Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 3/15 kk. 25-29
  • Ingabe Ubheka Abanye NjengoJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubheka Abanye NjengoJehova?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela UJehova Ababheka Ngayo Abafowethu
  • Bheka Abafowenu Ngendlela UJehova Ababheka Ngayo
  • Ukulingisa UJehova Enkonzweni Yethu
  • Ubuzalwane Obunobunye
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • “Izithelo Zomoya” Zikhazimulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Gcina Ubunye Ebandleni
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 3/15 kk. 25-29

Ingabe Ubheka Abanye NjengoJehova?

‘Makungabikho ukuhlukana emzimbeni. Amalungu awo kufanele anakekelane ngokufanayo.’—1 KOR. 12:25.

1. Wazizwa kanjani lapho uqala ukungena epharadesi elingokomoya?

LAPHO siqala ukuphuma ezweni elibi futhi sizihlanganisa nabantu bakaJehova, cishe salujabulela uthando olufudumele nokukhathalelana okukhona phakathi kwabo. Yeka ukuthi babehluke kanjani kubantu abalawulwa uSathane abanokhahlo, inzondo nabathanda umbango! Sangena epharadesi elingokomoya eligcwele ukuthula nobunye.—Isaya 48:17, 18; 60:18; 65:25.

2. (a) Yini engase ithonye umbono wethu ngabanye? (b) Yini okungase kudingeke ukuba siyenze?

2 Nokho, njengoba isikhathi sihamba, ukungapheleli kwethu kungasenza siqale ukuba nombono ophambene ngabafowethu. Ukungapheleli kungasenza sikhulise amaphutha abafowethu esikhundleni sokubona zonke ezinye izimfanelo zabo ezingokomoya. Ngamafuphi, siyakhohlwa ukubabheka ngendlela uJehova ababheka ngayo. Uma lokhu kwenzeka kithi, kuyisikhathi sokuba sihlolisise umbono wethu siwuvumelanise nombono kaJehova ocacile.—Eks. 33:13.

Indlela UJehova Ababheka Ngayo Abafowethu

3. IBhayibheli lilifanisa nani ibandla lobuKristu?

3 Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Korinte 12:2-26, umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lamaKristu agcotshiwe nomzimba ‘onamalungu amaningi.’ Njengoba nje amalungu omzimba ehluka elinye kwelinye, amalungu ebandla nawo ahluke kakhulu ngokuphathelene nobuntu namakhono awo. Noma kunjalo, uJehova uyakwamukela lokhu kungefani kwawo. Uthanda futhi azise ilungu ngalinye. Ngokufanayo, uPawulu weluleka ngokuthi amalungu ebandla ‘kufanele anakekelane.’ Lokhu kungase kube nzima ngoba ubuntu babanye bungase buhluke kobethu.

4. Kungani kungase kudingeke silungise umbono wethu ngabafowethu?

4 Singase sithambekele ngisho nasekugxileni ebuthakathakeni babafowethu. Empeleni, ngokwenzenjalo kuba njengokungathi sisebenzisa ikhamera egxila endaweni encane kuphela. Nokho, iso likaJehova lona libona indawo ebanzi, ehlanganisa into ayibukayo nendawo eyizungezile. Singase sithambekele ekugxileni kakhulu entweni esingayithandi, kanti uJehova ubheka umuntu ewonke, kuhlanganise nazo zonke izimfanelo zakhe ezinhle. Lapho sikulwela ngokwengeziwe ukufana noJehova, singawuthuthukisa nakakhulu umoya wothando nobunye ebandleni.—Efe. 4:1-3; 5:1, 2.

5. Kungani kungafaneleki ukwahlulela abanye?

5 UJesu wayazi kahle ukuthi abantu abangaphelele bavame ukuthambekela ekwahluleleni abanye. Weluleka: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” (Math. 7:1) Phawula ukuthi uJesu akazange athi: “Ningahluleli”; wathi: “Yekani ukwahlulela.” Wayazi ukuthi abaningi ezilalelini zakhe kakade babenomkhuba wokwahlulela abanye. Kungenzeka yini ukuthi nathi sinawo lo mkhuba? Uma sinawo, kufanele sikulwele kanzima ukushintsha ukuze singatholi isahlulelo esibuhlungu. Ngempela, singobani thina ukuba sahlulele umuntu uJehova amsebenzisa esikhundleni esimisiwe noma sithi akufanele abe ingxenye yebandla? Kungenzeka ukuthi umzalwane unobuthakathaka obuthile, kodwa uma uJehova eqhubeka emamukela, kungaba yini okufanele ngathi ukuba singamamukeli? (Joh. 6:44) Ingabe sikholelwa ngempela ukuthi uJehova uhola inhlangano yakhe nokuthi uma kudingeka kulungiswe okuthile, uyothatha isinyathelo ngesikhathi sakhe esifanele?—Funda amaRoma 14:1-4.

6. UJehova uzibheka kanjani izinceku zakhe?

6 Into enhle kakhulu ngoJehova ukuthi angabona kumKristu ngamunye lokho angagcina eyikho lapho esephelele ezweni elisha. Wazi nentuthuko engokomoya aseyenzile kakade. Ngakho-ke, akanaso isizathu sokugxila ebuthakathakeni ngabunye benyama. KumaHubo 103:12 siyafunda: “Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeké kude kangako izeqo zethu.” Yeka indlela thina ngabanye esimbonga ngayo ngalokhu!—IHu. 130:3.

7. Sifundani endleleni uJehova abheka ngayo uDavide?

7 ImiBhalo inobufakazi obubonisa ukuthi uJehova unekhono elivelele lokugxila ebuhleni bomuntu. UNkulunkulu wachaza uDavide ngokuthi ‘inceku yami uDavide, eyagcina imiyalo yami neyangilandela ngayo yonke inhliziyo yayo ngokwenza okulungile emehlweni ami.’ (1 AmaKh. 14:8) Yiqiniso, siyazi ukuthi kunezinto ezithile ezimbi uDavide azenza. Noma kunjalo, uJehova wakhetha ukugxila kokuhle ngoba wayazi ukuthi inhliziyo kaDavide yayiqotho.—1 IziKr. 29:17.

Bheka Abafowenu Ngendlela UJehova Ababheka Ngayo

8, 9. (a) Singafana kanjani noJehova? (b) Lokhu kungafanekiswa kanjani, futhi sifundani kukho?

8 UJehova angafunda okusenhliziyweni, kanti thina asikwazi. Lokhu kukodwa kuyisizathu esihle sokuba singahluleli. Asizazi zonke izisusa zomunye umuntu. Kufanele sizame ukulingisa uJehova ngokungagxili ekungaphelelini kobuntu, okuyogcina kuphelile. Bekungebe yini umgomo omuhle ukuzama ukufana naye kule ndaba? Ngokwenza kanjalo siyoba neqhaza elikhulu ebuhlotsheni obunokuthula nabafowethu nodadewethu.—Efe. 4:23, 24.

9 Ake sifanekise: Cabanga ngendlu ewohlokayo—ogadasi bayawa, amafasitela aphukile nophahla lwangaphakathi lonakaliswe amanzi. Abantu abaningi bangase babuke le ndlu futhi baphethe ngokuthi kufanele ibhidlizwe ngoba ayisabukeki. Kodwa kungase kuvele othile onombono ohluke ngokuphelele. Angase akwazi ukubona ngalé kwalo monakalo osobala, abone ukuthi isakhiwo ngokwaso siqinile nokuthi le ndlu ingavuselelwa. Uyayithenga, alungise umonakalo osobala futhi athuthukise indlela ebukeka ngayo. Ngemva kwalokho, abantu abadlula ngendlela bababaza ubuhle bayo. Singafana yini nalo muntu owazikhandla ukuba alungise noma avuselele le ndlu? Kunokugxila emaphutheni abafowethu asobala, singakwazi yini ukubona izimfanelo zabo ezinhle nokuthi basengakhula ngokwengeziwe ngokomoya? Uma senza kanjalo, siyobathanda abafowethu ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle ezingokomoya, njengoba kwenza uJehova.—Funda amaHebheru 6:10.

10. Iseluleko esitholakala kweyabaseFilipi 2:3, 4 singasisiza kanjani?

10 Umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko esingasisiza ebuhlotsheni bethu nabantu bonke ebandleni. Wanxusa amaKristu: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani, ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.” (Fil. 2:3, 4) Ukuthobeka kuyosisiza ukuba sibe nombono ofanele ngabanye. Ukubonisa isithakazelo kwabanye nokubheka okuhle kubo nakho kuyosisiza ukuba sibabheke ngendlela uJehova ababheka ngayo.

11. Iziphi izinguquko eziye zathinta amanye amabandla?

11 Ezikhathini zamuva, izinguquko ezenzeka embulungeni yonke ziye zenza ukuba abantu bathuthe kakhulu. Amanye amadolobha manje asenabantu abavela emazweni amaningi ahlukahlukene. Abanye babantu abafikayo endaweni yakithi baye baba nesithakazelo eqinisweni leBhayibheli, futhi bazihlanganisa nathi ekukhulekeleni uJehova. ‘Baphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.’ (IsAm. 7:9) Ngenxa yalokho, amaningi amabandla ethu manje akhiwa abantu bazo zonke izizwe.

12. Imuphi umbono okudingeka sihlale sinawo ngomunye nomunye, futhi kungani lokhu kungase kube inselele ngezinye izikhathi?

12 Emabandleni esikuwo kungase kudingeke ukuba sikunakisise ukuhlale sinombono ofanele ngomunye nomunye. Lokho kudinga ukuhlale sikhumbula iseluleko somphostoli uPetru sokuba sibonise “uthando lobuzalwane lokungazenzisi” nokuba ‘sithandane kakhulu ngokusuka enhliziyweni.’ (1 Pet. 1:22) Ukuhlakulela uthando lweqiniso kungaba inselele lapho kuhlangene abantu bezizwe eziningi. Indlela yokuphila yalabo esikhulekela nabo ingase ihluke kakhulu kweyethu, ngokufanayo nemfundo, umnotho nobuzwe. Ingabe ukuthola kuyinselele ukuqonda indlela abanye abacabanga noma abenza ngayo? Kungenzeka nabo bazizwa ngendlela efanayo ngawe. Noma kunjalo, sonke siyayalwa: “Thandani bonke abazalwane.”—1 Pet. 2:17.

13. Ikuphi ukulungisa okungase kudingeke sikwenze endleleni esicabanga ngayo?

13 Kungase kudingeke senze ukulungisa okuthile endleleni esicabanga ngayo ukuze sanuleke othandweni lwethu ngabo bonke abafowethu. (Funda eyesi-2 Korinte 6:12, 13.) Kuyenzeka yini sizithole sesithi “Anginalo ubandlululo, kodwa . . . ” bese sisho izinto ezingathandeki esicabanga ukuthi zivamile kubantu besizwe esithile? Imizwa enjalo ingase yembule ukuthi kusadingeka siqede ubandlululo esisenalo ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Singase sizibuze, ‘Ingabe ngiwenza njalo umzamo wokwazi abantu abandlela yabo yokuphila ihlukile kweyami?’ Ukuzihlola okunjalo kungasisiza ukuba sithuthukise endabeni yokwamukela nokwazisa abazalwane bethu bomhlaba wonke.

14, 15. (a) Nikeza izibonelo zabantu abalungisa umbono wabo ngabanye. (b) Singabalingisa kanjani?

14 IBhayibheli linezibonelo ezinhle zalabo abalungisa umbono wabo. Omunye wabo kwakungumphostoli uPetru. Njengoba ayengumJuda, wayeyokugwema ukungena endlini yomuntu ongoweZizwe. Cabanga nje ukuthi wazizwa kanjani lapho ecelwa ukuba aye endlini kaKorneliyu, oweZizwe ongasokile! UPetru wakulungisa ukucabanga kwakhe, eqonda ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu ukuba abantu bazo zonke izizwe babe ingxenye yebandla lobuKristu. (IzE. 10:9-35) USawulu, kamuva owaba umphostoli uPawulu, naye kwadingeka ukuba ashintshe futhi aqede ubandlululo ayenalo. Wavuma ukuthi wayeke wawazonda kakhulu amaKristu, ‘waqhubeka eshushisa ibandla likaNkulunkulu futhi elichitha kwaze kwaba seqophelweni lokweqisa.’ Noma kunjalo, lapho iNkosi uJesu imlungisa, wenza izinguquko ezinkulu waze waqala nokwamukela isiqondiso salabo ayebashushisa.—Gal. 1:13-20.

15 Akungabazeki ukuthi nathi singasilungisa isimo sethu sengqondo ngosizo lomoya kaJehova. Uma sithola ukuthi kuseneminonjana yobandlululo efihlekile kithi, masizikhandle ukuba siyisuse futhi ‘sigcine ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:3-6) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sigqoke uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.’—Kol. 3:14.

Ukulingisa UJehova Enkonzweni Yethu

16. Iyini intando kaNkulunkulu ngabantu?

16 Umphostoli uPawulu wabhala: “Akukho ukukhetha kuNkulunkulu.” (Roma 2:11) Injongo kaJehova iwukuhlanganisa zonke izizwe elungiselelweni lokumkhulekela. (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4.) Ukuze lokhu kufezeke, uye wahlela ukuba ‘izindaba ezinhle zaphakade’ zimenyezelwe “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAm. 14:6) UJesu wathi: “Insimu yizwe.” (Math. 13:38) Lokhu kusho ukuthini kuwe nomkhaya wakho?

17. Singazisiza kanjani zonke izinhlobo zabantu?

17 Akubona bonke abakwaziyo ukuya ezindaweni ezikude zomhlaba ukuze bahambise isigijimi soMbuso kwabanye. Noma kunjalo, kungenzeka sisesimweni esihle sokuyisa lesi sigijimi kubantu abavela kuzo zonke izingxenye zomhlaba abahlala ensimini yethu. Ingabe siyawabamba amathuba okufakaza kuzo zonke izinhlobo zabantu, hhayi nje kulabo osekuyiminyaka sibashumayeza? Kungani ungazimiseli ukufinyelela abanye abangakabutholi ubufakazi obuphelele?—Roma 15:20, 21.

18. Ikuphi ukukhathalela uJesu akubonisa abantu?

18 UJesu wayesiqaphela kakhulu isidingo sokusiza bonke abantu. Akazange ashumayele endaweni eyodwa kuphela. Okunye ukulandisa kweBhayibheli kusitshela ukuthi “wathatha uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana.” Kwathi “lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo” wezwakalisa isidingo sokuzisiza.—Math. 9:35-37.

19, 20. Iziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi sikhathalela zonke izinhlobo zabantu ngendlela uJehova noJesu abenza ngayo?

19 Iziphi ezinye izindlela ongabonisa ngazo isimo sengqondo esifanayo? Abanye baye benza umzamo wokufakaza ezingxenyeni zensimu yabo ezingasetshenzwa njalo. Lokhu kungahlanganisa izindawo zamabhizinisi, amapaki, iziteshi zezinto zokuhamba noma phambi kwezakhiwo zokuhlala okungangeneki kalula kuzo. Abanye baye benza umzamo wokufunda ulimi olusha ukuze bashumayeze abantu bezizwe ezithile asebehlala endaweni yabo noma abantu ababengashunyayezwa njalo ngaphambili. Ukufunda ukubingelela labo bantu ngolimi lwabo kungabenza babone ukuthi unesithakazelo enhlalakahleni yabo. Uma singeke sikwazi ukufunda olunye ulimi, singabakhuthaza yini abalufundayo? Ngokuqinisekile, asifuni ukubaqeda amandla noma ukungabaza isizathu esibenza benze umzamo onjalo ukuze bashumayeze abantu bakwelinye izwe. Ukuphila kwabo bonke abantu kuyigugu emehlweni kaNkulunkulu, futhi nathi sifuna ukukubheka ngendlela efanayo.—Kol. 3:10, 11.

20 Ukuba nombono kaNkulunkulu ngabantu kusho nokushumayela kubo bonke, kungakhathaliseki izimo zabo. Kungenzeka abanye abanamakhaya, abanye bangamadlabha, kanti abanye kusobala ukuthi baziphethe kabi. Uma abathile bengasiphathi ngomusa, lokhu akufanele kusenze sibe nombono ongemuhle ngobuzwe babo noma ngesizwe sabo sisonke. Abanye bamphatha kabi uPawulu, kodwa akazange avumele ukuba lokho kumyekise ukushumayeza abantu baleso sizinda. (IzE. 14:5-7, 19-22) Wayenethemba lokuthi abathile babeyosazisa isigijimi ayesiphethe.

21. Ukuba nombono kaJehova ngabanye kuyokusiza kanjani?

21 Manje kusobala kunanini ngaphambili ukuthi kudingeka sibe nombono ofanele—umbono kaJehova—lapho sisebenzelana nabafowethu ebandleni, abezizwe zonke nabantu basensimini. Lapho siwubonisa kakhudlwana umbono kaJehova, siyoba nethonya lokuthula nobunye ngokwengeziwe. Lokhu kuyosenza sibe sesimweni esingcono sokusiza abanye bamazise uJehova, uNkulunkulu “ongazange abonise ukukhetha” kodwa obonisa ukuthi ubakhathalela ngothando bonke abantu, “ngoba bonke bawumsebenzi wezandla zakhe.”—Jobe 34:19.

Ungaphendula?

• Imuphi umbono ngabafowethu okufanele silwele ukuwugwema?

• Singamlingisa kanjani uJehova endleleni esibabheka ngayo abafowethu?

• Iziphi izifundo ozifundile ngombono wethu ngabazalwane bethu bomhlaba wonke?

• Singawulingisa kanjani umbono kaJehova ngabantu lapho sisenkonzweni?

[Isithombe ekhasini 26]

Ungabazi kanjani abantu abandlela yabo yokuphila ihlukile kweyakho?

[Izithombe ekhasini 28]

Iziphi izindlela ongafinyelela ngazo abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela