Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 3/15 kk. 21-25
  • “Ubani Ohlakaniphile Noqondayo Phakathi Kwenu?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ubani Ohlakaniphile Noqondayo Phakathi Kwenu?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abahlakaniphe Ngempela Babonakala Ngezenzo
  • Izici Zabantu Abangahlakaniphile
  • Izimfanelo Abahlakaniphile Abalwela Ukuzibonisa
  • Yembathani Ubumnene!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Kungani Kumelwe Sembathe Ubumnene?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Kwaphezulu” Ekuphileni Kwakho?
    Sondela KuJehova
  • Ubumnene​—⁠Kungani Kuzuzisa Ukuba Mnene?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 3/15 kk. 21-25

“Ubani Ohlakaniphile Noqondayo Phakathi Kwenu?”

“Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise imisebenzi yakhe ngokuziphatha kwakhe okuhle ngobumnene bokuhlakanipha.”—JAK. 3:13.

1, 2. Yini engase ishiwo ngabaningi ababhekwa njengabahlakaniphile?

UBANI ombheka njengohlakaniphe ngempela? Mhlawumbe abazali bakho, indoda esikhulile, noma mhlawumbe uprofesa wasekolishi? Umbono wakho ngomuntu ohlakaniphile ungase uthonywe isizinda nezimo zakho. Nokho, izinceku zikaNkulunkulu zinesithakazelo ngokuyinhloko embonweni wakhe.

2 Akubona bonke izwe elibabheka njengabahlakaniphile abahlakaniphe ngempela emehlweni kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJobe wakhuluma nabantu ababezibheka njengabakhuluma amazwi okuhlakanipha, kodwa waphetha: ‘Angitholi muntu ohlakaniphile phakathi kwenu.’ (Jobe 17:10) Mayelana nabathile ababenqaba ulwazi ngoNkulunkulu, umphostoli uPawulu wabhala: “Nakuba begomela ngokuthi bahlakaniphile, baba yiziwula.” (Roma 1:22) Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova ngokwakhe washo ngokuqondile: “Maye kulabo abazibona behlakaniphile emehlweni abo.”—Isaya 5:21.

3, 4. Yini edingekayo ukuze umuntu abe ohlakaniphe ngempela?

3 Kusobala ukuthi kudingeka sithole ukuthi yini eyenza umuntu abe ohlakaniphe ngempela, kanjalo athole umusa kaNkulunkulu. IzAga 9:10 zisinika ukuqonda kule ndaba: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, futhi ukuqonda kungukuba nolwazi ngoNgcwelengcwele.” Abahlakaniphile kumelwe babe nokwesaba okufanele ngoNkulunkulu nenhlonipho ngezindinganiso zakhe. Nokho, kudingeka okungaphezu kokuzamukela ngengqondo izindlela zikaNkulunkulu nokuba khona kwakhe. Umfundi uJakobe usenza sicabange ngalokhu. (Funda uJakobe 3:13.) Phawula la mazwi: “Makabonise imisebenzi yakhe ngokuziphatha kwakhe okuhle.” Ukuhlakanipha kwangempela kufanele kubonakale kulokho okwenzayo nokushoyo nsuku zonke.

4 Ukuhlakanipha kwangempela kuhilela ukwahlulela ngokuhluzekile, ukusebenzisa ulwazi nokuqonda ngendlela ephumelelayo. Iziphi izenzo eziyobonisa ukuthi sinakho lokho kuhlakanipha? UJakobe unikeza izinto eziningana eziyobonakala ezenzweni zalabo abahlakaniphile.a Yini ayisho engasisiza ukuba sibe nobuhlobo obuhle nesikholwa nabo, nalabo abangaphandle kwebandla?

Abahlakaniphe Ngempela Babonakala Ngezenzo

5. Umuntu ohlakaniphe ngempela uyoziphatha kanjani?

5 Masiphinde sisho ukuthi uJakobe wahlobanisa ukuhlakanipha nokuziphatha okuhle. Ngenxa yokuthi ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, umuntu ohlakaniphile ulwela ukuziphatha ngokuvumelana nezindlela nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu asizalwa nakho. Kodwa singakuthola ngokutadisha nangokuzindla ngeBhayibheli njalo. Lokhu kuyosisiza ukuba senze njengoba kunxusa eyabase-Efesu 5:1: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu.” Lapho siqhubeka siziphatha ngokuvumelana nobuntu bukaJehova, siyokubonisa ngokwengeziwe ukuhlakanipha ezenzweni zethu. Izindlela zikaJehova ziphakeme kakhulu kunezabantu. (Isaya 55:8, 9) Ngakho, njengoba silingisa indlela kaJehova yokwenza izinto, abangaphandle bayobona ukuthi kukhona okuhlukile ngathi.

6. Kungani ubumnene bubonisa ukuthi umuntu wesaba uNkulunkulu, futhi le mfanelo ihilelani?

6 UJakobe ubonisa ukuthi enye indlela esingafana ngayo noJehova iwukuba sibe ‘nobumnene bokuhlakanipha.’ Nakuba ubumnene buhilela umusa, ngesikhathi esifanayo umKristu anganamathela ngokuqinile ezindinganisweni zeBhayibheli, okumsiza ukuba alinganisele. Nakuba uNkulunkulu enamandla angenamkhawulo, umnene futhi asesabi ukusondela kuye. INdodana kaNkulunkulu yabubonisa kahle kakhulu ubumnene bukaYise kangangokuthi yayingathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.”—Math. 11:28, 29; Fil. 2:5-8.

7. Kungani singabheka uMose njengesibonelo esihle sobumnene?

7 IBhayibheli likhuluma ngabanye ababonisa ubumnene ngendlela evelele. UMose wayengomunye wabo. Wayenomthwalo wemfanelo omkhulu, kodwa uchazwa ngokuthi “wayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Num. 11:29; 12:3) Khumbula futhi amandla uJehova awanika uMose ukuze afeze intando yaKhe. UJehova wayekujabulela ukusebenzisa abantu abamnene ukuze afeze injongo yakhe.

8. Abantu abangaphelele bangabubonisa kanjani ‘ubumnene bokuhlakanipha’?

8 Kusobala ukuthi kungenzeka ngabantu abangaphelele ukuba babonise ‘ubumnene bokuhlakanipha.’ Kuthiwani ngathi? Singayibonisa kanjani ngokwengeziwe le mfanelo? Ubumnene bungesinye sezithelo zomoya ongcwele kaJehova. (Gal. 5:22, 23) Singathandazela umoya wakhe, sizame ngobuqotho ukubonisa izithelo zawo, sinethemba lokuthi uNkulunkulu uyosisiza ukuba sibubonise ngokwengeziwe ubumnene. Lesi siqinisekiso somhubi sisishukumisela ukuba senze kanjalo: “[UNkulunkulu] uyofundisa abamnene indlela yakhe.”—IHu. 25:9.

9, 10. Imuphi umzamo odingekayo ukuze sibonise ubumnene bukaNkulunkulu, futhi ngani?

9 Nokho, ukuthuthuka kulesi sici kungase kudinge umzamo omkhulu. Ngenxa yesizinda, abanye bethu bangase bangabi nokuthambekela kokuba mnene. Ngaphezu kwalokho, abantu abasizungezile bangase bakhuthaze ukwenza okuhlukile, bathi uma umuntu ekuphatha kabi, nawe kufanele wenze okufanayo. Kodwa ingabe lokho kuwukuhlakanipha ngempela? Uma kungase kuthungeleke umlilo omncane endlini yakho, ingabe ubungawucima ngophalafini noma ngamanzi? Ukuthela uphalafini emlilweni bekuyowubhebhethekisa, kanti ukuzama ukuwucima ngamanzi cishe bekuyosiza. Ngokufanayo, iBhayibheli liyaseluleka: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1, 18) Siyayibona yini indlela esingabonisa ngayo ukuhlakanipha kwangempela ngokusabela ngobumnene esikhathini esizayo lapho kuba khona isimo esicasulayo ebandleni noma ngaphandle?—2 Thim. 2:24.

10 Njengoba kuphawulwe ngenhla, abaningi abathonywe umoya wezwe abanabo neze ubumnene, ukuthula nokuzola. Kunalokho, abantu abaningi banokhahlo futhi bayazikhukhumeza. UJakobe wayekwazi lokhu, ngakho wanikeza izixwayiso ukuze amalungu ebandla agweme ukonakaliswa umoya onjalo. Ikuphi okunye esingakufunda eselulekweni asinikeza?

Izici Zabantu Abangahlakaniphile

11. Iziphi izici ezingqubuzana nokuhlakanipha kukaNkulunkulu?

11 UJakobe wabhala ngokungagunci ngezici ezingqubuzana ngokuqondile nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. (Funda uJakobe 3:14.) Umhawu nokubanga kuyizici zenyama; akuzona ezingokomoya. Cabanga ngalokho okwenzekayo lapho kulawula ukucabanga kwenyama. Kunamaqembu ayisithupha “amaKristu” alawula izingxenye zeSonto Lethuna Elingcwele eliseJerusalema, okuthiwa lakhiwe lapho kwabulawelwa futhi kwangcwatshelwa khona uJesu. La maqembu abelokhu enombango ongapheli. Ngo-2006, umagazini i-Time wakhuluma ngalokho okwenzeka ngaphambili lapho “kwaphela amahora [izindela zakhona] zibambene ngezihluthu, . . . zishayana ngezinti ezinkulu zamakhandlela.” Ukungathembani kwala maqembu kukhulu kangangokuthi isihluthulelo sesonto siphathiswa iSulumane elithile.

12. Yini engenzeka lapho ukuhlakanipha kungekho?

12 Ngokuqinisekile, umbango owedlulele kanjalo akufanele ube khona ebandleni lamaKristu eqiniso. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi ukungapheleli kuye kwabangela abanye ukuba baqinise amakhanda bangavumi ukushintsha imibono yabo. Lokho kungaholela engxabanweni nasembangweni othile. Umphostoli uPawulu wakuphawula lokhu ebandleni laseKorinte, wayesebhala: “Njengoba kukhona umhawu nombango phakathi kwenu, anibona yini abangokwenyama futhi anihambi yini njengoba kuhamba abantu?” (1 Kor. 3:3) Leso simo esidabukisayo saba khona isikhathi esithile kuleli bandla ekhulwini lokuqala. Ngakho-ke, kudingeka siqaphe ukuba umoya onjalo ungangeni ebandleni namuhla.

13, 14. Nikeza izibonelo zendlela umoya wenyama ongaboniswa ngayo.

13 Umoya onjalo ungangena kanjani ebandleni? Ungaqala ngezinto ezincane. Ngokwesibonelo, lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso, kungase kuvele ukungaboni ngaso linye ngokuphathelene nendlela izinto okufanele zenziwe ngayo. Omunye umzalwane angase asuse umbango uma ukusikisela kwakhe kungamukelwa, mhlawumbe azigxeke obala izinqumo ezenziwayo. Angase enqabe ngisho nokuqhubeka esebenza kuleso sakhiwo! Umuntu owenza kanjalo uyakhohlwa ukuthi ukuze kufezwe umsebenzi ohilela ibandla ngokuvamile akuxhomekile endleleni ethile esetshenziswayo, kodwa emoyeni walo wokuthula. UJehova uyobusisa umoya omnene, hhayi umbango.—1 Thim. 6:4, 5.

14 Esinye isibonelo singase sibe yilapho abadala ebandleni bephawula ukuthi omunye umdala, nakuba esekhonze iminyaka ethile, kusobala ukuthi akasahlangabezani nezimfuneko ezingokomBhalo. Lapho umbonisi wesifunda ohambele ibandla ephawula ukuthi lo mzalwane uye wanikezwa iseluleko esiqondile esikhathini esidlule kodwa wangathuthukisa, uyavumelana nokutusa kwabo ukuba agudluzwe. Lo mdala uyokubheka kanjani lokhu? Ingabe uyosamukela ngomoya wokuthobeka nobumnene isinqumo sabadala esenziwe ngazwilinye neseluleko sabo esingokomBhalo futhi azimisele ukuhlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo ukuze aphinde akhonze? Noma ingabe uyobamba amagqubu, abe nomhawu ngoba engasenalo ilungelo ayenalo ngaphambili? Kungani umzalwane ebengenza sengathi uyafaneleka ukuba umdala kuyilapho empeleni engafaneleki? Yeka ukuthi bekuyoba ukuhlakanipha kangakanani ukubonisa ukuthobeka nokuqonda!

15. Kungani unomuzwa wokuthi iseluleko esiphefumulelwe esikuJakobe 3:15, 16 sibaluleke kakhulu?

15 Kuyiqiniso ukuthi isimo esifanayo singabonakala nangezinye izindlela. Kodwa kunoma isiphi isimo esivelayo, kumelwe silwele ukugwema izici ezinjalo. (Funda uJakobe 3:15, 16.) Umfundi uJakobe wabiza lezo zimo zengqondo ngokuthi ‘ezasemhlabeni’ ngoba zingezenyama, akuzona ezingokomoya. ‘Zingezobulwane’ ngoba ziwumphumela wokuthambekela kwenyama, zifana nezici zezilwane ezingacabangi. Lezo zimo zengqondo ‘zingezobudemoni,’ ngoba zibonisa isimo sengqondo sezitha zikaNkulunkulu zomoya. Yeka ukuthi akufaneleki kanjani ngomKristu ukubonisa lezo zici!

16. Iziphi izinguquko okungase kudingeke sizenze, futhi singaphumelela kanjani ekuzenzeni?

16 Ilungu ngalinye lebandla liyobe lenza kahle ngokuzihlola nangokusebenzela ukulahla lezo zici. Njengabafundisi ebandleni, ababonisi kufanele basiqaphele isidingo sokulahla izimo zengqondo ezingakhi. Ngenxa yokungapheleli kwethu nangenxa yethonya laleli zwe, lena akuyona into engenziwa kalula. Ukukwenza kungafaniswa nokuzama ukukhuphuka umqansa onodaka, oshelelayo. Uma kungekho lutho esingabambelela kulo, singamane sishelele sibuyele emuva. Nokho, singakwazi ukuqhubekela phambili ngokubambelela ngokuqinile eselulekweni seBhayibheli nangosizo olunikezwa ngebandla likaNkulunkulu lomhlaba wonke.—IHu. 73:23, 24.

Izimfanelo Abahlakaniphile Abalwela Ukuzibonisa

17. Ngokuvamile abantu abahlakaniphile benzenjani lapho belingelwa ukwenza okubi?

17 Funda uJakobe 3:17. Singazuza ngokucabangela ezinye zezimfanelo eziwumphumela wokubonisa “ukuhlakanipha kwaphezulu.” Ukuba msulwa kuhilela ukuba izenzo nezisusa zethu zibe ezihlanzekile. Kudingeka sizenqabe ngokushesha izinto ezimbi. Ukwenza kanjalo kufanele kuzenzakalele. Mhlawumbe ubona into ethile ezokuxhopha. Uvele ujikise ikhanda noma uvikele iso lakho ngesandla. Lokhu kuyazenzakalela; akudingeki nokuba ucabange ngakho. Kufanele kwenzeke okufanayo nalapho silingelwa ukwenza okubi. Ubumsulwa bethu nonembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli kufanele kusishukumisele ngokuzenzakalelayo ukuba senqabe okubi. (Roma 12:9) IBhayibheli linezibonelo zabantu abenza ngale ndlela, njengoJosefa noJesu.—Gen. 39:7-9; Math. 4:8-10.

18. Kusho ukuthini (a) ukuba nokuthula? (b) ukuba umenzi wokuthula?

18 Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kudinga nokuba sibe nokuthula. Lokhu kuhilela ukugwema ulaka, ukuthanda ukulwa, noma izenzo ezingaphazamisa ukuthula. UJakobe uyenaba ngaleli phuzu lapho ethi: “Imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.” (Jak. 3:18) Phawula inkulumo ethi “abenza ukuthula.” Ingabe ebandleni saziwa njengabenzi bokuthula noma njengabaphazamisa ukuthula? Ingabe sivame ukungaboni ngaso linye nabanye noma ukungezwani nabo, sicasuke kalula noma sicasule abanye? Ingabe sifuna abanye basamukele njengoba sinjalo, noma ingabe ngokuthobeka sisebenzela ukulahla izici zobuntu ezibacasula kufanele abanye? Ingabe saziwa njengabantu abenza konke okusemandleni ukuze bathuthukise ukuthula, abasheshayo ukuthethelela futhi bawadlulise amaphutha abanye? Ukuzihlola ngobuqotho kungasisiza sibone uma kudingeka sithuthuke ekubonakaliseni ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kule ndaba.

19. Kwenzeka kanjani ukuba umuntu aziwe njengobonelelayo?

19 UJakobe wahlanganisa nokuba obonelelayo lapho echaza lokho okubonakalisa ukuhlakanipha kwaphezulu. Ingabe saziwa njangabathambekele ekuvumeleni imibono yabanye lapho kungekho simiso esingokomBhalo esihilelekile, abangasheshi ukufuna ukuba kulandelwe izindinganiso zethu siqu? Ingabe sinedumela lokuba abantu abamnene, okulula ukuxoxa nabo? Lokhu kuyizinkomba zokuthi siye safunda ukuba ababonelelayo.

20. Uyoba yini umphumela uma sibonisa izimfanelo zikaNkulunkulu esisanda kuxoxa ngazo?

20 Yeka ukuthi kungaba mnandi kanjani ebandleni uma abazalwane nodade bengalwela ukuzibonisa ngokwengeziwe izimfanelo zikaNkulunkulu uJakobe abhala ngazo! (IHu. 133:1-3) Ukuba abamnene, abanokuthula nababonelelanayo ngokuqinisekile kuyothuthukisa ubuhlobo bethu futhi kwenze kube sobala ukuthi ‘sinokuhlakanipha kwaphezulu.’ Isihloko esilandelayo sizosibonisa ukuthi ukufunda ukubheka abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo kungasisiza kanjani kule ndaba.

[Umbhalo waphansi]

a Umongo ubonisa ukuthi ngokuyinhloko uJakobe wayekhuluma ngamadoda amadala, noma “abafundisi,” ebandleni. (Jak. 3:1) Impela, la madoda kufanele abe izibonelo ekuboniseni ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kodwa sonke singafunda eselulekweni sakhe.

Ungachaza?

• Yini eyenza umKristu abe ohlakaniphe ngempela?

• Singathuthuka kanjani ekuboniseni ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?

• Iziphi izici ezibonakala kulabo abangabonisi “ukuhlakanipha kwaphezulu”?

• Iziphi izimfanelo ozimisele ukuzihlakulela ngokwengeziwe?

[Isithombe ekhasini 23]

Umbango ungaqala kanjani namuhla?

[Isithombe ekhasini 24]

Ingabe kuyazenzakalela kuwe ukwenqaba okubi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela