Ukuzuza Ngokugcwele ESikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini
1 ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini siye saba ithuluzi lokusiqeqeshela ukuba sibe ‘nekhono lokufundisa’ ukuze sikwazi ukudlulisela kwabanye amaqiniso eBhayibheli ngokuphumelelayo. (2 Thim. 4:2, NW) Isonto ngalinye sithola ukuqonda okubalulekile kwezihloko ezihlukahlukene zeBhayibheli. Singaqikelela kanjani ukuthi sizuza ngokugcwele emfundweni ebalulekile enikezwa yilesikole?
2 Lalelisisa isethulo sombonisi wesikole lapho eqokomisa amaphuzu athakazelisayo eningawafunda phakathi nomhlangano. Cabanga nganoma imiphi imibuzo angase ayiphakamise nangendlela ongazisebenzisa ngayo enkonzweni yakho izimpendulo zayo.
3 Inkulumo yokuyala ayikhona nje ukubukezwa kokwaziswa okusencwadini. Igxila ekusetshenzisweni okungokoqobo kokwaziswa nasekutheni kungakuzuzisa kanjani wena siqu. Ukulungiselela kusengaphambili kuyokusiza ukuba ugxilise ingqondo kangcono emaphuzwini ayinhloko futhi uhlanganyele ekubukezeni ngemibuzo nezimpendulo okulandela kamuva.
4 Ukuhambisana njalo nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kungajulisa ukwazisa kwakho iZwi likaNkulunkulu. Ukwenza ukucwaninga okwengeziwe kungembula imininingwane eminingi emisha nethakazelisayo eyothuthukisa ukuqonda kwakho iqiniso. Ukunikezwa kwamaphuzu avelele eBhayibheli akukhona nje ukuphindaphindwa kokulandisa kweBhayibheli. Ngemva kokubukeza kafushane zonke izahluko ezabiwe, isikhulumi siyoqokomisa amaphuzu avelele akuleyongxenye eyabiwe bese sibonisa indlela ahlobana ngayo nokuphila kwethu kanye nokukhulekela kwethu. Lalelisisa ukuze ufunde indlela ongasebenzisa ngayo kangcono imfundo yeBhayibheli.—IHu. 119:105.
5 Uma wabelwe inkulumo yomfundi, qaphela iphuzu ozokwelulekwa kulo osebenzela kulo ngalesosikhathi. Funda ukusikisela okunikezwe kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole okuphathelene naleyomfanelo yenkulumo, bese uzama ukukusebenzisa. Lapho ukhetha ukwaziswa ozokusebenzisa enkulumweni yakho, zama ukugcizelela amaphuzu azosebenza ensimini.—sg-ZU kk. 95-9.
6 Uma ungudade wabelwe iNkulumo No. 3 noma iNkulumo No. 4, zama ukuhlela inkulumo ngendlela engokoqobo. Umninikhaya angase avume noma angavumelani nakho konke okushoyo; zama ukubonisa ukuthi ubungamsiza kanjani lowomuntu ukuba acabange ngezimiso eziyisisekelo zeBhayibheli. (sg-ZU kk. 153-7) Lokhu kusiza izilaleli ukuba zibone ukuthi zingabhekana kanjani nokuphikisa okufanayo okuhlangatshezwana nakho enkonzweni yasensimini. Lungiselela kusenesikhathi, futhi uhlele ukuba niyiprakthize nomninikhaya kusengaphambili. Akufanele kube nesidingo sokuyilungiselela lapho umhlangano usuqalile.
7 Abafundi abanikeza izinkulumo bakhuthazwa ukuba bahlale ngaphambili ehholo. Lokhu konga isikhathi futhi kwenze nombonisi wesikole akwazi ukunikeza iseluleko kumuntu ngokuqondile. Sonke singazuza ekusikiseleni okuqondene namaphuzu athile, akunikeza ngomusa, okusekelwe kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole. Angase angalandeli uhlelo lwamaphuzu enkulumo ahlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo; uyokhetha iphuzu leseluleko elisekelwe kulokho okudingayo ngalesosikhathi ukuze ukwazi ukwenza intuthuko engcono kakhulu.
8 Lezi yizo zonke izizathu ezinhle zokuba silungiselele futhi sibe khona masonto onke eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Imfundo esiyitholayo ingasisiza ukuba sihlakaniphe futhi sibe nekhono enkonzweni yethu.—IzAga 1:5.