Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 2/8 k. 18-k. 21 isig. 5
  • Ukuhlwanyela Ngezinyembezi, Ukuvuna Ngenjabulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlwanyela Ngezinyembezi, Ukuvuna Ngenjabulo
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikhathi Senjabulo
  • Isikhathi Sezinyembezi
  • Amandla Kanye Nezinyembezi
  • Injabulo Entsha
  • Injabulo Eyengeziwe, Izinyembezi Ezengeziwe
  • Izifundo Engizifundile
  • Sondela KuMuzwi Womthandazo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ezindlebeni Zomntwana
    I-Phaphama!—1997
  • “Lokhu Sinalenkonzo . . . , Asidangali”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 2/8 k. 18-k. 21 isig. 5

Ukuhlwanyela Ngezinyembezi, Ukuvuna Ngenjabulo

“JABULELA umhlalaphansi eSpain enelanga elishisayo!” Izigidi zabantu baseYurophu ziye zasamukela lesi simemo esikhangayo futhi zathuthela lapho. Lapho ngifinyelela eminyakeni engu-59 ubudala, nami nganquma ukuthengisa yonke into futhi ngasuka eNgilandi ngaya eSpain, kodwa ngangifuna okuthile okungcono kunokushisa kwelanga nokuthokomala.

Ngakhetha ukuya eSantiago de Compostela—elinye lamadolobha anemvula kakhulu eSpain—njengoba umgomo wami wawuwukukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele kunokuba ngithamele isigcaki. Eminyakeni engu-22 ngaphambili, izimo zazingiphoqelele ukuba ngiyeke inkonzo yami yokushumayela ivangeli eSpain, indawo engangiye kuyo ngoba indingeko yaleyo nkonzo yayinkulu lapho. Kwakulokhu kuyinjongo yami ukuphindela, futhi manje ekugcineni ngaphumelela.

Kodwa ukuzivumelanisa nalendawo kwakungelula njengoba ngangicabanga. Inyanga yokuqala yayinzima! Angikaze ngizizwe ngikhathele ngiyingcuba ngaleyo ndlela ekuphileni kwami. Ngangihlala esitezi sesihlanu, esakhiweni esingenakheshi. Nsuku zonke ngangehla ngenyuka emigwaqweni esemagqumeni yaseSantiago, ngenyuka izitebhisi ezingenakubalwa ngizama ukushumayela izindaba ezinhle kubantu abaningi ngangokunokwenzeka. Ngemva kwaleyo nyanga yokukhandleka, ngaqala ukuba nokungabaza. Ingabe ngangenzé isinqumo esifanele? Ingabe ngase ngimdala kakhulu ukuba ngenze lolu hlobo lomsebenzi?

Nokho, enyangeni yesibili, ngathola ukuthi amandla ami ayesebuya. Cishe kwakunjengomdlandla ovuselelwe womgijimi webanga elide. Eqinisweni, ngaqala ukuba nenkathi ejabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Ngaqala ukuthola injabulo yokuvuna, ngemva kweminyaka eminingi yokuhlwanyela ngezinyembezi. (IHubo 126:5) Ake ngichaze.

Isikhathi Senjabulo

Mina nomkami uPat sathuthela eSpain ngo-1961. Emuva ngaleso sikhathi, umsebenzi wenkonzo yoFakazi BakaJehova wawungakaqashelwa ngokomthetho lapho. Noma kunjalo, isabelo sethu sokushumayela kwakuyidolobha laseSeville elinesimo sezulu esishisayo, lapho kwakunabangaba ngu-25 kuphela ababehlanganyela emsebenzini wokushumayela.

Ngolunye usuku sisenkonzweni, ngakhuluma nendoda ethile yaseFrance eyayipenda indlu. Ngakusasa owesifazane othile weza kithi futhi wasibuza ukuthi sasike sakhuluma yini nompendi othile ngayizolo. Wathi kwakungumyeni wakhe, uFrancisco. Wayesichaze ngokucacile kangangokuba umkakhe wakwazi ukusibona zisuka nje. Wasitshela: “Usekhaya manje uma nithanda ukumvakashela.”

Sasamukela ngokushesha lesi simemo, futhi ngokushesha umkhaya wonke wawusufunda nathi iBhayibheli. Esikhathini esithile kamuva, uFrancisco waphindela eFrance ngenxa yezizathu ezingokomnotho. Sasikhathazekile. Ingabe wayengeke esaxhumana noFakazi? Nokho, ngokushesha ngemva kokuhamba kwakhe, sathola incwadi evela kuye eyasikhulula. Wathi umqashi wakhe omusha wayembuze ukuthi zingaki izinkolo eSpain.

UFrancisco wachaza ngokucophelela: “Zimbili, amaKatolika namaProthestani.” Njengoba umsebenzi wethu wawungakavunyelwa ngokomthetho, wacabanga ukuthi akukhona ukuhlakanipha ukusho okwengeziwe.

“Uqinisile?” kubuza umqashi wakhe.

“Eqinisweni, zintathu,” kuphendula uFrancisco, “futhi mina ngiyilungu leyesithathu—oFakazi BakaJehova.”

“Kuhle lokho,” kuphendula umqashi wakhe. “Ngiyinceku ebandleni lenu!” Ngabo kanye lobo busuku uFrancisco wayesemhlanganweni webandla woFakazi BakaJehova.

Ngo-1963 sasuka eSeville saya eValencia, futhi ngokushesha ngemva kwalokho, saya eBarcelona. Lapho, ngaqeqeshelwa ukukhonza njengesikhonzi esijikelezayo. Khona-ke, sathunyelwa eValencia ukuze siyokhonza emsebenzini wokujikeleza kuleyo ndawo. Kodwa ngemva kweminyaka embalwa sikulomkhakha womsebenzi othakazelisayo, uPat waqala ukuba nenkinga yokuzimelela. Ngokushesha, waba nenkinga yokuhamba. Saqala kanjalo-ke isikhathi lapho ‘sahlwanyela khona ngezinyembezi.’—IHubo 126:5.

Isikhathi Sezinyembezi

Sahamba eSpain simadolonzima siyothola ukwelashwa eNgilandi. Wayephethwe yini uPat? I-multiple sclerosis, isifo esiwohloza umuntu kancane kancane futhi simkhubaze ngokuqhubekayo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngenxa yemiphumela emibi nezinkinga ezihlobene naso, umuntu angafa.

Kwakunzima kakhulu ukuvumelanisa ukuphila kwethu nalesi simo kanye nokwamukela lesi sifo. Kodwa kukho konke, safunda iqiniso lamazwi omhubi: “UJehova uyakumphasa [noma ubani onakekela ohluphekayo] ecansini egula.”—IHubo 41:3.

Iminyaka engaba yishumi, sasithutha kwenye indawo siye kwenye. UPat wayesheshe azwele lapho kunomsindo, futhi sasizama ukumtholela indawo ekahle ayengahlala kuyo—ekugcineni esabona ukuthi sasingenakuyithola. UPat kwadingeka ajwayelane nokusebenzisa isihlalo sabakhubazekile. Nakuba ayekwazi ukupheka nokwenza eminye imisebenzi eminingi, kwakumdumaza ukuthi wayengakwazi ukuhamba. Njengoba ayengumuntu okhuthele kakhulu, wathola ukuthi lokhu kukhubazeka ngokomzimba kwakumbangela ukucindezeleka ngokomzwelo okuqhubekayo.

Amandla Kanye Nezinyembezi

Ngafunda indlela yokusiza uPat asukume, ahlale phansi, agqoke, azigeze, alale futhi avuke embhedeni. Ukuya emihlanganweni yobuKristu njalo kwakuyinselele ngempela. Kwakudinga umzamo omkhulu ukuzilungisa. Kodwa sasazi ukuthi okuwukuphela kwendlela yokuzigcina siqinile ngokomoya kwakuwukuhlanganyela nabafowethu abangamaKristu.

Nganakekela uPat ekhaya iminyaka engu-11, kuyilapho ngisebenza njengomdwebi wamapulani phakathi nosuku. Ekugcineni, saqaphela ukuthi ngenxa yokuwohloka kwempilo yakhe, wayedinga ukunakekelwa okukhethekile engangingakwazi ukumnikeza khona. Ngakho wayehlala esibhedlela phakathi nesonto, kanti ngangimnakekela ekhaya ngempelasonto.

Njalo ngeSonto ngemva kokudla kwasemini, ngangiya noPat eMhlanganweni Weningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda, okwakuwukuphela kwemihlangano ayekwazi ukuya kuyo ngaleso sikhathi. Ngemva kwalokho, ngangimphindisela esibhedlela. Lomsebenzi wawungikhathaza, kodwa wawufanelekile, ngoba wawugcina uPat eqinile ngokomoya. Ngezinye izikhathi ngangizibuza ukuthi ngiyobekezela kuze kube nini, kodwa uJehova wanginikeza amandla okuba ngiqhubeke. Njalo ngoMgqibelo ekuseni ngangihola iqembu liye emsebenzini wokushumayela ngaphambi kokuba ngiyolanda uPat esibhedlela. Ngathola ukuthi phakathi nalesi sikhathi sosizi, isimiso sami sobuKristu sangisiza ukuba ngiphikelele.

Phakathi naleso sikhathi, uPat wayeshumayela izindaba ezinhle ngokusemandleni akhe. Esibhedlela wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezimbili nabahlengikazi ababemnakekela. Omunye wabo, okuthiwa uHazel, wathuthukela ezingeni lokuzinikezela kuJehova. Ngokudabukisayo, uPat akazange abe khona lapho uHazel ebhapathizwa ngoba washona ngaphambi nje kwalokho, ngo-July 8, 1987.

Ukufa kukaPat kwakuyisikhathi sempumuzo nosizi. Kwakuyimpumuzo ukubona ukuphela kokuhlupheka kwakhe, kodwa ngadabuka ngokujulile ngenxa yokulahlekelwa umngane wami. Ukufa kwakhe kwashiya isikhala esikhulu.

Injabulo Entsha

Nakuba kungase kubonakale kuyinqaba, mina noPat sase sixoxile ngalokho engangizokwenza ngokulandelayo. Njengoba sobabili sasazi ukuthi ukuphila kwakhe kwakuya ekupheleni, sakhuluma ngendlela engangingakhonza ngayo kangcono uJehova ngemva kokufa kwakhe. Isinqumo sethu kwakuwukuthi kufanele ngiphindele eSpain, esabelweni esasiye saphoqeleka ukuba sisishiye.

Ezinyangeni ezintathu ngemva kokufa kukaPat, ngaya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSpain ukuze ngithole ukuthi yikuphi lapho ngangingakhonza kahle khona. Ngathola isabelo sokukhonza njengephayona elikhethekile futhi ngabelwa edolobheni elidala, elithandwa yimvula kakhulu, laseSantiago de Compostela.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngathola incwadi evela ehhovisi legatsha, inginikeza ikheli lomuntu othile othakazelayo okuthiwa uMaximino. Ngemva kokuzama ukumvakashela ekhaya amasonto amathathu, ekugcineni ngamthola. UMaximino, owayesebenza njengomhlanzi esibhedlela sendawo, wayetholé ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula futhi wayecele nencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a Lapho ngimvakashela, kakade wayeseyifunde izikhathi ezintathu lencwadi. Waxolisa ngenxa yokungalifundi kakhulu iBhayibheli—‘ingxenye endala’ wayeyifunde kanye kuphela kanti ‘ingxenye entsha’ wayeyifunde kabili. Konke lokhu wakwenza ngesikhathi esalindele othile owayezomvakashela.

Wangitshela nokuthi wayeye eHholo LoMbuso ngenjongo yokuya komunye wemihlangano yethu. Nokho, njengoba ayebulawa amahloni, akazange angene endaweni yomhlangano. Ngaqala ukumqhubela isifundo seBhayibheli, futhi waya emihlanganweni ngalo kanye lelo sonto. Walamukela ngentshiseko iqiniso, kodwa wayenenkinga ngempela ekuyekeni ugwayi. Ngosizo lukaJehova, ekugcineni wakwazi ukuyeka umkhuba wokubhema, futhi manje usenguFakazi obhapathiziwe.

Injabulo Eyengeziwe, Izinyembezi Ezengeziwe

Ngemva nje konyaka ngibuye eSpain, ngamenyelwa ukukhonza njengombonisi ojikelezayo futhi. Kodwa ngaphambi kokuba ngithathe leso sabelo, ukuphila kwami kwashintsha ngokungalindelekile. Ngahlangana nephayona okuthiwa uPaquita, elalikhonza ngaseSantiago. Lalingumfelokazi owayesebe senkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka eminingi. Ngokushesha sathola ukuthi sasinezinto eziningi ezifanayo. Ngo-1990, ngemva kwezinyanga eziyisithupha nje ngiqale umsebenzi wokujikeleza, sashada—ngaphinde ngathola injabulo.

Njengami, uPaquita wayelokhu ‘ehlwanyela ngezinyembezi.’ Isabelo sakhe sokuqala njengephayona elikhethekile saphazanyiswa inhlekelele. Lapho eyisa ifenisha e-Orense, ikhaya labo elisha, umyeni wakhe wafa engozini yemoto—iloli ayephambana nalo leqela emzileni ayehamba kuwo emgwaqweni. UPaquita nendodakazi yakhe eyayineminyaka eyishumi ubudala base bese-Orense kakade lapho bezwa ngokufa komyeni wakhe. Naphezu kwalokhu kulahlekelwa okubuhlungu, ezinsukwini ezimbili ngemva komngcwabo, uPaquita waqala esabelweni sakhe njengoba ayehlelile.

UPaquita waqhubeka enkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka eminingi. Khona-ke, kwaphinda kwagadla inhlekelele. Indodakazi yakhe eyayisineminyaka engu-23 ubudala ngaleso sikhathi nayo yafa engozini yemoto. Ubuhlungu babubukhulu, futhi baqhubeka isikhathi eside. Njengangaphambili, isimiso sakhe sobuKristu nokusekelwa akuthola kwamanye amaKristu kwakubalulekile ekululameni kwakhe. Ngajwayelana noPaquita ngo-1989, eminyakeni emibili nje ngemva kokushona kwendodakazi yakhe.

Selokhu sashada ngo-1990, besikhonza emsebenzini wokujikeleza eSpain. Nakuba leminyaka embalwa edlule iye yaba ngejabulisa kakhulu ekuphileni kwethu, asizisoli ngokuthi siye sadlula ezilingweni. Siyaqiniseka ukuthi ziye zasilolonga ngendlela enhle.—Jakobe 1:2-4.

Izifundo Engizifundile

Ngikholelwa ukuthi ngisho nokulingwa okukhulu kunezici ezinhle, ngoba kuyasifundisa. Ngaphezu kwakho konke, ukulingwa kuye kwangifundisa ukubaluleka kobubele, imfanelo ebalulekile kumbonisi ongumKristu. Ngokwesibonelo, muva nje ngikhulume nomfowethu othile ongumKristu onendodana ekhubazekile. Ngawuqonda ngokuphelele umzamo omkhulu ayewenza masonto onke ngokuya nendodana yakhe kuyo yonke imihlangano. Ngemva kwengxoxo yethu, wangibonga futhi wathi kwakungokokuqala ngqá ukuba othile abuqonde ngempela ubunzima ababebhekene nabo benomkakhe.

Esinye isifundo esibalulekile engasifunda ukuthembela kuJehova. Lapho konke kuhamba kahle, singase sithambekele ekuthembeleni emandleni nasekhonweni lethu. Kodwa lapho ukulingwa okunamandla kuqhubeka iminyaka eminingi futhi ungakwazi ukubhekana nakho ngamandla akho, ufunda ukuncika kuJehova. (IHubo 55:22) Isandla sikaNkulunkulu esinosizo sangisiza ukuba ngiqhubeke.

Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi ngaso sonke isikhathi kwakuhamba kahle. Kumelwe ngivume ukuthi phakathi nokugula komkami wokuqala, ngezinye izikhathi sasingithukuthelisa futhi singikhungathekise isimo sami, ikakhulukazi lapho ngikhathele. Ngemva kwalokho, ngangizizwa nginecala ngenxa yemizwa yami. Ngakhuluma ngakho nomdala othile onesihawu owayenguchwepheshe ekwelapheni abantu asebegule isikhathi eside. Wangiqinisekisa ukuthi ngangiqhuba kahle ezimweni engangikuzo nokuthi kuyinto evamile ukuba abantu abangaphelele baphazame ngalendlela lapho becindezeleke ngokomzwelo isikhathi eside.

Nakuba mina noPaquita manje siyijabulela kakhulu inkonzo yethu yesikhathi esigcwele, angicabangi ukuthi siyoke sizithathe kalula izibusiso zethu. UJehova uye wasivuza ngezindlela eziningi futhi wasinikeza umsebenzi owanelisayo, lowo esingawenza ndawonye. Kuyo yonke leminyaka sobabili sasihlwanyela ngezinyembezi, kodwa manje, ngosizo lukaJehova, sivuna ngokukhamuluka ngenjabulo.—Njengoba ilandiswa uRaymond Kirkup.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 21]

Mina noPaquita sijabulela inkonzo yethu ndawonye

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela