Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/90 kk. 1-2
  • Sonke Sidinga Ukutadisha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sonke Sidinga Ukutadisha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMTAPO WEZINCWADI WOMUNTU SIQU
  • Ukufunda Kuyavuza
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukufeza Inkonzo Yethu YoMbuso Ngosizo LweIndex
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ingabe Uyakusebenzisa Lokho Onakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Indlela Yokucwaninga
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 7/90 kk. 1-2

Sonke Sidinga Ukutadisha

1 Kwakunabafundi bakhe lapho uJesu ethandaza kuJehova, ethi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Joh. 17:3) Yebo, bonke abafundi bakaKristu, kanye nabasanda kuthakazela, badinga ukufaka ulwazi olunjalo. Singakwenza lokhu ngesifundo somuntu siqu nesomkhaya, nangokuba khona emihlanganweni yebandla. Ingabe uyanamathela esimisweni esiwusizo sesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke?

2 Abantu abasanda kuthakazela bazuza kakhulu ngokuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya somuntu siqu. Nokho, ukuze bakhule ngokomoya kumelwe baqhubeke nokufaka ulwazi bese besebenzisa lokho abakufundayo. (Heb. 5:13, 14) Ingabe uyakwenza lokho?

3 Izinceku ezisezintsha zikaJehova zisesimweni esihle sokufaka ulwazi. Izingqondo zazo zikuphaphamele ukwamukela inkindlane yokwaziswa, futhi ngokuvamile zifisa ukwazi izizathu zokuba izinto zibe ngendlela ezingayo. UJehova wasidala sinalesifiso. Sebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha ukuze ufake ulwazi olungokomoya. Yenza njengoba umphostoli uPawulu asho futhi ‘uthengisise isikhathi’ ukuze ube nesifundo esinjalo somuntu siqu esicebisayo nesiqinisa ukholo.—Kol. 4:5.

UMTAPO WEZINCWADI WOMUNTU SIQU

4 Ingabe unawo umtapo wakho siqu noma womkhaya? Ingabe unayo imiqulu yePhaphama! neNqabayokulinda noma amakhophi alabomagazini oye wawahlanganisa ndawonye kumabinder, imiqulu yeInsight, nezincwadi esizisebenzisayo esiFundweni Sencwadi Sebandla nasemihlanganweni eHholo LoMbuso? Ingabe unayo iWatch Tower Publications Index 1930-1985 kanye nezincwadi ezindala ezitholakalayo zeNhlangano?

5 Uyothola ukwaziswa okuwusizo ezincwadini ezindala. Ingabe uye wayifunda noma wayitadisha incwajana ethi Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood? IYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1975 inikeza umlando wabantu bakaJehova kusukela esikhathini sikaMzalwan’ uRussell kuze kufike esikhathini sethu sanamuhla futhi iphendula eminingi yemibuzo eye yabuzwa ngokuphathelene noFakazi BakaJehova.

6 Kunesidingo sokuba nesifundo somuntu ngamunye nesomkhaya ukuze kokubili sibe abaqinile ngokomoya nabayihlomele kahle inkonzo yasensimini. Wenza kanjani kulokhu? Ingabe uyayilungiselela imihlangano yebandla? Ingabe uyayilungiselela inkonzo yasensimini ngomzamo wokuba ophumelela ngangokunokwenzeka? Ingabe sewayifunda wayiqeda incwadi yakho ethi Ukubonisana NgemiBhalo? Ingabe uyayisebenzisa enkonzweni yasensimini?

7 Sebenzisa iWatch Tower Publications Index 1930-1985 ukuze uthole izimpendulo zemibuzo yakho siqu naleyo oyibuzwa abantu ohlangana nabo enkonzweni yasensimini. Abadala bayothola leIndex iyithuluzi eliwusizo kakhulu lokusetshenziswa ekufuneni ukwaziswa okukhuthazayo nokufanelekile kulabo abeza kubo befuna usizo olungokomoya.

8 Ingabe ibandla lakini linawo umtapo wezincwadi okhangayo otholakalela abamemezeli abafisa ukucwaninga noma ukutadisha? Uma kungenjalo, sikhuthaza abadala ukuba bawuqalise ngokushesha ngangokunokwenzeka esikoleni sesibili noma kwenye indawo efanelekile ehholo. Umtapo wezincwadi uyoba esinye isikhuthazo kubo bonke abanesifiso sokucwaninga ezincwadini zeNhlangano

9 Eyesibili kuThimothewu 2:15 iyeluleka: “Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.” Ukuze senze lokhu sonke sidinga ukutadisha nokusebenzisa lokho esikufundayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela