Funani Kuqala UMbuso KaNkulunkulu—Ngokunikela Njalo Iminikelo Yokubonga
1 Labo abafuna uMbuso kuqala njalo bahlale becabanga ngokukhuluma ngoJehova nangoMbuso wakhe. (IHu. 145:11-13) Nsuku zonke kunamathuba okudumisa igama lakhe nokukhuluma ngezindaba ezinhle. (IHu. 96:2) Ukudumisa uJehova kwakumjabulisa umhubi owathi: “Siyakudumisa uNkulunkulu usuku lonke.” (IHu. 44:8, NW) Uma sizizwa ngendlela efanayo, siyokushisekela ukuhlanganyela njalo enkonzweni yoMbuso.
2 UJehova akazange anqume ngokuqondile ukuthi isikhathi esingakanani okufanele sisichithe enkonzweni, kodwa wasikhuthaza ukuba simdumise “njalonjalo.” (Heb. 13:15) Uma izimo zethu zivuma, kufanele sikwenze umgomo wethu ukuchitha isikhathi esithile sidumisa uJehova masonto onke. Labo abakwenzayo kakade lokho bangase bakwazi ukuhlela izimo zabo ukuze bakhonze njengamaphayona asizayo njalo ngezikhathi ezithile noma ngisho nangokuqhubekayo. Abanye abebeyijabulela inkonzo yamaphayona asizayo bangase bakwazi ukubhalisa njengamaphayona avamile.
3 Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zethu, ingabe singawandisa umnikelo wethu wokubonga? Intshiseko ibangelwa ukwazisa. Isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu sakha ukwazisa. Imihlangano yebandla isishukumisela ukuba sibonise lokho kwazisa ngezindlela ezingokoqobo. Ukuhlanganyela eduze nabanye abadumisi abashisekayo ‘kungavusa imisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24) Ngokuzuza ngokugcwele emalungiselelweni enziwa ibandla, singakwazi ukwandisa umnikelo wethu wokubonga.
4 Umprofethikazi u-Ana wabeka isibonelo esihle enkonzweni kaJehova. Nakuba ayeneminyaka engu-84, ‘wayengasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.’ (Luka 2:37) Ukuhlanganyela kwakhe ngomphefumulo wonke emisebenzini yebandla kwamlethela ukwaneliseka okukhulu komuntu siqu. Ukulandisa kweBhayibheli ngenkonzo yakhe yokwethembeka nathi kuyasikhuthaza namuhla.
5 UPawulu wakhuthaza ukuthi labo ‘abanamandla bathwale ubuthakathaka babangenamandla.’ (Roma 15:1) Cishe bakhona ebandleni lakini abayozuza osizweni lwakho lomusa nesikhuthazo. Ukumema othile ukuba aye nawe enkonzweni yasensimini kungase kube yilokho kanye okudingekayo. Kungenzeka ummemezeli adinge into yokuhamba noma othile angase asebenze naye. Omunye angase abe nenkinga yokudumazeka, futhi ungase umnikeze ukusekela okwakhayo okudingekayo ukuze kuvuselelwe intshiseko yakhe yenkonzo yoMbuso. (1 Thes. 5:14) Ukuzimisela kwakho ‘ukuhlanganyela nabangcwele ekusweleni kwabo’ kubonisa isifiso senhliziyo yakho sokwandisa ukudunyiswa kwegama likaJehova.—Roma 12:13.
6 Asinakukwazi ukuzibala zonke izinto uJehova asesenzele zona kakade nasazosenzela zona. Ayikho indlela esingamkhokhela ngayo ngenxa yalezizibusiso. Yeka izizathu ezinamandla zokuba ‘konke okuphefumulayo kudumise uJehova’!—IHu. 150:6.