Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 8/15 kk. 3-4
  • Ingabe Siyadingeka Iseluleko Esihle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Siyadingeka Iseluleko Esihle?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Iseluleko Esizuzisa Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Lapho Umshado Usengcupheni Yokuchitheka
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Izinto Ezine Okufanele Uzazi Ngesehlukaniso
    I-Phaphama!—2010
  • Ingabe Uhlala Ulithola Iphuzu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 8/15 kk. 3-4

Ingabe Siyadingeka Iseluleko Esihle?

ABANTU abaningi namuhla bakholelwa ukuthi bayakwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi nokuthi banelungelo lokwenza noma yini abafuna ukuyenza. Abanye bathi cishe noma yini ilungile inqobo nje uma yenza umuntu ajabule. Umshado nokuphila komkhaya, okungamalungiselelo osekukade ebhekwa njengayisisekelo somphakathi, kuthinteka kakhulu.—Genesise 3:5.

Cabanga ngoVerónica,a ohlala eMexico. Uthi: “Ngaphambi nje kokuba sigubhe iminyaka engu-15 sishadile, umyeni wami wangitshela ukuthi uthandana nomunye wesifazane. Wathi njengoba lona wesifazane emncane futhi emenza azizwe kamnandi, ngeke ahlukane naye. Kwangishaqisa ukucabanga ukuthi umngane wami omkhulu wayengeke esaba khona ukungichithisa isizungu. Ngangicabanga ukuthi ukufa kwabantu esibathandayo iyona nto ebubuhlungu kakhulu. Kodwa kimi, ukuphingelwa umyeni kwakubuhlungu ukwedlula, ngoba angilahlekelwanga nje umuntu engangimthanda ngenhliziyo yami yonke kodwa waqhubeka enza izinto ezingilimazayo.”

Kukhona nendaba yensizwa eneminyaka engu-22 ubudala esidivosile futhi enendodana kodwa engafuni nhlobo ukwamukela imithwalo yayo yemfanelo njengobaba. Ifuna unina ayinakekele, anakekele nomntwana wayo. Uma unina engavumi ukwenza konke ekufunayo, iyathukuthela futhi imthethise, njengoba nje kwenza ingane eyihlongandlebe. Unina uvele angazi ukuthi enzeni lapho ebhekene nalokhu kweyisa okucasulayo.

Lezi zinto aziqabukeli zenzeka. Ukuhlala ngokwahlukana ngokomthetho nokudivosa kuyanda yonke indawo. Izingane eziningi ziye zabona omunye wabazali bazo ehamba ekhaya eyoqala ukuphila okusha. Abanye abasebasha abasabahloniphi nhlobo abanye abantu, kuhlanganise nabazali babo, futhi baziphatha ngendlela eyayingacatshangwa nokucatshangwa kudala. Ukuzitika ngobulili, ukudla izidakamizwa, ukuhlaselwa yintsha, nokubulawa kothisha noma ukubulawa kwabazali bebulawa izingane sekwandile impela emazweni amaningi. Futhi kungenzeka uye waphawula ukuthi umshado nokukhulisa izingane akukhona kuphela okuyinkinga ezweni lanamuhla.

Njengoba sibona lezi zinto zenzeka, singase sizibuze ukuthi kazi kwakhala nyonini emphakathini wethu. Uma abantu bekwazi ngempela ukuhlukanisa okuhle nokubi, kungani kunezinkinga eziningi kangaka ezingaxazululeki? Sikhona yini isidingo seseluleko esihle? Ikhona yini indawo lapho kungatholakala khona iseluleko esizuzisayo, esiye sabonakala sinokwethenjelwa? Nakuba abaningi bethi bayakholelwa kuNkulunkulu naseZwini lakhe elilotshiwe, lokho akubonakali kuthonya izinqumo zabo. Nokho, yini esingayizuza lapho sifuna futhi sithola iseluleko esivela kuNkulunkulu? Ake sicabangele lokho esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela