Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/94 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Ka-October

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Ka-October
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 3
  • Isonto Eliqala Ngo-October 10
  • Isonto Eliqala Ngo-October 17
  • Isonto Eliqala Ngo-October 24
  • Isonto Eliqala Ngo-October 31
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 10/94 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Ka-October

Isonto Eliqala Ngo-October 3

INgoma 203

10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni.

17 imiz: “Manje Isikhathi.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa namaphuzu asesihlokwaneni esithi “Phishekela Imigomo Engokomoya” esisemakhasini 4 no-5 ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1993.

18 imiz: “Yiba Nesithakazelo Komagazini Ngo-October.” Xoxa nezilaleli. Yiba nemiboniso emibili elungiselelwe kahle ebonisa indlela yokusebenzisa omagazini ekuqaleni ingxoxo. Gcizelela ukubaluleka kokuhambisa izikhokhelo kuyo yonke imizi. Lapho isikhokhelo senqatshwa, hambisa omagazini ababili ngomgomo wokuqala nokugcina umzila kamagazini.

INgoma 212 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 10

INgoma 104

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali nokubonga noma imiphi iminikelo eyenziwe.

20 imiz: “Bazali—Sekelani!” Inkulumo ebekwa umdala esekelwe ezihlokweni ezintathu zokuqala ku-Phaphama! ka-August 8, 1994. Yenza ukwaziswa kusebenze ebandleni. Xoxa kafushane nomzali okungenzeka unokuhlangenwe nakho kokuxoxa nothisha noma abaphathi besikole. Gcizelela ukuthi abazali bangazisekela kanjani izingane zabo.

15 imiz: Izidingo zebandla. Noma umdala anikeze inkulumo ngesihloko esithi “Ungakubonisa Yini Ukubekezela?” esiku-Nqabayokulinda ka-May 15, 1994, amakhasi 21-3.

INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 17

INgoma 194

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini.

20 imiz: “UMhlangano Wesigodi ‘Wokwesaba UNkulunkulu’ Ka-1994.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo ngezigaba 1-11, isingathwe umdala. Donsela ukunakekela ngokukhethekile kwesithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi.” Phetha ingxoxo ngokubukeza amaphuzu ayinhloko nezilaleli. Khuthaza bonke ukuba babe sezihlalweni zabo ngaphambi kwesikhathi futhi bahlale phansi kuso sonke isimiso. Gcizelela isidingo sokusebenzisa esikufundile.

15 imiz: “Ngothando Siza Labo Ababonisa Isithakazelo.” Xoxa nezilaleli. Hlela ukuba kube nemiboniso emibili esebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe. Chaza okuhilelekile ekuqaleni umzila kamagazini, okungathi ngokuhamba kwesikhathi uthuthukele ekubeni isifundo seBhayibheli esinezithelo.

INgoma 156 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 24

INgoma 141

12 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza esithi “Sizophinda Sifunde Incwadi Ethi Umvuthwandaba WesAmbulo.” Bakhumbuze bonke ngokubaluleka kokulungiselela izifundo kusengaphambili nokuba khona njalo.

15 imiz: Ingabe Unalo I-oda Lasikhathi Sonke? Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bawusizo olukhulu ekusakazeni isigijimi soMbuso. Kufanele sibahambise ngawo wonke amathuba. INkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1984 yatusa ukuba ummemezeli ngamunye abe “ne-oda likamagazini eliqinisekile . . . lamakhophi athile kamagazini ngamunye.” Ngaphandle kwalokho singathola ukuthi asinabo omagazini bamuva bokubahambisa futhi kudingeke sithembele emapheshaneni noma ezincwajaneni ezingangomagazini. Kuhle ukuba ilungu ngalinye lomkhaya libe ne-oda lasikhathi sonke. Bekani ama-oda phezu kwekhawunta kamagazini. Qikelelani ukuba nibathathe masonto onke omagazini. Yisho izinzuzo ezibakhona ngokuba ne-oda lasikhathi sonke.

18 imiz: “UMhlangano Wesigodi ‘Wokwesaba UNkulunkulu’ Ka-1994.” Isenezelo. Inkulumo ngezigaba 12-24, isingathwe unobhala webandla. Phetha ngokubukeza amaphuzu ayinhloko. Gcizelela isidingo sokuba bonke baziphathe ngendlela efanele. Khumbuza labo abadinga indawo yokulala ukuba benze isicelo.

INgoma 171 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 31

INgoma 169

12 imiz: Izaziso zebandla. Njengoba amaholide ezwe esesondele ngo-November nango-December, bakhuthaze bonke ukuba bacabangele ukubhalisa njengamaphayona asizayo. Nikeza ukusikisela okuthile kokuthi singasithola kanjani isikhathi esanele sokukwenza. Hlanganyela okuhlangenwe nakho okuthile okuvelele okwajatshulelwa phakathi nomkhankaso wensimu engabelwe.

18 imiz: “Funani Kuqala UMbuso KaNkulunkulu—Ngokunikela Njalo Iminikelo Yokubonga.” Imibuzo nezimpendulo. Yisho eminye yemigomo eyinzuzo esingase siyiphishekele ngokomuntu siqu. Khuluma ngezindlela esingase sikwazi ngazo ukusiza abanye ukuba benze okwengeziwe.

15 imiz: Hambisani Incwadi Ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu Ngo-November. Njengoba abantu abaningi benalo iBhayibheli, kudingeka sibabonise ukuthi kungani kubalulekile ukulifunda. Bhekisela encwadini ethi Ukubonisana (ikhasi 59, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Isiprofetho seBhayibheli sichaza okushiwo izimo zezwe”), bese uchaza ukuthi ungayiqala kanjani ingxoxo engokomBhalo esekelwe kuJohane 17:3 neHubo 37:10, 11, 29. Hlela ukuba ummemezeli onekhono enze umboniso wendlela yokuhambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ensimini yebandla.

INgoma 136 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela