Ingabe Kufanele Uphikelele Kulokho Okuthandayo?
OJAHIDADA ababili bayadlala. Omunye uhlwitha ithoyizi lakhe alithandayo komunye, amemeze, “Ithoyizi lami leli!” Kusukela besebancane, abantu abangaphelele babonisa izinga elithile lobugovu. (Gen. 8:21; Roma 3:23) Ngaphezu kwalokho, izwe lonkana likhuthaza umoya wokuzicabangela wena kuqala. Ukuze sigweme lo moya, kumelwe silwe kanzima ukuze singabi nalokhu kuthambekela kobugovu. Uma singakwenzi lokho, singabakhuba kalula abanye futhi sibenze buthaka ubuhlobo bethu noJehova.—Roma 7:21-23.
Esikhuthaza ukuba sicabangele imiphumela izenzo zethu ezingaba nayo kwabanye, umphostoli uPawulu wabhala: “Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezinosizo. Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo.” Wabuye wathi: “Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka.” (1 Kor. 10:23, 32) Ngakho-ke, ezindabeni ezihilela izinto esizithandayo, kuwukuhlakanipha ukuzibuza: ‘Ngikulungele yini ukudela amalungelo athile lapho ukuthula kwebandla kusongelwa? Ngizimisele yini ukulandela izimiso zeBhayibheli ngisho noma kungeyona into engithanda ngempela ukuyenza?’
Lapho Sikhetha Umsebenzi Wokuziphilisa
Abantu abaningi babheka ukukhetha umsebenzi njengesinqumo somuntu siqu esingabathinti kangako abanye, noma esingabathinti nhlobo. Kodwa cabanga ngokuhlangenwe nakho kukasomabhizinisi othile wasedolobheni elincane laseNingizimu Melika. Wayedume ngokugembula nangokudakwa. Nokho, njengoba etadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wathuthuka ngokomoya washintsha indlela yakhe yokuphila. (2 Kor. 7:1) Lapho ezwakalisa isifiso sokushumayela obala nebandla, umdala othile wamkhuthaza ngomusa ukuba acabangisise ngomsebenzi wakhe. Kwase kuyisikhathi eside le ndoda ithengisela izitolo zendawo ugologo ocwengekile okhishwa emobeni—umkhiqizo osetshenziselwa izinto eziningi, kodwa kule ndawo ovame ukuxutshwa neziphuzo ezibandayo ngenjongo yokudakwa.
Le ndoda yabona ukuthi uma ingayoshumayeza abantu ibe ithengisa lo mkhiqizo, lokho kwakungangcolisa igama lebandla, kulimaze nobuhlobo bayo noNkulunkulu. Nakuba kwakudingeka yondle umkhaya wayo omkhulu, yayeka ukuthengisa lo mkhiqizo. Manje yondla umkhaya wayo ngokuthengisa imikhiqizo yephepha, futhi yona, umkayo nezimbili ezinganeni zabo ezinhlanu babhapathiziwe. Bashumayela izindaba ezinhle ngentshiseko benenkululeko yokukhuluma.
Lapho Sikhetha Abangane
Ingabe ukuba umngane nabantu abangewona amaKristu kumane kuyindaba yokuzikhethela, noma ingabe kunezimiso zeBhayibheli ezihilelekile? Omunye udade wayefuna ukuya emcimbini othile nensizwa engeyona umKristu. Nakuba axwayiswa ngezingozi, waba nomuzwa wokuthi kwakuyilungelo lakhe ukuzikhethela, ngakho waya kulowo mcimbi. Esanda kufika nje kulowo mcimbi, wanikezwa isiphuzo esasinesidakamizwa esinamandla. Wavuka ngemva kwamahora amaningi, wathola ukuthi lo mngane wakhe mbumbulu wayemdlwengulile.—Qhathanisa noGenesise 34:2.
Nakuba ukuba umngane nabantu abangakholwa kungase kungabi nemiphumela ebuhlungu ngaso sonke isikhathi, iBhayibheli liyaxwayisa: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Lokhu kuyiqiniso elingenakuphikwa—ukukhetha abangane ababi kusifaka engozini! IzAga 22:3 zithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” Abangane bethu bangasithonya, balimaze nobuhlobo bethu noNkulunkulu.—1 Kor. 15:33; Jak. 4:4.
Endabeni Yokugqoka Nokuzilungisa
Izitayela nezimfashini zishintsha njalo. Nokho, izimiso zeBhayibheli ngokugqoka nokuzilungisa azishintshi. UPawulu wanxusa abesifazane abangamaKristu ukuba “bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo”—isimiso esisebenza ngendlela efanayo nasemadodeni. (1 Thim. 2:9) UPawulu wayengasho ukuthi kufanele kugqokwe ngendlela engakhangi, futhi wayengasho ukuthi wonke amaKristu kumelwe athande isitayela esisodwa sokugqoka. Kodwa kusho ukuthini ukuba nesizotha? Esinye isichazamazwi sichaza leli gama ngokuthi “ukungazidli noma ukungaqhoshi . . . ukugqoka, ukukhuluma nokuziphatha ngendlela ehloniphekile.”
Kudingeka sizibuze: ‘Ngingasho yini ngobuqotho ukuthi nginesizotha uma ngiphikelela ngigqoka izingubo ezingidonsela amehlo? Ingabe indlela engigqoka ngayo yenza abantu bangaqondi ukuthi kahle-hle ngingumuntu onjani noma ukuthi nginesimilo esinjani?’ Ngokuqondene nale ndaba, singakugwema ‘ukunikeza isizathu sokukhubeka nganoma iyiphi indlela’ ‘ngokungakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’—2 Kor. 6:3; Fil. 2:4.
Ezindabeni Zamabhizinisi
Lapho kuba nezinkinga ezinkulu ngenxa yezenzo zokukhwabanisa nokuphamba ebandleni laseKorinte, uPawulu wabhala: “Kungani ningavumi ukuba noniwe? Kunalokho kungani ningavumi ukuba niphanjwe?” UPawulu weluleka amaKristu ukuba azimisele ukulahlekelwa kunokuba ayise abafowabo ezinkantolo. (1 Kor. 6:1-7) Umzalwane othile e-United States wasilalela lesi seluleko. Kwaba nengxabano phakathi kwakhe nomqashi wakhe ongumKristu mayelana nomholo ayewukweletwa. Benza ngokwesiqondiso semiBhalo, laba bazalwane ababili bahlangana kaningana, kodwa behluleka ukuyixazulula le nkinga. Ekugcineni, bayisa le ndaba ‘ebandleni,’ okungukuthi kubadala.—Math. 18:15-17.
Okudabukisayo ukuthi nalapho ayizange ixazululeke. Ngemva kokuthandaza kaningi, lo mzalwane owayeqashiwe wanquma ukuvele ayikhohlwe le mali ayenomuzwa wokuthi uyayikweletwa. Kungani? Wachaza, “Le ngxabano yayingiqedela injabulo futhi ingidlela isikhathi esiyigugu engangingasisebenzisela imisebenzi yobuKristu.” Ngemva kokwenza leso sinqumo, lo mzalwane wayizwa injabulo ibuya, futhi wabona indlela uJehova ambusisa ngayo enkonzweni yakhe.
Nasezintweni Ezincane
Ukungaphikeleli kulokho okuthandwa yithi kuletha izibusiso nasezintweni ezincane. Ngosuku lokuqala lomhlangano wesigodi, umbhangqwana othile ongamaphayona wafika kusenesikhathi esanele wazitholela izihlalo ozithandayo. Kwathi lapho kuqala isimiso, kwafika umkhaya onezingane eziningana wangena usuphuthuma kule nkundla egcwele. Lo mbhangqwana waqaphela ukuthi lo mkhaya wawudinga izihlalo ezengeziwe, ngakho wawunika izihlalo zawo ezimbili. Lo mkhaya wakwazi ukuhlala ndawonye. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa umhlangano uphelile, la maphayona athola incwadi yokubonga evela kulo mkhaya. Wachaza ukuthi wawudumele kanjani ngokuthi wawufike sekwephuzile emhlanganweni. Kodwa ngokushesha wachichima injabulo nokubonga ngenxa yomusa walo mbhangqwana ongamaphayona.
Masizimisele ukudela lokho esikuthandayo ngenxa yabanye lapho kuvela amathuba. Uma sibonisa uthando ‘olungazifuneli izinzuzo zalo siqu,’ sisiza ekulondolozeni ukuthula ebandleni kanye nomakhelwane. (1 Kor. 13:5) Kodwa okubaluleke nakakhulu, silondoloza ubungane bethu noJehova.
[Isithombe ekhasini 20]
Ingabe uzimisele ukudela okuthandayo endabeni yokugqoka?
[Isithombe ekhasini 20, 21]
Ingabe uzimisele ukunikeza abafowenu indawo yokuhlala?