‘Duduzani Bonke Abalilayo’
“UJehova ungigcobile . . . ukuba ngiduduze bonke abalilayo.”—ISAYA 61:1, 2.
1. UJesu wabenzelani abalilayo, futhi ngani?
UJESU KRISTU wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:34) Lapho efeza isabelo sakhe ayesinikwe uNkulunkulu, uJesu wabonakalisa izimfanelo zikaYise ezinhle kakhulu. Enye yazo uthando olukhulu uJehova analo ngabantu. (1 Joh. 4:7-10) Umphostoli uPawulu waphawula enye yezindlela uJehova alubonisa ngayo lolo thando lapho emchaza ngokuthi ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Kor. 1:3) UJesu wabonisa uthando olunjalo lapho enza lokho okwakubikezelwe esiprofethweni sika-Isaya. (Funda u-Isaya 61:1, 2.) UJesu wafunda leso siprofetho esinagogeni eNazaretha wabe esethi lawo mazwi ayebhekisela kuye. (Luka 4:16-21) Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, uJesu wabonisa uthando ngokududuza abalilayo, ebakhuthaza, ebasiza nokuba babe nokuthula kwengqondo.
2, 3. Kungani abalandeli bakaKristu kudingeka bamlingise ngokududuza abanye?
2 Bonke abalandeli bakaJesu kudingeka bamlingise, baduduze abalilayo. (1 Kor. 11:1) UPawulu wathi: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana.” (1 Thes. 5:11) Kudingeka sikhuthaze abanye, ikakhulu njengoba isintu manje sibhekene ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Bayanda abantu abanhliziyo ziqotho emhlabeni wonke ababhekana nabantu abamazwi nezenzo zabo kubangela usizi, ubuhlungu enhliziyweni nokudabuka.
3 Njengoba isiprofetho seBhayibheli sabikezela, kulezi zinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto esibi, abaningi “[bangabazithandayo], abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” Lezi zimo zengqondo manje zimbi kunanini ngaphambili, ngoba ‘abantu ababi nabakhohlisi baye baqhubeka besuka kokubi beya kokubi kakhulu.’—2 Thim. 3:2-4, 13.
4. Yini eye yenzeka ezimweni zezwe esikhathini sethu?
4 Konke lokhu akufanele kusimangaze, kwazise iZwi likaNkulunkulu lisho ngokucacile ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19) Inkulumo ethi “lonke izwe” ihlanganisa ezombusazwe, ezenkolo nezentengiselwano kanye nemizila esakaza inkulumo-ze. Ngempela, uSathane uDeveli ubizwa kufanele ngokuthi “umbusi waleli zwe” nangokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (Joh. 14:30; 2 Kor. 4:4) Izimo emhlabeni wonke ziyaqhubeka ziwohloka ngoba uSathane manje uthukuthele kakhulu, azi ukuthi usalelwe isikhathi esifushane kuphela ngaphambi kokuba uJehova amsuse emhlabeni. (IsAm. 12:12) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi ukubekezelela kukaNkulunkulu uSathane nesimiso sakhe esibi sekuzophela maduze, futhi impikiswano uSathane ayiphakamisa ngobukhosi bukaJehova isizoxazululwa!—Gen., isahl. 3; Jobe, isahl. 2.
Izindaba Ezinhle Ziyashunyayelwa Emhlabeni Wonke
5. Isiprofetho esiphathelene nomsebenzi wokushumayela sigcwaliseka kanjani kulezi zinsuku zokugcina?
5 Kulesi sikhathi esinzima emlandweni wabantu, kugcwaliseka lokho uJesu akubikezela. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14) Lo msebenzi wokufakaza ngoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke wenziwa ngezinga eliqhubeka likhula. Namuhla, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-7 500 000, abahlanganyela emabandleni angaphezu kuka-107 000 emhlabeni wonke, bashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu, njengoba nje noJesu awenza waba isihloko sokushumayela nokufundisa kwakhe. (Math. 4:17) Ngenxa yomsebenzi wethu wokushumayela wosuku lwanamuhla, abantu abalilayo bathola induduzo enkulu. Phela, phakathi neminyaka emibili yamuva, bangu-570 601 abaye babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova!
6. Ucabangani ngobukhulu bomsebenzi wethu wokushumayela?
6 Ubukhulu balo msebenzi wokushumayela bungaqondwa kangcono ngokuqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova manje bahumusha futhi basakaze izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaphezu kuka-500. Kuyaqala ngqa kuwo wonke umlando wabantu ukube kwenzeke into enjengale! Ukuba khona kwengxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova, umsebenzi wayo nokukhula kwayo kuyisimangaliso sangempela. Ngaphandle kwesiqondiso nosizo lomoya ongcwele onamandla kaNkulunkulu, ibingenakwenzeka into enje kuleli zwe elilawulwa uSathane. Ngenxa yokuthi izindaba ezinhle zishunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe, induduzo evela emiBhalweni ayitholwa kuphela esikholwa nabo kodwa nangabantu abalilayo abamukela isigijimi soMbuso.
Ukududuza Esikholwa Nabo
7. (a) Kungani singenakulindela ukuba uJehova asuse zonke izimo ezicindezelayo manje? (b) Sazi kanjani ukuthi singakwazi ukukhuthazelela ushushiso nosizi?
7 Kuleli zwe eligcwele ububi nokuhlupheka, ngeke singahlangabezani nezimo ezicindezelayo. Asinakulindela ukuba uNkulunkulu asuse zonke izimbangela zokungajabuli noma zosizi kuze kube yilapho esesibhubhisile lesi simiso sezinto. Okwamanje, njengoba sisabhekene noshushiso olwabikezelwa, kumqoka ukulondoloza ubuqotho bethu kuJehova njengabasekeli bobukhosi bakhe bendawo yonke. (2 Thim. 3:12) Nokho, ngosizo nangenduduzo kaBaba wethu osezulwini, singaba njengamaKristu agcotshiwe aseThesalonika lasendulo, abhekana noshushiso nezinsizi ngokukhuthazela nangokholo.—Funda eyesi-2 Thesalonika 1:3-5.
8. Ibuphi ubufakazi bemiBhalo obukhona bokuthi uJehova uyaziduduza izinceku zakhe?
8 Akungabazeki ukuthi uJehova unikeza izinceku zakhe induduzo eziyidingayo. Ngokwesibonelo, lapho indlovukazi embi uJezebheli isongela umprofethi u-Eliya ngokuthi izombulala, lo mprofethi wangenwa amanzi emadolweni wabaleka, waze wathi usefisa ukufa. Esikhundleni sokuba uJehova amthethise u-Eliya, wamduduza futhi wammisa idolo ukuze akwazi ukufeza umsebenzi wakhe njengomprofethi. (1 AmaKh. 19:1-21) Ukuthi uJehova uyabaduduza abantu bakhe kungabonakala nakulokho okwenzeka ebandleni lamaKristu ekhulu lokuqala. Ngokwesibonelo, eBhayibhelini sifunda ngesikhathi lapho “ibandla kulo lonke elaseJudiya naseGalile naseSamariya langena enkathini yokuthula, lakhiwa.” Ngaphezu kwalokho, “njengoba lalihamba ekumesabeni uJehova nasenduduzweni yomoya ongcwele laqhubeka landa.” (IzE. 9:31) Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi nathi sinayo ‘induduzo yomoya ongcwele’!
9. Kungani ukufunda ngoJesu kungasiduduza?
9 NjengamaKristu, kuye kwasiduduza ukufunda ngoJesu Kristu nokuhamba ezinyathelweni zakhe. UJesu wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:28-30) Ukufunda ngendlela ekhuthazayo uJesu ayephatha ngayo abantu, bese silingisa isibonelo sakhe esihle ngokwako kuwusizo olukhulu ekunciphiseni ukucindezeleka esingase sibhekane nakho.
10, 11. Ebandleni, obani abangase banikeze induduzo?
10 Induduzo singayithola nakumaKristu esikanye nawo. Ngokwesibonelo, cabanga ngosizo abadala ebandleni abalunikeza labo ababhekene nezimo ezicindezelayo. Umfundi uJakobe wabhala: “Ingabe ukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu? Makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele.” Kwakuyoba namuphi umphumela? “Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.” (Jak. 5:14, 15) Amanye amalungu ebandla nawo anganikeza induduzo.
11 Abesifazane bavame ukukuthola kulula ukukhuluma nabanye abesifazane ngezinkinga ezihlukahlukene. Ikakhulu abesifazane abadala nabanokuhlangenwe nakho okwengeziwe banganikeza odade abasebasha izeluleko ezinhle kakhulu. Laba besifazane abangamaKristu abadala nabavuthiwe kungenzeka ukuthi nabo bake babhekana nezimo ezifanayo ekuphileni. Uzwela nezimfanelo zabo njengabesifazane zingaba usizo olukhulu. (Funda uThithu 2:3-5.) Yiqiniso, abadala nabanye bangakhuluma futhi kufanele bakhulume “ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile” ephakathi kwethu. (1 Thes. 5:14, 15) Kuhle ukukhumbula nokuthi uNkulunkulu “[usiduduza] osizini lwethu lonke, ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi.”—2 Kor. 1:4.
12. Kubaluleke ngani ukuya emihlanganweni yobuKristu?
12 Indlela ebaluleke kakhulu yokuthola induduzo iwukuba khona emihlanganweni yobuKristu, njengoba kuba nezingxoxo zeBhayibheli ezisikhuthazayo. EBhayibhelini sifunda ukuthi uJuda noSila “bakhuthaza abazalwane ngezinkulumo eziningi futhi babaqinisa.” (IzE. 15:32) Amalungu ebandla aba nezingxoxo ezakhayo ngaphambi nangemva kwemihlangano yethu. Ngakho, ngisho noma siphatheke kabi ngenxa yesimo esithile esicindezelayo, masingazihlukanisi, ngoba ukwenzenjalo ngeke kusithuthukise isimo. (IzAga 18:1) Kunokuba sizihlukanise, senza kahle ngokulandela iseluleko esiphefumulelwe somphostoli uPawulu: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Heb. 10:24, 25.
Thola Induduzo EZwini LikaNkulunkulu
13, 14. Bonisa indlela imiBhalo engasiduduza ngayo.
13 Kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu abhapathiziwe noma sisanda kuqala ukufunda ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe, singathola induduzo enkulu eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe. UPawulu wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) ImiBhalo Engcwele ingasiduduza futhi isenze ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 3:16, 17) Ukwazi iqiniso ngezinjongo zikaNkulunkulu nokuba nethemba langempela ngekusasa, ngokuqinisekile kuyosinikeza induduzo enkulu. Ngakho-ke, masilisebenzise ngokugcwele iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe kulo ezingasiduduza futhi zisizuzise ngezindlela eziningi.
14 UJesu wasibekela isibonelo esihle ngokusebenzisa imiBhalo ukuze afundise futhi aduduze abanye. Ngokwesibonelo, phakathi nesinye sezikhathi abonakala ngazo ngemva kokuvuswa kwakhe, ‘wakhanyisa imiBhalo ngokugcwele’ kwababili babafundi bakhe. Njengoba ekhuluma nabo, izinhliziyo zabo zathinteka ngokujulile. (Luka 24:32) Elingisa isibonelo sikaJesu esihle kakhulu, umphostoli uPawulu ‘wabonisana nabantu ngemiBhalo.’ EBhereya, abantu ababemlalele “bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke.” (IzE. 17:2, 10, 11) Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba sifunde iBhayibheli nsuku zonke, sizuze kulo nasezincwadini zethu zobuKristu eziklanyelwe ukusinika induduzo nethemba kulezi zikhathi ezigcwele izinkathazo!
Ezinye Izindlela Zokududuza Abanye
15, 16. Iziphi ezinye zezinto esingazenza ukuze sisize futhi siduduze amaKristu esikanye nawo?
15 Singasiza futhi ngaleyo ndlela siduduze amaKristu esikanye nawo ngezindlela ezingokoqobo ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, singasiza asebekhulile noma abagulayo esikholwa nabo ngokubayela ezitolo. Abanye singabasiza ngemisebenzi yabo yasendlini, kanjalo sibonise ukuthi sinesithakazelo kubo. (Fil. 2:4) Mhlawumbe singancoma esikhulekela nabo ngezimfanelo zabo ezinhle ezinjengothando, ukuba nezeluleko ezinhle, isibindi nokholo.
16 Njengoba sifuna ukududuza asebekhulile, singabavakashela futhi sibalalelisise lapho besitshela okuhlangenwe nakho kwabo kanye nezibusiso abazijabulela enkonzweni kaJehova. Phela, lokhu kungasikhuthaza futhi kusiduduze ngempela! Singafunda nalabo esibavakashele iBhayibheli noma izincwadi zethu ezisekelwe kulo. Mhlawumbe singaxoxa ngesinye sezihloko zamuva zeSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke noma indaba ezofundwa phakathi neSifundo SeBhayibheli Sebandla ngalelo sonto. Singase sibuke nabo i-DVD esekelwe eBhayibhelini. Singase futhi sifunde noma sixoxe ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo okusezincwadini zethu.
17, 18. Njengezinceku zikaJehova ezithembekile, kungani singaqiniseka ukuthi uyosisekela futhi asiduduze?
17 Uma siqaphela ukuthi umkhulekeli kaJehova esikanye naye udinga induduzo, singambeka emithandazweni yomuntu siqu. (Roma 15:30; Kol. 4:12) Njengoba sibhekana nezinkinga zokuphila futhi sikukhuthalela ukududuza abanye, singaba nokholo nokuqiniseka okufana nokomhubi owahlabelela: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” (IHu. 55:22) Ngempela, uJehova uyohlale ekhona ukuze asiduduze futhi asisekele njengezinceku zakhe ezithembekile.
18 UNkulunkulu watshela abakhulekeli bakhe basendulo: “Mina—mina nginguye oniduduzayo.” (Isaya 51:12) UJehova uyosiduduza nathi futhi abusise imisebenzi yethu emihle namazwi ethu amahle njengoba siduduza abalilayo. Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, ngamunye kithi angathola induduzo emazwini uPawulu awalobela amaKristu agcotshwe ngomoya ayekanye nawo: “Kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda futhi wanikeza induduzo yaphakade nethemba elihle ngomusa ongafanelwe, bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.”—2 Thes. 2:16, 17.
Ingabe Uyakhumbula?
• Umsebenzi wethu wokududuza abalilayo mkhulu kangakanani?
• Iziphi ezinye zezinto esingazenza ukuze siduduze abanye?
• Ibuphi ubufakazi bemiBhalo obukhona bokuthi uJehova uyabaduduza abantu bakhe?
[Isithombe ekhasini 28]
Ingabe uyahlanganyela ekududuzeni abalilayo?
[Isithombe ekhasini 30]
Abasha nabadala banganikeza isikhuthazo