Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/94 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Ka-May

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Ka-May
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-May 2
  • Isonto Eliqala Ngo-May 9
  • Isonto Eliqala Ngo-May 16
  • Isonto Eliqala Ngo-May 23
  • Isonto Eliqala Ngo-May 30
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 5/94 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Ka-May

Isonto Eliqala Ngo-May 2

INgoma 20

5 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezifanelekayo eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza noma imaphi amalungiselelo okwandisa imisebenzi yenkonzo yasensimini.

15 imiz: Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso. Ingxoxo phakathi kwabadala ababili. Bukeza ukwaziswa okuphathelene nokugcwaliswa kwamafomu ezisebenzi zokuzithandela uma umuntu ekufanelekela ukusebenza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Gcizelelani (1) imikhakha emibili yalabo abafanelekayo ukufaka amafomu ezisebenzi zokuzithandela (2) nokuthi zonke izisebenzi zokuzithandela, kuhlanganise nalabo ababeyizo ngaphambili, kufanele bagcwalise elinye lamafomu amasha. Bukezani amaphuzu avelele omsebenzi weKomiti Yokwakha Yesifunda anikezwe emakhasini 322-8 encwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu.

10 imiz: “Ingabe Kudingeka Ngishintshashintshe Njalo?” Ingxoxo phakathi kwabadala ababili. Gcizelelani izinzuzo zokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini.

15 imiz: “Sebenzisa Omagazini Ukuze Uhlanganyele Iqiniso Nabanye.” Xoxa nezilaleli. Chaza lokho okwenza omagazini bethu behluke nokuthi kungani lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sibahambise ngawo wonke amathuba. Hlela ukuba kwenziwe imiboniso emibili emifushane.

INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 9

INgoma 214

10 imiz: Izaziso zebandla. Kufanele siwaphaphamele amathuba okuthola izikhokhelo. Singazihambisa kulabo ngesikhathi esidlule ababebathatha njalo omagazini futhi babafunde. Kungani ungenzi uhlu lwalabo ongathanda ukubahambisela isikhokhelo? Chaza indlela yokugcwalisa amaphepha esikhokhelo.

15 imiz: “Ingabe Uyisebenzisa Ngokugcwele INqabayokulinda Ne-Phaphama!?” Ingxoxo eshukumisayo esingathwa umdala owenza kahle ekufakazeni ngomagazini. Yazisa abazalwane ngamalungiselelo enziwe abadala okusiza wonke umuntu ukuba ahlanganyele ekufakazeni ngomagazini. Nikeza isilinganiso sazinyanga zonke somagazini abahanjiswa yibandla, kanye nabahanjiswa ummemezeli ngamunye. Bakhuthaze bonke ukuba bazibekele imigomo yomuntu siqu. (Ukuze uthole ukusikisela, bheka INqabayokulinda, ka-January 1, 1994, ikhasi 25, isigaba 21.) Ngokufunda omagazini njalo siyobazisa kakhulu, futhi ngenxa yalokho siyofuna ukubasakaza.

20 imiz: “Balungiselele Inkonzo Abantu Ofunda Nabo IBhayibheli.” Imibuzo nezimpendulo. Esigabeni 4 no-5, yiba nomboniso omfushane obonisa indlela yokusiza umuntu ofunda naye ukuba alungiselele ukufakaza endlini ngendlu. Umfundi uqala ngentshumayelo elula esebenzisa iHubo 37:​11. Umqhubi wesifundo uyaphazamisa, ethi: “Nginenkolo yami.” Umfundi akaqiniseki ukuthi kumelwe athini. Bobabili babheka incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 18-19, babukeza izimpendulo ezisikiselwe, bese bekhetha eyodwa umfundi azizwa ekhululekile ukuyisebenzisa. Umfundi uqala phansi, uyinikeza kahle impendulo, futhi imiphumela imenza akhuthazeke.

INgoma 139 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 16

INgoma 173

10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga noma imuphi umnikelo. Bukeza omagazini abangase bahanjiswe, bese udonsela ukunakekela emaphuzwini ambalwa okukhulunyelwa.

17 imiz: “Phindela Lapho Wathola Khona Isithakazelo.” Imibuzo nezimpendulo. Yiba nomboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili ezisikiselwe.

18 imiz: “Ukuzuza Ngokugcwele ESikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini.” Inkulumo ehlanganyelwa nezilaleli enikezwa umbonisi wesikole. Khuthaza bonke ukuba bazamukele futhi bazifeze izabelo zabo. Gcizelela ukubaluleka kokuhambisana nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke. Chaza indlela ibandla lonke elingazuza ngayo eselulekweni esinikezwa abafundi.

INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 23

INgoma 192

15 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza izihloko ezivelele komagazini bamuva, bese uhlela umboniso owodwa noma emibili emifushane yokuhanjiswa kukamagazini.

15 imiz: “Ingabe Awubalulazi Abanye Lapho Weluleka?” Inkulumo enikezwa umdala, esekelwe ku-Nqabayokulinda, ka-February 1, 1994, amakhasi 25-9.

15 imiz: Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo omkhankaso wensimu engabelwe wango-1994. Kafushane nje hlanganisa incwadi evela eNhlanganweni yango-April 1, 1994, bese uchaza uhlelo oluhlongozwe abadala. Amabandla angahlanganyeli ensimini engabelwe angaxoxa ngalokho angakwenza ukuze ashumayele emasimini awo angasetshenzwa njalo noma emasimini aqhelile, noma indlela angasiza ngayo ibandla eliseduze ukuba lihlanganise insimu yalo.

INgoma 19 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 30

INgoma 204

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini.

15 imiz: Bukeza isipho sencwadi sango-June: IBhayibheli​—⁠Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Donsela ukunakekela emifanekisweni enjengaleyo esemakhasini 4, 137, 138, no-143. Yiba nommemezeli onekhono enze umboniso omfushane osekelwe kweminye yalemifanekiso, esebenzisa uMathewu 24:​7, 8. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini esonto elizayo.

20 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo eshukumisayo ethi “AmaKristu Okuqala Nezwe,” esekelwe ku-⁠Nqabayokulinda, Ka-July 1, 1993. Qokomisa isidingo ngathi namuhla sokulingisa isibonelo samaKristu okuqala.

INgoma 12 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela