Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 6/8 k. 11-k. 14 isig. 8
  • Ezindlebeni Zomntwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ezindlebeni Zomntwana
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukunxanela Inkolo
  • Umshado Nomkhaya
  • Ukushiya Isonto
  • Ukufunda Iqiniso LeBhayibheli
  • Ukuphikisa Komkhaya
  • Ukuhlangana Okukhumbulekayo
  • Sondela KuMuzwi Womthandazo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Jehova, Ungitholile!”
    I-Phaphama!—2004
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Impi Yami Yesikhathi Eside, Nenzima Yokuthola Ukholo Lweqiniso
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 6/8 k. 11-k. 14 isig. 8

Ezindlebeni Zomntwana

NGOLUNYE usuku, ngiseyintombazanyana, kwafika owesilisa othile ekhaya eCoeburn, eVirginia, e-U.S.A., futhi lapho esaxoxa nobaba, owayehamba naye wayexoxa nami ukuze angigcine ngimatasa. Amazwi akhe anginikeza umbono womhlaba oyipharadesi, lapho ngangiyokwazi khona ukudlala nezilwane zasendle ezingeke zingilimaze. (Isaya 11:6-9) Wachaza nokuthi kwakungeke kudingeke ngisho nokuba ngife kodwa ngangingaphila phakade khona lapha emhlabeni. Ikusasa lazwakala liqhakazile! Okwashiwo yilendoda ngokuphila emhlabeni kwangihlaba umxhwele kakhulu.—Isaya 25:8; IsAmbulo 21:3, 4.

Ukunxanela Inkolo

Abazali bami, ababenezinkinga eziningi zomshado, bahlukanisa eminyakeni embalwa kamuva, futhi ngahlala nomama. Wayengenaso nakancane isithakazelo enkolweni. Ngakho ngangiya ngedwa kuSonto-sikole kunoma iliphi isonto elaliseduze nasekhaya. Ngokushesha umama waphinde washada, futhi sathutha nosingababa saya e-Indiana. Nokho, njalo ehlobo ngangibuyela eVirginia ngiyovakashela ubaba.

Ubaba waba ngumMormon ngokushesha ngemva kwesehlukaniso, futhi wazama ukugxilisa inkolo yakhe entsha kimi. Ehlobo ngo-1960, lapho ngineminyaka engu-8 ubudala, wangibhapathiza. Nokho, lapho ngise-Indiana, ngangiya kunoma iliphi isonto elaliseduze nasekhaya. Wonke ayefundisa ukuthi uma silungile, sasizoya ezulwini kanti uma sibabi, sasizoya esihogweni lapho sasizohlushwa khona. Njengoba ngangicabanga ukuthi akekho owayengaqonda isifiso sami sokufuna ukuphila phakade emhlabeni kunokuphila ezulwini, angizange ngitshele muntu ngaso.

Lapho ngineminyaka engu-11 ubudala, ubaba wathuthela e-Oregon. Ngakhungatheka futhi ngagcwala intukuthelo. Usingababa wayengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi engumlutha wotshwala, futhi wayengihlupha ngenxa yenkolo yami. Wayengibiza ngokuthi nginguNkosazana Shisekile, futhi lapho ngiqala ukukhala, wayethi: “Kungani ungaceli uNkulunkulu wakho ukuba akusize?” Akekho ekhaya owayebonakala enendaba noNkulunkulu. Leyo kwakuyiminyaka yosizi, enzima. Ngaxhashazwa ngokomzimba, ngamazwi nangokobulili. Ngangithola induduzo ngokukhuluma noNkulunkulu ngoba ngokuvamile ngangiba nomuzwa wokuthi nguye yedwa owayengikhathalela.

Umama wamshiya usingababa, kwase kunqamuka ukuxhashazwa. Nokho, sasimpofu kakhulu, futhi kwakunzima ngomama ukuba asinakekele. Lapho ngineminyaka engu-13, saya eVirginia siyovakashela umamekazi. Wayengowesifazane ongumBaptist onomusa noqotho. Ngangimthanda ngempela. Lapho engicela ukuba ngimphelezele siye esontweni, ngavuma. Nomama wahamba nathi, futhi ngikhumbula indlela okwakujabulisa ngayo ukuba nomkhaya wakithi lapho. Lapho isikhathi sokuvakasha sesiphelile, ngangesaba ukuphindela ekhaya. Ngangesaba ukuthi uma ngibuyela khona, ngangizohileleka ekuziphatheni okubi. Ngakho nganxusa umamekazi ukuba ngihlale naye, futhi umama wavuma.

Umamekazi wangithengela iBhayibheli lenguqulo ye-King James. Ngangilithanda kakhulu futhi ngifunda ingxenye ethile njalo ebusuku. Esahlukweni sokugcina seBhayibheli ngafunda ukuthi “uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kulencwadi.” (IsAmbulo 22:18, 19, King James Version) Ngakho ngacabanga, “Ngingakholelwa kanjani ukuthi iNcwadi KaMormon iyingxenye yemiBhalo engcwele?” Ngakho nganquma ukuba umBaptist.

Nakuba ngiqiniseka ukuthi ubaba waphatheka kabi lapho ngimbhalela ngimtshela ngesinqumo sami, okuwukuphela kwento ayisho ukuthi wayejabula ngokuthi ngangisonta. Ngangivame ukuhamba nomfundisi wethu ongumBaptist siye emakhaya abantu sibamemela ezimvuselelweni zethu ezaziqhutshelwa etendeni. Nganginomuzwa wokuthi ngangenza intando kaNkulunkulu ngokuvakashela abantu emakhaya abo futhi ngixoxe nabo njengoba kwenza uJesu.

Nokho, ngangisalokhu nginesifiso sokuphila epharadesi lasemhlabeni kunokuphila ezulwini. Kodwa-ke ngafunda leli vesi elilandelayo eBhayibhelini, futhi langinikeza ithemba: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa: ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa; nofunayo uyafumana; nongqongqothayo uzakuvulelwa.”—Mathewu 7:7, 8, KJ.

Umshado Nomkhaya

Ngonyaka owalandela ngathutha ngayohlala nomama e-Indiana. Lapho ngiseneminyaka engu-15 nje kuphela, ngase ngishadile, ngikhulelwe futhi ngisebhasini ngilibangise eningizimu yeCalifornia. Ngangingabazi kahle abasemzini, kodwa ngangifuna ukuba bangamukele. Babengabesonto likaMoya, futhi udadewabo womyeni wami wangitshela ngesipho sokukhuluma ngezilimi. Ngakho lapho ngiya nabo enkonzweni yomthandazo ngobunye ubusuku, ngathandaza ngicela ukuba ngikhulume ngezilimi.

Ngokungazelele, phakathi nenkonzo ngafikelwa umuzwa ongavamile. Ngaqala ukuqhaqhazela, futhi ulimi lwami lwaqala ukumpompa ngokungalawuleki. Umfundisi wamemeza ethi umoya wawusebenza kimi, futhi waqala ukungibhambatha emhlane. Ngemva kwalokho, bonke abantu bangisingatha bengitshela ukuthi kwakukuhle kakhulu ukuthi uNkulunkulu wayengisebenzise ngalendlela. Kodwa ngangididekile futhi ngethukile. Ngangingazi ukuthi ngitheni.

Ngokushesha ngemva kwalokho, kwaba nezinkinga lapho ngibeletha umntwana wethu wokuqala. Umfundisi wesonto watshela umyeni wami ukuthi uNkulunkulu wayandisa imihelo yami ngenxa yokuthi wayengeyena umKristu. Umyeni wami wafika ekhala futhi wathi uma ngicabanga ukuthi kuzosiza, wayezobhapathizwa. Ngamtshela ukuthi ngangiqiniseka ukuthi uNkulunkulu akabacindezeli abantu ukuba bamkhonze.

Ukushiya Isonto

Ngelinye iSonto, ngemva kwentshumayelo yakhe, umfundisi wacela ukuba ibandla likhiphe iminikelo. Kwakufanele kulungiswe isonto ngenxa yomonakalo owawusanda kubangelwa ukuzamazama komhlaba. Lapho kudluliswa ipuleti lenkongozelo, ngafaka yonke imali enganginayo. Ngemva kokubala imali, kunokuba abonge ibandla, umfundisi wayala ukuba ibandla liphe ngokungagodli ukuze kwenziwe lomsebenzi. Khona-ke waphinde wadlulisa ipuleti. Ngangingasenayo enye imali, ngakho ngokuhlazeka okukhulu ngalidlulisa ngokushesha ipuleti. Umfundisi waphinde wayibala imali, futhi ngaphandle kokubonga ibandla, wamane wathi yayinganele. Wathi: “Ngokuqinisekile akekho ozohamba size sithole imali edingekayo yokwenza umsebenzi kaNkulunkulu.”

Umyeni wami wayelinde ngaphandle, futhi ngangazi ukuthi uphelelwa isineke. Kwakungeyena yedwa. Ngaphelelwa yisineke ngenxa yokungabongi komfundisi. Ngakho ngigone umntanami futhi ngikhala, ngaphuma esontweni bonke abantu bengibhekile. Ngafunga ngaleso sikhathi ukuthi ngangingasoze ngiphinde ngilubhade esontweni. Nakuba ngayeka ukuya esontweni, angizange ngiyeke ukukholelwa kuNkulunkulu. Ngangisalifunda iBhayibheli lami futhi ngizama ukuba umfazi omuhle.

Ukufunda Iqiniso LeBhayibheli

Ngemva kokuzalwa komntwana wethu wesibili, abangane bethu ababethuthela eTexas bacela umnikazi wendawo ababehlala kuyo ukuba asiqashisele indlu ababehlala kuyo. Njengoba umngane wami uPat ayehamba, wathi kunowesifazane omkweleta imali futhi wayezoyiletha. UPat wangicela ukuba ngimthumelele yona eTexas. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, kwafika abesifazane ababili. Ngicabanga ukuthi babelethe imali, ngabangenisa ngokushesha. Ngachaza ukuthi uPat wayesethuthile kodwa wayengitshelile ukuthi babezofika. “Wenze kahle uPat,” kusho uCharlene Perrin, omunye walaba besifazane. “Besikujabulela ngempela ukufunda naye.”

Ngabuza: “Ini? Ukufunda? Kumelwe ukuba wenza iphutha.” UCharlene wachaza ukuthi babeqale isifundo seBhayibheli noPat. Ngemva kokuzwa ukuthi uPat wayesethuthile, uCharlene wangibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda iBhayibheli. Ngaphendula ngokuzethemba: “Yebo. Ngizonifundisa noma yini enifuna ukuyazi.” Ngangiziqhayisa ngokufunda iBhayibheli engangikwenzile, futhi nganginomuzwa wokuthi ngingabakhuthaza.

UCharlene wangibonisa incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, futhi safunda iHubo 37:9: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.” Ngamangala. IBhayibheli lami siqu lalithi abantu bazodla ifa lomhlaba. Ngemva kwalokho, ngabuza imibuzo eyintilibathwa, ngasikhathi sinye. UCharlene wamomotheka wayesethi: “Kahle bo! Sizothatha okukodwa ngesikhathi.” Wachaza isidingo sesifundo seBhayibheli esihleliwe sasikhathi sonke. Zisuka nje, wangimemela eHholo LoMbuso, okuyigama lendawo yemihlangano yoFakazi BakaJehova.

Ngatshela uCharlene ngendaba yepuleti lenkongozelo nokuthi ngangingafuni ukubuyela esontweni. Wafunda kanye nami incwadi kaMathewu 10:8, ethi: “Namukelé mahhala, yiphani mahhala.” Wachaza ukuthi akudluliswa puleti lenkongozelo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokuthi yonke iminikelo eyokuzithandela. Wathi futhi kunebhokisi lomnikelo ehholo nokuthi abantu abathandayo bangafaka iminikelo kulo. Nganquma ukuyizama futhi inkolo.

Njengoba ngifunda, ngathola ukuthi kungani ngangingakhululekile kangaka lapho ngikhuluma ngezilimi esontweni likaMoya. Isipho sikaNkulunkulu sokukhuluma ngezilimi ezihlukene sanikezwa amaKristu okuqala njengobufakazi bokuthi ayenomoya wakhe ongcwele. Lesi sipho esiyisimangaliso safeza nendima ewusizo yokwenza amaqiniso eBhayibheli atholakale kubantu bamazwe ahlukahlukene ababebuthene ndawonye ngePhentekoste lika-33 C.E. (IzEnzo 2:5-11) Nokho, iBhayibheli lithi isipho sikaNkulunkulu sokukhuluma ngezilimi sasiyonqamuka, okwenzeka ngemva kokufa kwabaphostoli. (1 Korinte 13:8) Kodwa ukuze aphuphuthekise izingqondo zabantu, uSathane namademoni akhe uye wenza ukuba abanye bampompe ngokungaqondakali, ngendlela eye yabangela abaningi ukuba bakholelwe ukuthi laba banomoya ongcwele kaNkulunkulu.—2 Korinte 4:4.

Ukuphikisa Komkhaya

Ngokushesha, ngaqala ukuqonda injongo kaNkulunkulu ngomhlaba nokuthi akumelwe ngibe ingxenye yalelizwe elibi. (Johane 17:16; 18:36) Ngafunda nokuthi kumelwe nginqamule zonke izibopho neBabiloni Elikhulu, okuyigama elingokomfanekiso elisetshenziswa eBhayibhelini lombuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:2, 4) Lapho ngitshela ubaba ukuthi ngangizobhapathizwa, kulokhu njengomunye woFakazi BakaJehova, wakhungatheka. Wangincenga ukuba ngingabi uFakazi. Ngangiqala ngqá ukumbona ekhala. Ngakhala kanye naye, ngoba ngangingafuni neze ukumzwisa ubuhlungu. Kodwa ngangazi ukuthi ngithole iqiniso nokuthi ngangingeke ngimfulathele uJehova.

Wonke umkhaya wakithi wawumelene nokuba kwami omunye woFakazi BakaJehova. Ngayeka ukuya emihlanganweni isikhathi esithile. Lokhu kwadambisa ukuphikisa kwamalungu omkhaya, kodwa ngangisosizini. Ngangazi ukuthi ngangingeke ngibe nokuthula kuze kube yilapho ngenza intando kaJehova. Ngolunye usuku ngesikhathi sekhefu, ngaya kwaCharlene ngamtshela ukuthi ngifuna ukubhapathizwa. Wabuza: “Awucabangi yini ukuthi kufanele uqale ngokuza emihlanganweni?” Ngamtshela ukuthi ngangizimisele ukuthi akukho okwakuzongihlukanisa noJehova. Ngabhapathizwa ngo-September 19, 1973.

Sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-23. Ngokujabulisayo, umkhaya wakithi usuyasihlonipha isinqumo sami, futhi akekho kubo ongicindezela ukuba ngishiye iqiniso, okuyinto engiyazisa kakhulu. Nokho, indodakazi yami endala, uKim, iyona kuphela kuze kube manje esinguFakazi. Inkonzo yayo yokwethembeka kuJehova iye yaba umthombo omkhulu wesikhuthazo kimi kuyo yonke leminyaka.

Ukuhlangana Okukhumbulekayo

Ngo-1990, lapho ngivakashele eCoeburn, eVirginia, ngacela umama ukuba singene eHholo LoMbuso ukuze ngibone isikhathi imihlangano eyayizoqala ngaso ngeSonto. Lapho singena egcekeni, wathi sasihlala endlini engemva kwehholo, ngaphesheya kukajantshi. Lendlu kwakuyisikhathi eside yasha, futhi kwakusele ushimula wezitini kuphela. Wathi: “Wawuseyintombazanyana ngaleso sikhathi, uneminyaka emithathu noma emine ubudala.”

NgeSonto ngamukelwa ngemfudumalo eHholo LoMbuso. Lapho ngixoxa noStafford Jordan, ngasho ngokunganaki ukuthi ngisemncane ngangihlala endlini eyayingemva kweHholo LoMbuso. Wangigqolozela. “Ngiyakukhumbula!” ebabaza. “Wawuyintombazanyana enesihluthu engaka [elinganisa ubude ngesandla sakhe]. Sasishumayela kulensimu ngesikhathi engangihambisana naye ayexoxa noyihlo. Ngazama ukukugcina umatasa ngokuxoxa nawe ngePharadesi.”

Ngabamba ongezansi. Ngaphelelwa amazwi njengoba ngangimtshela ngokufuna kwami iqiniso leBhayibheli. Ngathi: “Lapho ngisewumntwana, watshala imbewu yeqiniso enhliziyweni yami encane!” Khona-ke wangitshela ukuthi nganginesihlobo sikamkhulu, uStephen Dingus, owayenguFakazi okholekile. Umkhaya wawungakaze ukhulume ngaye, ngoba wawumphikisa kakhulu. “Wayezoziqhenya kakhulu ngawe!” kusho uMfoweth’uJordan.

Njengoba ngibheka emuva eminyakeni yami ngisenhlanganweni kaJehova, ngijabula kakhulu ngothando nomusa engikubonisiwe. Yebo, zisekhona izikhathi lapho ngithi uma ngiseHholo LoMbuso ngibone imikhaya ekhonza uJehova ndawonye futhi ngidumale, ngoba ngokuvamile ngiba ngedwa. Kodwa ngokushesha ngiyakhumbula ukuthi uJehova unami. Wayelokhu engibhekile, futhi lapho inhliziyo yami isikwazi ukusingatha iqiniso elangena ezindlebeni zami ngisewumntwanyana eminyakeni eminingi edlule, walivumela ukuba lihlume futhi lithele.

Ngathi: “Ngiyabonga, Mfoweth’uJordan, ngokuzinika isikhathi sokuxoxa ngePharadesi nentombazanyana enobungqabavu!”—Njengoba ilandiswa uLouise Lawson.

[Isithombe ekhasini 13]

NginoStafford Jordan lapho ngiphinda ngihlangana naye ngo-1990

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela