Sondela KuMuzwi Womthandazo
ABANINGI abathi bakholelwa kuNkulunkulu abakwazi ukunikeza izizathu ezizwakalayo zokholo lwabo. Futhi abakwazi ukuchaza ukuthi kungani inkolo ivame ukuba imbangela yobubi noma ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Abakwenzayo nje ukuthandaza kuNkulunkulu abangamqondi.
Nokho, wena ungasondela kangcono kuNkulunkulu. Ungakhela ukholo lwakho ekumqondeni okwenza ukuba umthande futhi umazise. Ukholo lwangempela lusekelwe ebufakazini. (Hebheru 11:1) Uma ufunda iqiniso ngoNkulunkulu ungamazi futhi ukhulume naye njengomngane. Cabanga ngalokhu kulandisa kwabantu ababethandaza kuNkulunkulu nakuba bengabaza ukuthi ukhona.
◼ UPatricia, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala. “Langa limbe, mina nabangane bami abangaba yishumi saqala ukuxoxa ngenkolo. Ngase ngike ngabatshela ukuthi into eyangixosha ekhaya kwaba yingxoxo eyayiphakathi kukababa, owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, nomunye woFakazi BakaJehova owayefike ekhaya.” Omunye umngane wami wathi ‘Mhlawumbe oFakazi BakaJehova bakhuluma iqiniso.’
“Omunye wathi ‘Asiyi ngani emihlanganweni yabo ukuze sizitholele?’ Sabe sesenza lokho kanye. Nakuba sasingabaza, thina abanye saqhubeka nokuya ngoba nje oFakazi babenobungane.
“Nokho, ngelinye iSonto ngezwa okuthile okwashintsha ukucabanga kwami. Isikhulumi sachaza ukuthi kungani abantu behlupheka. Ngangikweshwama ukuthi umuntu ekuqaleni wenziwa ephelele nokuthi isono nokufa kwangena ngomuntu oyedwa kwase kusakazekela kubo bonke abantu. Isikhulumi sachaza nokuthi kungani ukufa kukaJesu kwakudingekile ukuze kubuyiselwe lokho okwalahlekela umuntu wokuqala.a (Roma 5:12, 18, 19) Kwasuka inkungu emehlweni ami. Ngacabanga ‘ukhona ngempela uNkulunkulu osikhathalelayo.’ Ngaqhubeka nokufunda iBhayibheli futhi ngokushesha, okokuqala ngqá empilweni yami, ngathola ukuthi ngingathandaza kumuntu ongokoqobo.”
◼ U-Allan naye okuxoxwe ngaye esahlukweni sokuqala. “Ngelinye ilanga kwafika oFakazi BakaJehova kwami, umkami wabangenisa ngoba wayehlabeke umxhwele ngalokho ababekushilo ngokuphila phakade emhlabeni. Mina ngavele ngacikeka nje. Ngaphuma ngabe sengibizela umkami ekhishini ngathi kuye, ‘Musa ukuba isilima. Ayikho yonke le nto!’
“Wathi: ‘Uma kunjalo, woza uzobabonisa iphutha labo.’
“Yiqiniso, ngehluleka ukwenza lokho. Kodwa babengeve benomusa futhi bangishiyela incwadi ekhuluma ngokuthi ingabe ukuphila kwadalwa noma kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo. Engakufunda kwakunengqondo futhi kusekelwe ebufakazini bangempela kangangokuba nganquma ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu. Ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi, futhi ngokushesha ngabona ukuthi elikushoyo kuhluke kakhulu kukho konke engake ngakucabanga ngenkolo. Njengoba ngangifunda ngoJehova, ngaqala ukuthandaza kuye ngokuqondile. Indlela engangenza ngayo izinto yayingeyinhle neze, ngakho ngathandazela usizo. Ngiyaqiniseka kuthi uJehova wayiphendula imithandazo yami.”
◼ U-Andrew, ohlala eNgilandi. “Nakuba nganginemibono eqinile futhi ngigxile kakhulu kuyisayensi, ngicabanga ukuthi umbono wokuziphendukela kwemvelo ngaba nawo ngenxa nje yokuthi abantu babethi uyiqiniso. Ngangingafuni ukukholelwa kuNkulunkulu ngenxa yazo zonke izinto ezimbi ezenzekayo.
“Nokho, ngezinye izikhathi ngangicabanga: ‘Uma uNkulunkulu ekhona lé phezulu, ngifuna ukwazi ukuthi kusho ukuthini konke lokhu. Kungani kukhona ubugebengu nezimpi ezingaka?’ Lapho ngisebunzimeni, ngezinye izikhathi ngangithandazela usizo, kodwa ngingazi ukuthi ngikhuluma nobani.
“Othile wabe esenika umkami ipheshana elinyatheliswa oFakazi BakaJehova elithi: Ingabe Leli Zwe Liyosinda? Lona kwakuyiwo kanye umbuzo engangihlale ngizibuza wona. Leli pheshana langenza ngacabanga ngeBhayibheli, ‘Ingabe izimpendulo zalo kumelwe zicatshangelwe?’ Kamuva lapho ngiseholidini, othile wanginikeza incwadi ethi IBhayibheli—Izwi likaNkulunkulu Noma Elomuntu?b Lapho ngithola ukuthi iBhayibheli lihambisana kahle nesayensi yeqiniso, ngaba nomuzwa wokuthi kudingeka ngazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngakho lapho omunye woFakazi BakaJehova ecela ukungifundela, ngavuma. Njengoba ngangiqonda injongo kaJehova, ngabona ukuthi sengimazi njengomuntu wangempela, engingakhuluma naye ngomthandazo ngokukhululekile.”
◼ UJan, owakhuliswa engumProthestani eLondon. “Ubuzenzisi obusenkolweni nokudlondlobala kokuhlupheka kwenza ngakhohlwa yinkolo. Ngabuye ngayeka nasekolishi ngabe sengiqala ukucula nokudlala isiginci ukuze ngithole imali. Kungaleso sikhathi lapho ngahlangana khona noPat. Wayekhuliswe njengomKatolika kodwa naye wayengasakholelwa kuNkulunkulu njengami.
“Sasihlala endlini eyayingasahlali muntu nabanye ababeyeke ekolishi ababenesithakazelo ezinkolweni zaseMpumalanga. Sasihlala kuze kube phakathi kwamabili sixoxa kabanzi ngenjongo yokuphila. Nakuba mina noPat sasingakholelwa kuNkulunkulu sasinomuzwa wokuthi kumelwe ukuba kukhona ‘owadala ukuphila.’
“Ngemva kokuthuthela enyakatho yeNgilandi siyofuna umsebenzi wokucula, kwazalwa indodana yethu. Ngolunye usuku yahlatshwa ukugula futhi ngazithola sengithandaza kuNkulunkulu engangingakholelwa kuye. Kungakabiphi, mina noPat saxabana futhi ngabe sengithatha ingane yethu ngahamba nayo. Ngaphinde ngathandaza ngicela usizo, ngenzela nje ukuthi uma kukhona olalele angisize. Ngangingazi ukuthi noPat uyathandaza.
“Kamuva ngalolo suku, oFakazi BakaJehova ababili bavakashela uPat futhi bambonisa esinye seseluleko seBhayibheli esisebenzayo. UPat wangithinta futhi ebuza ukuthi ngingethande yini ukuba sifunde iBhayibheli noFakazi. Sabe sesifunda ukuthi ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sishade ngokomthetho. Kwabonakala kuwumqansa kwazise nobuhlobo bethu babungebuhle kahle.
“Sasifuna ukwazi okwengeziwe ngokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, ukuthi kungani sihlupheka nokuthi usho ukuthini uMbuso kaNkulunkulu. Kancane kancane saqaphela ukuthi uNkulunkulu uyakhathalela futhi nathi sasifuna ukumlalela. Sashada ngokomthetho. Ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu kuye kwasisiza ukuba sikhulise izingane zethu ezintathu. Asingabazi nakancane ukuthi uJehova wayilalela imithandazo yethu.”
Zihlolele Ubufakazi
Njengoba kuye kwenza izigidi zabanye, labo esikhulume ngabo kulesi sihloko abazange bavume ukukhohliswa inkolo yamanga, baye bazitholela ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Uphawulile yini ukuthi ngamunye wabo wasizwa ukuthola ulwazi olunembile lweBhayibheli ukuze aqiniseke ukuthi uJehova ngempela uyayilalela imithandazo?
Ungathanda yini ukuhlola ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ufunde iqiniso ngoJehova nokuthi ungasondela kanjani ‘kuMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nenani lokufa kukaJesu okusihlengayo, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
“Njengoba ngangiqonda injongo kaJehova, ngabona ukuthi sengimazi njengomuntu wangempela, engingakhuluma naye ngomthandazo ngokukhululekile”
[Isithombe ekhasini 9]
Ukholo lwangempela lusekelwe ebufakazini nasesifisweni sokwazi iqiniso ngoNkulunkulu