Ikilasi Le-125 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi
Izithunywa Zevangeli Zikhuthazwa Ukuba Zibe NjengoJeremiya
UGEOFFREY JACKSON weNdikimba Ebusayo wathi: “Leli kilasi laseGileyadi liyingqopha-mlando.” Wayekhuluma nabantu abangu-6 156 ababekhona lapho ikilasi le-125 le-Watchtower Bible School of Gilead lithweswa iziqu ngo-September 13, 2008. Uma kuhlanganiswa nabafundi abangu-56 baleli kilasi, iSikole SaseGileyadi sesithumele izithunywa zevangeli ezingaphezu kuka-8 000 “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba”!—IzE. 1:8.
UMfoweth’ uJackson, usihlalo wesimiso sokwethweswa iziqu, wabuza, “Ingabe ukuba umuntu onokwethenjelwa kungayithuthukisa inkonzo yakho?” Wabe esesho izinto ezine ezingenza abantu basethembe: ukuba nesimo sengqondo esihle, ukubeka isibonelo esihle, ukusekela okufundisayo ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu nokugxila ekwenzeni ukuba igama likaJehova laziwe.
UDavid Schafer, okhonza eKomitini Yokufundisa, waxoxa ngesihloko esithi “Ingabe Uyokuqonda Konke?” Waqinisekisa abafundi baseGileyadi ukuthi bangakwazi ‘ukukuqonda konke’ okudingekayo ukuze bakhonze njengezithunywa zevangeli uma beqhubeka befuna uJehova futhi ngokuzithoba beqaphela “inceku ethembekileyo neqondayo.”—IzAga 28:5; Math. 24:45.
Kwabe sekulandela uJohn E. Barr weNdikimba Ebusayo nesihloko esithi “Ungavumeli Lutho Lukuhlukanise Nothando LukaNkulunkulu.” Ekhuluma kuhle kukababa, uMfoweth’ uBarr waqeda noma ikuphi ukukhathazeka okungenzeka ukuthi abafundi nabazali babo babenakho ngalokho lezi zithunywa zevangeli ezintsha eziyobhekana nakho ezabelweni zazo. Wachaza: “Kuyindawo elondekile nethokomele ukuba sothandweni lukaNkulunkulu.” Akukho okungahlukanisa izithunywa zevangeli nothando lukaNkulunkulu ngaphandle kokuba zona zizihlukanise.
USam Roberson, woMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini, wakhuthaza izilaleli ukuba zigqoke “ingubo yekhethelo.” Ngokutadisha lokho uJesu akwenza nokukusebenzisa kubo, abafundi ‘bangagqoka iNkosi uJesu Kristu.’ (Roma 13:14) Kwabe sekulandela uWilliam Samuelson, owengamele uMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini, waqokomisa okwenza umuntu abe ohloniphekile. Wathi yindlela uNkulunkulu asibheka ngayo esenza sihlonipheke, hhayi indlela abantu abasibheka ngayo.
UMichael Burnett, omunye wabafundisi, waxoxa nabafundi ngokuhlangenwe nakho kwabo kwasenkonzweni yasensimini. Nakuba iningi labafundi lalabelwe ukuba lisebenze insimu esetshenzwa njalo ngenkathi liseSikoleni SaseGileyadi ePatterson, eNew York, labathola abathakazelayo. UGerald Grizzle weHhovisi LeMihlangano Yesigodi waxoxa nabazalwane abathathu ababeze eSikoleni Samalungu Amakomiti Amagatsha. Amazwi abo asiza abafundi baseGileyadi ukuba bazi lokho okubalindele ezabelweni zabo zakwamanye amazwe.
UDavid Splane weNdikimba Ebusayo, owathola iziqu zakhe ekilasini lama-42, wanikeza inkulumo ethi “Yiba NjengoJeremiya.” Nakuba uJeremiya ayesesaba isabelo sakhe, uJehova wamqinisa. (Jer. 1:7, 8) UNkulunkulu uzoziqinisa nalezi zithunywa zevangeli ezintsha. UMfoweth’ uSplane wathi: “Uma kuba nothile ongezwani naye, hlala phansi, ubhale izimfanelo eziyishumi ozithandayo ngaye. Uma wehluleka ukuzibala zize zifike kweziyishumi, kusho ukuthi awumazi kahle lowo muntu.”
UJeremiya wayezidela. Lapho esefuna ukuyeka, wathandaza futhi uJehova waba naye. (Jer. 20:11) UMfoweth’ Splane wathi: “Uma uzizwa udangele, khuluma noJehova. Iyokumangaza indlela ayokusiza ngayo.”
Ekupheleni kwesimiso, usihlalo wakhumbuza ababekhona ukuthi abafundi baye bafunda izindlela ezahlukahlukene zokwenza abantu babethembe. Lapho abantu ababashumayezayo bebathemba, lokho kuyothuthukisa inkonzo yabo.—Isaya 43:8-12.
[Ibhokisi ekhasini 22]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 6
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 21
Inani labafundi: 56
Isilinganiso seminyaka yobudala: 32,9
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17,4
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13
[Isithombe ekhasini 23]
Ikilasi Le-125 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Hodgson, A.; Wall, A.; Beerens, K.; Hortelano, M.; Newman, L.; De Caso, A. (2) Jenkins, J.; Jarzemski, T.; Méndez, N.; Corona, V.; Canalita, L. (3) Fryer, H.; Savage, M.; Tidwell, K.; Erickson, N.; Dyck, E.; McBeath, R. (4) Perez, L.; Puse, L.; Skidmore, A.; Young, B.; McBride, N.; Rondón, P.; Goodman, E. (5) Beerens, M.; Ferguson, J.; Pearson, N.; Chapman, L.; Wardle, J.; Canalita, M. (6) Perez, P.; De Caso, D.; Young, T.; Rondón, D.; Goodman, G.; Jenkins, M.; Dyck, G. (7) Corona, M.; Wall, R.; Puse, S.; Méndez, F.; Jarzemski, S.; Savage, T. (8) Newman, C.; Ferguson, D.; Skidmore, D.; Erickson, T.; McBride, J.; Pearson, M.; Chapman, M. (9) Hodgson, K.; Wardle, A.; McBeath, A.; Tidwell, T.; Fryer, J.; Hortelano, J.