IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-October: Izikhokhelo ezifika ngeposi zomagazini abaphuma kabili ngenyanga i-Phaphama! ne-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eyakhishwa ngaphambi kuka-1982 okungenzeka ibandla linayo esitokweni. Amabandla angenazo izincwadi ezindala esitokweni ayohambisa ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? noma ethi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R3,50.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku kanye nezilimi zemihlangano yesigodi elandelayo kushintshiwe:
December 23-25:
EPort Elizabeth (isiBhunu, isiNgisi, nesiXhosa) Indawo: St. George’s Park Cricket Stadium
December 30, 1994–January 1, 1995:
EBloemfontein (isiBhunu, isiNgisi, nesiSuthu) Indawo: Springbok Park Cricket Stadium
◼ Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1995, elitholakala ngomnikelo ka-R13,00 lilinye, ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Izindleko ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla afake itekisi elisha lonyaka ngo-January 1, 1995.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1995 e-odeni lawo lezincwadi lasikhathi sonke kusukela ngo-October 1. Lezizincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu. Kuze kube yilapho lezizincwajana sezitholakala futhi sezithunyelwe, ziyofakwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered.” Izincwajana ezithi Ukuhlola ImiBhalo ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R1,80 iyinye, okuyinani lommemezeli nephayona. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini ngaphambi kuka-July 1, 1994 angathola eyodwa ngesihle. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Izincwadi ezinikezwe amaphayona mahhala kufanele ziboniswe ngokuhlukile efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NEZINGANE EZIKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NEZINCWAJANA ZAWO SIQU.
◼ Isenezelo sale-Nkonzo Yethu YoMbuso ‘siyiSimiso Sesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini Sango-1995.’ Kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe kuwo wonke u-1995.
◼ AmaKomiti Enkonzo kufanele asize athumele eNhlanganweni okuhlangenwe nakho okuvelele komkhankaso wensimu engabelwe. Siyokujabulela ukukuthola ngo-November 15, 1994.
◼ Sizani niphawule ukuthi inani elisha lencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu lingu-R30,00 ibandla neningi, bese liba u-R22,00 amaphayona. Sizani niyifake encwajaneni yenu entsha ethi uHlu Lwamanani.