Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/89 k. 3
  • Izaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 5/89 k. 3

Izaziso

● Isipho sencwadi sikaMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda sonyaka owodwa ngomnikelo ka-R10,00. Izikhokhelo zezinyanga eziyisithupha nezonyaka owodwa komagazini abaphuma kanye ngenyanga, zingu-R5,00. NgoJune: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,00. NgoJuly nangoAugust: Eyodwa yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ngomnikelo ka-60c: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” noma IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade.

● INhlangano manje izothatha ama-oda emiqulu yeNqabayokulinda ebhalwe kabusha kusukela ngonyaka ka-1965 kuya ku-1969. Amabandla nabantu ngabanye abafisa ukuba nalemiqulu ukuze bayigcine emitatsheni yabo yezincwadi kumelwe banqume ingqikithi yenani lemiqulu abayifunayo yonyaka ngamunye futhi bathumele isicelo sabo ngebandla. Ingqikithi yazo kumelwe ifakwe efomini i“Literature Order” (S-14) futhi LITHUNYELWE PHAKATHI NENYANGA KAMAY 1989. Imiqulu ebhalwe kabusha ingesiNgisi kuphela futhi iyoboniswa ngokuthi “Kusazothunyelwa” kuma-Invoice ebandla kuze kube yilapho seyithunyelwe. Sizani ningawenzi ama-oda eminyaka okungeyona u-1965 kuya ku-1969 kuze kuvele ukuqondisa esikhathini esizayo kuNkonzo Yethu YoMbuso. Njengoba iNhlangano ingeke iyinqwabelanise lemiqulu ebhalwe kabusha, sinxusa bonke ukuba bacabangele lendaba ngokunakekela futhi bafake ama-oda ka-1965 kuya ku-1969 adingekayo. Lemiqulu ebhalwe kabusha i-odwa ngokulinganiselwa futhi kumelwe ikhokhelwe lapho ifunyanwa. Umunye uyoba u-R15,00.

● IBethel idinga izinkonzo zikadokotela wamazinyo okufundele nomhlengikazi oqeqeshiwe. Sizani nibhale ukuze nithole ifomu lesicelo.

● Sisenawo amaKhalenda ka-1989 ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu, nencwadi ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1989 ngeSipedi nangesiSuthu. Sinikhuthaza ukuba nizi-ode uma nidinga ezengeziwe.

● Amaphayona athola izincwadi kunoma iyiphi indawo yezincwadi yeNhlangano lapho umuntu ezikhethela khona azifunayo ayakhunjuzwa ukuthi kumelwe aveze amakhadi awo obuphayona ngaphambi kokuba athole izincwadi ngenani lamaphayona. Amaphayona kufanele aqaphele ukuthi lelilungiselelo kuzonanyathelwa kulo ngokuqinile manje.

● IMIHLANGANO YESIGODI KA-1989: Sizani niqaphele ukuthi izinsuku zomhlangano (ezingu)December 31–January 2 ezihlelwe kuNkonzo yethu YoMbuso kaFebruary ziye zashintshelwa kuDecember 30–January 1. Sethemba ukuninika imininingwane eyengeziwe kuNkonzo Yethu YoMbuso KaJune.

● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

New World Translation of the Holy Scriptures (Uhlelo lwedeluxe engena ephaketheni; DLbi25), itholakala ngombala omnyama nangobomvu—ngesiJalimane

New World Translation of the Holy Scriptures (Uhlelo lwedeluxe engena ephaketheni; DLbi25), itholakala ngombala obomvu—ngeSpanishi

Ukubonisana NgemiBhalo—ngesiShona

Watch Tower Publications Index 1986—ngesiPutukezi

● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:

Hezekeli (amane; ibandla neningi: R16,00; amaphayona; R13,50) —ngesiJalimane

INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (amane kuyi-album; ibandla neningi: R22,00; amaphayona: R17,00)—ngesiPutukezi

● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu—ngesiPutukezi

Watch Tower Publications Index 1981-1985—ngesiPutukezi

Watch Tower Publications Index 1980-1985—ngesiNgisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela