Imibuzo Evela Kubafundi
Yini okufanele ngiyenze uma nginombuzo ngento engiyifunde eBhayibhelini noma uma ngidinga iseluleko ngenkinga yomuntu siqu?
IzAga 2:1-5 zikhuthaza ngamunye wethu ukuba ‘aqhubeke efuna’ ukuqonda nekhono lokwahlukanisa njengokungathi ufuna “ingcebo efihliweyo.” Lokhu kubonisa ukuthi kufanele sizikhandle ekucwaningeni izimpendulo zemibuzo yethu yeBhayibheli nasekutholeni isixazululo ezinkingeni zethu siqu. Singakwenza kanjani lokhu?
Incwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, emakhasini 33 kuya ku-38, ihlaziya “Indlela Yokucwaninga” ngokusebenzisa amathuluzi alungiselelwe “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45) Ekhasini 36 kuchazwa indlela yokusebenzisa i-Watchtower Publications Index, uhlelo ngalunye lwayo oluba nezikhombo zezihloko eziye zadingidwa nezemiBhalo. Lokhu kwenza ukwazi ukucwaninga ngokubheka amagama ayisihluthulelo noma amavesi eBhayibheli, bese uthola uhlu lwezikhombo ongabheka kuzo. Yiba nesineke lapho ucwaninga impendulo ethile noma isiqondiso osidingayo. Khumbula, uhlwaya “ingcebo efihliweyo,” okudinga isikhathi nokuzikhandla.
Kuyavunywa, zikhona ezinye izihloko nemiBhalo izincwadi zethu ezingazange zikhulume ngazo ngokuqondile. Ngisho nalapho siye sakhuluma khona ngevesi elithile leBhayibheli, kungenzeka ukuthi asikaze sixoxe ngokukhethekile ngalowo mbuzo onawo. Ngaphezu kwalokho, okunye ukulandisa kweBhayibheli kuphakamisa imibuzo ngoba akunikezi yonke imininingwane. Ngakho, asikwazi ukuthola ngokushesha izimpendulo zayo yonke imibuzo ephakamayo. Esimweni esinjalo, kufanele sikugweme ukufunisela ngezinto ezingeke nje zaphenduleka, funa singene ezimpikiswaneni “ezibangela imibuzo yokucwaningwa kunokwabiwa kwanoma yini evela kuNkulunkulu ephathelene nokholo.” (1 Thim. 1:4; 2 Thim. 2:23; Thithu 3:9) Ihhovisi legatsha ngisho nendlunkulu yomhlaba wonke ayihlaziyi noma iphendule yonke imibuzo enjalo okungakaze kukhulunywe ngayo ezincwadini zethu. Singagculiseka ukuthi iBhayibheli linikeza ukwaziswa okwanele ukuba kusiqondise ekuphileni kodwa futhi lishiye ngaphandle imininingwane eyanele ukuba sibe nokholo oluqinile kuMlobi walo ophakeme.—Bheka amakhasi 185 kuya ku-187 encwadini ethi Sondela KuJehova.
Kuthiwani uma wenze konke ongakwenza ukuze ucwaninge ngendaba ethinta wena ngokuqondile kodwa noma kunjalo ungakasitholi isiqondiso noma isixazululo osidingayo? Zizwe ukhululekile ukuya komunye umkhulekeli ovuthiwe enikanye naye, mhlawumbe omunye wabadala bebandla. Banolwazi olunzulu ngeBhayibheli futhi banokuhlangenwe nakho ngokuphila kobuKristu. Usizo lwabo olunokulinganisela okuhle luyofaneleka ikakhulu uma udinga usizo ngenkinga yakho siqu noma isinqumo, ngoba bayakwazi wena nesimo sakho futhi baseduze nawe. Ungakhohlwa nokuthandaza kuJehova ngokuqondile ngezinto ezikukhathazayo umcele aqondise ukucabanga kwakho ngomoya wakhe ongcwele, “ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha . . . nokuqonda.”—IzAga 2:6; Luka 11:13.