Ukufaka Umthetho KaNkulunkulu ‘Ezinhliziyweni Zethu’
1 Kwaprofethwa ukuthi uJesu wayezoba nomthetho kaJehova ‘enhliziyweni yakhe.’ (IHu. 40:8) Lokhu kwaba yiqiniso, futhi kwamsiza ukuba afeze intando kaYise.
2 Abafundi bakhe abagcotshiwe ngokufanayo babenomthetho kaJehova ‘ezingqondweni zabo futhi ubhalwe ezinhliziyweni zabo.’ (Heb. 8:10) Lokhu kwabenza bakwazi ukulondoloza ukuziphatha okuhle nokufeza inkonzo yabo ngokugcwele. Singaqikelela kanjani thina sonke ukuba umthetho kaJehova uhlale ezingqondweni zethu futhi ulotshwe ezibhebheni zezinhliziyo zethu?—IzAga 3:3.
ISIFUNDO SOMUNTU SIQU NOKUCWANINGA
3 Isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu singasisiza ukuba senze iqiniso libe ngelethu. Ukutadisha kuhilela ukucwaninga nokuzindla. Kuwukugxilisa ingqondo okuhlala njalo, nokunenjongo okuhambisana nokunakekela ngokuqaphelisisa imininingwane. Akumelwe nje kuphela sifunde izincwadi zeNhlangano ngokushesha lapho sizithola kodwa kumelwe futhi siziqeqeshe ukuba sibe nohlelo lwasikhathi sonke lokutadisha oluyosihlomisela yonke imihlangano yethu yamasonto onke.
4 Imikhuba emihle yokutadisha iqinisa ukuqiniseka kwethu ngokuphathelene neqiniso futhi yenza ithemba lethu ngesikhathi esizayo likhanye. Yebo, ‘sikhulela ensindisweni.’ (1 Pet. 2:2) Lapho sifunda ngezinto ezithakazelisayo ezivela emiBhalweni, sifuna ukukhuluma ngazo. Ngaleyondlela sishukunyiselwa ukuba sibonise uthando ngomakhelwane bethu ngokukhuluma nabo ngezinto esizifundile. Ukuhlanganyela kwethu ekukhulumeni “izwi lombuso” ngentshiseko kuhlanganiswe nokwazisa ngezinto ezingokomoya okutholakala ngemikhuba emihle yokutadisha.—Math. 13:19.
IZINCWADI ZOKUTADISHA
5 Inhlangano kaJehova iye yasilungiselela lokho esikudingayo ukuze sizuze ulwazi oluhle kakhulu lweqiniso. Uyayisebenzisa yini ngokugcwele i-Index ka-1930-1985? Ngalelithuluzi elihle nezincwadi ezihlukahlukene esezitholakala manje, yeka ingcebo yolwazi oluqondile esinayo! Okungamelwe kulitshalwe izincwadi Insight nethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Ingabe uzisebenzisa ngokuphumelelayo?
6 Ukuthola okwengeziwe esifundweni somuntu siqu kuyoxhomeka emzamweni esiwenzayo kuso. Phakathi kwezimo zakho zansuku zonke, nquma ukuthi kunini futhi kukuphi lapho ungathola khona indawo edingekayo ethulile futhi uwedwa ukuze ukwazi ukugxilisa ingqondo nokuzindla. Qikelela ukuba uthandazele usizo lukaJehova ngaphambi kokuba uqale ukutadisha. Ukuze senze ngokuhlakanipha kulezikhathi ezinzima, sidinga ukuba iqiniso leZwi likaNkulunkulu liqoshwe ngokungasuleki ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu. (IzAga 7:1-3; Josh. 1:8) UJehova usebenzisa umoya wakhe ukuba afake umthetho wakhe nezikhumbuzo ezinhliziyweni zethu. (Joh. 14:26; 1 Kor. 2:10) Ngeke angasinaki isicelo esiqotho sosizo ukuze uthole futhi uqonde ingcebo yeZwi lakhe.—IzAga 2:1-6.
7 Sidinga ukunamathela esimisweni sethu sokutadisha njalo ukuze sifake umthetho kaNkulunkulu ‘ezinhliziyweni zethu.’ Ngaleyondlela siyoba nengokomoya elithuthukile, siliqonde kangcono iqiniso, sithuthukise amakhono ethu ekusizeni abanye ukuba bafunde iqiniso, nokuqhubeka sihamba ngokugxile ngokwengeziwe ‘endleleni yokuphila.’—IHu. 16:11; Kol. 2:7.