Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 8/15 kk. 4-7
  • Ukuthola Iseluleko Esizuzisa Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Iseluleko Esizuzisa Kakhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwethembeka Emshadweni
  • Ukukhulisa Izingane Zethu
  • Sisebenzise Iseluleko Esizuzisa Kakhulu
  • Ingabe Uhlala Ulithola Iphuzu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • “Lalelisisa Amazwi Abahlakaniphile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Umthombo Wokuhlakanipha Ophakeme
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Lalela Iseluleko Wamukele Isiyalo
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 8/15 kk. 4-7

Ukuthola Iseluleko Esizuzisa Kakhulu

UKUPHUMELELA ekuphileni kuyafiseleka ngempela. Kuleli zwe elidida ingqondo, izihluthulelo zokuthola impumelelo enjalo ukwamukela iseluleko esizuzisayo nokuzimisela ukwenza ngokuvumelana naso. Nokho, abantu abahlali bezimisele njalo ukulalela iseluleko esiwusizo. Abaningi bathi umuntu kufanele aphile ukuphila kwakhe ngendlela akhetha ukukuphila ngayo. Eqinisweni, ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi uSathane, isitha sokuqala sobukhosi bukaNkulunkulu, wathi uzonika abantu bokuqala inkululeko. Incwadi kaGenesise 3:5 inamazwi awasho ku-Eva egomela: “UNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo [umuthi wolwazi lokuhle nokubi] nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.”

Njengoba u-Adamu no-Eva baqondiswa kuphela imibono yabo siqu, bakwazi yini kamuva ukuphila ngempumelelo, ngaphandle kokubhekana nemiphumela ebuhlungu? Cha abakwazanga. Yabadumaza ngokushesha imiphumela yokucabanga ukuthi bayakwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi. UNkulunkulu wabalahla kufanele futhi baqala ukuphila okuhlukumezayo kokungapheleli, bagcina befile. (Genesise 3:16-19, 23) Ukufa kuyasithinta sonke. IBhayibheli lithi: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.

Nakuba ukukhetha kuka-Adamu no-Eva kwaba nemiphumela emibi, abaningi abakakholiseki ukuthi kuwukuhlakanipha ukusebenzisa iseluleko esivela kuMenzi womuntu. Nokho, iBhayibheli lithi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo,’ futhi lingasisiza ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngokuqinisekile, siyojabula kakhudlwana uma silandela iseluleko esiseBhayibhelini. Ukuphila komkhaya isici esiyinhloko okusebenza kuso lokhu.

Ukwethembeka Emshadweni

NgokweBhayibheli, uNkulunkulu wayejonge ukuba umshado uhlale njalo. (Genesise 2:22-24; Mathewu 19:6) Ngaphezu kwalokho, imiBhalo ithi ‘umbhede womshado akufanele ungcoliswe,’ okusho ukuthi lesi sibopho somshado akufanele sonakaliswe ubuhlobo bobulili bangaphandle komshado. (Hebheru 13:4) Nokho, cishe uyazi ukuthi imishado eminingi namuhla ayiphili ngalezi zindinganiso. Abanye abantu banomkhuba wokudlala ngemizwa yothando nabantu abasebenza nabo kodwa abangashadile nabo. Abanye batshela imikhaya yabo amanga ukuze bachithe isikhathi nomakhwapheni kunokusichitha nabangane babo bomshado. Abanye baze babashiye abangane babo bomshado ukuze bayohlala nesithandwa esisesisha, bethi ngaleyo ndlela bazizwa bebasha futhi bejabule kakhudlwana, njengoba kwenzeka kuVerónica, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele.

Nokho, ukuphikelela ufune ukuzijabulisa kungakhathaliseki ukuthi kulimala bani ngeke kulethe injabulo ehlala njalo. URonald angakufakazela lokho. Eqiniseka ukuthi wayezothuthukisa ukuphila kwakhe, walahla umkakhe ukuze ayoqala umkhaya omusha nowesifazane okwase kuyiminyaka eyisithupha engumakhwapheni wakhe nayesenabantwana ababili kakade naye. Nokho, ngemva kwesikhathi esithile eqede umshado wakhe, leso sithandwa sakhe samshiya! URonald wagcina ehambile wayohlala nabazali bakhe. Wachaza isimo sakhe ngokuthi “sehlisa isithunzi.” Leso isibonelo esisodwa nje. Ukuziphatha okunjalo okushoshozelwa izifiso zobugovu kuye kwaholela ekutheni kube nenqwaba yamadivosi nokuhlukana kwemikhaya ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo, okuphumela ekuhluphekeni kwabantu abaningi—abadala nezingane ngokufanayo.

Ngakolunye uhlangothi, ukulalela iseluleko seBhayibheli kuholela enjabulweni yangempela. Kwaba njalo ngoRoberto, othi: “Ngosizo lweseluleko seBhayibheli, angizange ngilahlekelwe umkami. Umuntu akayitholi injabulo yangempela ngokuzivumela ukuba angene esilingweni sokuthandana nomuntu angashadile naye, ngisho noma lowo muntu engase abonakale ekhanga kanjani. Imfundo yeBhayibheli iye yangisiza ukuba ngimazise umkami, osengisekele yonke le minyaka.” Iseluleko seBhayibheli esithi “kwangathi angebe khona umuntu okhohlisa umfazi wobusha bakhe,” saba nengxenye ebalulekile ekuphileni kukaRoberto. (Malaki 2:15) Iziphi ezinye izici esingazuza kuzo uma silalela iseluleko sikaNkulunkulu?

Ukukhulisa Izingane Zethu

Eminyakeni eminingi edlule kwaduma umbono wokuthi lapho abazali bekhulisa izingane zabo, akufanele babeke imingcele eminingi. Kwabonakala kunengqondo ukuvumela izingane ukuba zizenzele izinqumo zazo endabeni yokuthi zicabanga kanjani futhi ziziphatha kanjani. Injongo yalokhu kwakuwukugwema ukuthiya ukukhula kwazo. Kwezinye izindawo, kwaze kwamiswa isimiso sokufunda esikhululekile, lapho, phakathi kwezinye izinto, izingane zesikole zazingazinqumela ukuthi ziye yini esikoleni noma zingayi, zizikhethele ukuthi zifuna ukudlala kangakanani nokuthi zifuna ukuthola imfundo engakanani. Umthetho wesinye sezikole zalolu hlobo wawuthi “izingane mazivunyelwe ukuyiveza yonke imizwa yazo, zingahlulelwa futhi umuntu omdala angangeni.” Namuhla, abanye abeluleki bokuziphatha kwabantu basaphika ukuthi ukushaya izingane kunezinzuzo, ngisho nalapho abazali bebona kudingekile ukunikeza isiyalo sothando.

Uye waba yini umphumela? Kunabantu abaningi abakholelwa ukuthi izindlela zokukhulisa izingane ukuba zizenzele ezikuthandayo ziye zanika izingane inkululeko enkulu kakhulu. Banomuzwa wokuthi lokhu kuye kwaholela ekwandeni kobugebengu nokudliwa kwezidakamizwa. Ukuhlola okwenziwa e-United States kwembula ukuthi cishe amaphesenti angu-70 abantu ababuzwa ngale ndaba acabanga ukuthi izingane, kuhlanganise nentsha, azisitholi isiqondiso sabazali ezisidingayo. Lapho bezama ukuchaza ukudubulana okwenzeka ezikoleni nobunye ubugebengu obubi obenziwa intsha eyeve eshumini nambili, abaningi basola “isandla sabazali esitotosayo.” Futhi ngisho nalapho imiphumela ingeyona inhlekelele kangako, abazali bavuna kabuhlungu, nazo izingane zivune kabuhlungu ngokungakhuliswa kahle kwazo.

Lithini iBhayibheli ngale ndaba? Iseluleko esingokomBhalo sithi igunya lobuzali kufanele lisetshenziswe ngothando nangesandla esiqinile. IBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana; yinduku yesiyalo eyobudedisela kude naye.” (IzAga 22:15) Yebo, konke ukuyala kwabazali kufanele kufanelane nezimo. Ubumnene, ukuzibamba, nokucabangela kufanele kube yiko okunquma ukuthi isiphi isiyalo esizosetshenziswa. Ngaleyo ndlela, isiyalo siba uphawu lothando. Ukusetshenziswa kwegunya lobuzali ngendlela enothando, engenalo ukhahlo nonya, kwenza kube namathuba amaningi okuba ingane iphumelele.

Ukusebenzisa lesi seluleko kuba nemiphumela emihle ebonakalayo. U-Arturo, indoda yaseMexico eneminyaka engu-30 ubudala esanda kushada, uthi: “Ubaba wakwenza kwacaca kimi nakubafowethu ukuthi yena nomama banegunya ekhaya. Babenganqikazi neze ukusinikeza isiyalo. Noma kunjalo, babehlale benesikhathi sokuxoxa nathi. Manje, njengoba sengimdala, ngiyakwazisa ukuphila okunokuthula engikujabulelayo, futhi ngiyazi ukuthi kungenxa yesiqondiso esihle engasithola.”

Sisebenzise Iseluleko Esizuzisa Kakhulu

IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liqukethe izeluleko ezizuzisa kakhulu abantu abangazisebenzisa. Iziqondiso zalo azisizi umkhaya nje kuphela. Lisisiza ukuba sihlome ngezindlela eziningi ngoba lisifundisa indlela okufanele siziphathe ngayo ezweni elinabantu abaningi abangazimisele ukwamukela ukuthi uMthombo ophakeme wokuhlakanipha yiwona okufanele ubuse ukuphila kwabo ukuze kuzuze bona.

Ngomhubi uDavide, uJehova uNkulunkulu, uMdali wabantu wanikeza lesi siqinisekiso: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” (IHubo 32:8) Ungacabanga yini ukuthi kusho ukuthini ukugadwa uMdali ukuze asivikele ezingozini? Nokho, nawu umbuzo obhekiswe kithi ngabanye: ‘Ngiyosamukela ngokuthobeka yini isiqondiso sikaJehova esiyisivikelo?’ Ngothando, iZwi lakhe liyasitshela: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

Ukwazi uJehova kudinga umzamo nokuzinikela, futhi abantu bangamazi ngokusebenzisa iBhayibheli. Indlela athi siphile ngayo ‘inesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.’ Ngempela, iyindlela yokuthola inzuzo enkulu uma sicabanga ngosizo lwayo.—1 Thimothewu 4:8; 6:6.

Uma kukukhanga ukuhlakanipha kweBhayibheli nezibusiso ezitholakala ngokuphila ngokuvumelana nako, yenza ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwakho. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ubhekane ngokuphumelelayo nezinselele zanamuhla nanoma iziphi eziseza. Ngaphezu kwalokho, uyothola ithemba lokuphila emhlabeni omusha kaNkulunkulu, lapho bonke abantu beyofundiswa uJehova nalapho ukuthula kwabo kuyovama khona.—Isaya 54:13.

[Isithombe ekhasini 5]

Iseluleko seBhayibheli singaqinisa isibopho somshado

[Izithombe ekhasini 6]

Iseluleko seBhayibheli siyisisekelo sesiqondiso esiwusizo, kodwa asikwenzi ungajabuli

[Izithombe ekhasini 7]

Labo abasisebenzisayo iseluleko seBhayibheli bangajabulela izici ezihlukahlukene zokuphila

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela