Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 8/1 kk. 14-19
  • Ukulingisa UNkulunkulu Weqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulingisa UNkulunkulu Weqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinceku ZikaJehova Ziyalazi Iqiniso
  • Izinceku ZikaJehova Zineqiniso
  • Izinceku ZikaJehova Zembula Iqiniso
  • Phishekela Inkambo Yeqiniso
  • UJehova, UNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Khuluma Iqiniso Nomakhelwane Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kungani Kufanele Sifune Iqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 8/1 kk. 14-19

Ukulingisa UNkulunkulu Weqiniso

“Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.”—EFESU 5:1.

1. Yini abanye abayikholelwayo ngeqiniso, futhi kungani ukucabanga kwabo kuyiphutha?

“LIYINI iqiniso?” (Johane 18:38) Lowo mbuzo owabuzwa sakubhuqa uPontiyu Pilatu eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, ubonisa ukuthi iqiniso alitholakali ngale ndlela yokuthi akusizi ukulifuna. Abaningi namuhla bangavuma. Lona kanye iqiniso liyasongelwa. Kungase kwenzeke uke wezwa kuthiwa yilowo nalowo uziqambela elakhe iqiniso, noma kuthiwa iqiniso liyaxhomekeka, noma kuthiwa iqiniso lishintshashintsha njalo. Ukucabanga okunjalo kuyiphutha. Wona kanye umgomo wocwaningo nemfundo uwukufunda iqiniso ngomhlaba esihlala kuwo. Iqiniso aliyona indaba yombono womuntu siqu. Ngokwesibonelo, kufanele kube ukuthi umphefumulo womuntu uyafa noma awufi. Ukuthi uSathane ukhona noma akekho. Ukuthi ukuphila kunayo injongo noma akunayo. Endabeni ngayinye kulezi, kungaba nempendulo eyodwa kuphela elungile. Enye iyiqiniso, enye ingamanga; azinakuba iqiniso zombili.

2. Kungaziphi izindlela uJehova enguNkulunkulu weqiniso, futhi kuzoxoxwa ngamiphi imibuzo manje?

2 Esihlokweni esidlule, sikhulume ngokuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Wazi iqiniso lazo zonke izinto. Ngokungafani nhlobo noSathane uDeveli isitha sakhe esikhohlisayo, uJehova uhlale eneqiniso njalo. Ngaphezu kwalokho, ngomusa uJehova ulembulela abanye iqiniso. Umphostoli uPawulu wancenga amaKristu ayekanye nawo: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Njengoba singoFakazi bakhe, singamlingisa kanjani uJehova ekukhulumeni iqiniso nasekuphileni ngalo? Kungani kubalulekile ukwenza kanjalo? Futhi isiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi uJehova wamukela labo abaphishekela inkambo yeqiniso? Ake sibone.

3, 4. Umphostoli uPawulu nomphostoli uPetru bakuchaza kanjani okwakuzokwenzeka “ezinsukwini zokugcina”?

3 Siphila enkathini lapho amanga enkolo ethé chithi saka. Njengoba umphostoli uPawulu abikezela ephefumulelwe nguNkulunkulu, abantu abaningi kulezi ‘zinsuku zokugcina’ banesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bayawaphika amandla ako. Abanye bamelana nalo iqiniso, “bonakele ngokuphelele engqondweni.” Ngaphezu kwalokho, ‘abantu ababi nabakhohlisi bayaqhubeka besuka kokubi beya kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.’ Nakuba abantu abanjalo belokhu befunda, abafinyeleli “olwazini olunembile lweqiniso.”—2 Thimothewu 3:1, 5, 7, 8, 13.

4 Nomphostoli uPetru naye waphefumulelwa ukuba abhale mayelana nezinsuku zokugcina. Njengoba nje ayeprofethile, abantu abagcini nje ngokulenqaba iqiniso kodwa futhi balihleka usulu iZwi likaNkulunkulu nalabo abamemezela iqiniso lalo. “Ngokwesifiso sabo,” abahleki bosulu abanjalo bayalishalazela iqiniso lokuthi izwe langosuku lukaNowa lambozwa amanzi, okwakuyisibonelo sosuku lokwahlulela oluzayo. Izifiso zabo ziyosho inhlekelele kubo lapho kufika isikhathi sikaNkulunkulu sokubhubhisa labo abangamhloniphi.—2 Petru 3:3-7.

Izinceku ZikaJehova Ziyalazi Iqiniso

5. Ngokomprofethi uDaniyeli, kwakuyokwenzekani ‘esikhathini sokuphela,’ futhi sigcwaliseke kanjani lesi siprofetho?

5 Echaza “isikhathi sokuphela,” umprofethi uDaniyeli wabikezela isenzakalo esihluke ngokuphelele esasiyokwenzeka kubantu bakaNkulunkulu—ukuvuselelwa kweqiniso elingokwenkolo. Wabhala: “Abaningi bayozulazula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” (Daniyeli 12:4) UMkhohlisi omkhulu akabenzi badideke noma baphuphutheke abantu bakaJehova. Bezulazula emakhasini eBhayibheli, baye bathola ulwazi lweqiniso. Ekhulwini lokuqala leminyaka, uJesu wakhanyisela abafundi bakhe. “Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.” (Luka 24:45) Osukwini lwethu, uJehova wenze ngendlela efanayo. NgeZwi lakhe, ngomoya wakhe, nangenhlangano yakhe, uye wabangela izigidi emhlabeni wonke ukuba ziqonde lokho yena asekwazi kakade—iqiniso.

6. Abantu bakaNkulunkulu namuhla baqonda maphi amaqiniso eBhayibheli?

6 Njengabantu bakaNkulunkulu, siqonda izinto eziningi ebesingeke siziqonde ukube besingeyibo. Sazi izimpendulo zemibuzo abantu abahlakaniphe ngokwezwe abebelokhu beshikashikana nayo izinkulungwane zeminyaka. Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi kungani ukuhlupheka kukhona, kungani abantu befa, nokuthi kungani abantu bengenakukufinyelela ukuthula nobunye embulungeni yonke. Siye sabusiswa futhi ngombono walokho ikusasa elikuphethe—uMbuso kaNkulunkulu, umhlaba oyipharadesi, nokuphila okuphelele okungapheli. Siye samazi uJehova, oPhezukonke. Sifundile ngobuntu bakhe obukhangayo kanye nalokho okumelwe sikwenze ukuze sijabulele isibusiso sakhe. Ukwazi iqiniso kusenza sikwazi ukubona lokho okungelona iqiniso. Ukusebenzisa iqiniso kuyasivikela ekusukeleni utalagu, kusenze ukuba sithole okungcono kakhulu ekuphileni, futhi kusinike ithemba elimangalisayo ngekusasa.

7. Atholwa obani amaqiniso eBhayibheli, futhi obani abangawatholi?

7 Ingabe uyaliqonda iqiniso leBhayibheli? Uma kunjalo, ubusiswe ngokucebile. Lapho umlobi eloba incwadi, ngokuvamile uyenza ikhange iqembu elithile labantu. Ezinye izincwadi zilotshelwe abantu abafunde kakhulu, ezinye zilotshelwe izingane, kanti ezinye zilotshelwe labo abaqeqeshelwe imikhakha ethile. Nakuba iBhayibheli litholakala kalula kubo bonke, lenzelwe ukuba liqondwe futhi lijatshulelwe iqembu elikhethekile labantu. UJehova waliklamela abantu abathobekileyo bomhlaba. Abantu abanjalo bangawuthola umqondo weBhayibheli, kungakhathaliseki ukuthi imfundo yabo injani, isiko labo, izinga lokuphila kwabo, noma uhlanga lwabo. (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakolunye uhlangothi, labo abangathambekele ngokufanele bayakuncishwa ukuqonda iqiniso leBhayibheli, kungakhathaliseki ukuthi bahlakaniphe noma bafunde kangakanani. Abazidlayo, abaqhoshayo, ngeke bawaqonde amaqiniso ayigugu eZwi likaNkulunkulu. (Mathewu 13:11-15; Luka 10:21; IzEnzo 13:48) UNkulunkulu kuphela owayengenza incwadi enjalo.

Izinceku ZikaJehova Zineqiniso

8. Kungani uJesu yena ngokwakhe ayeyiqiniso?

8 NjengoJehova, oFakazi bakhe abathembekile baneqiniso. UJesu Kristu, uFakazi kaJehova ovelele, waliqinisekisa iqiniso ngezinto azifundisa nangendlela aphila futhi wafa ngayo. Walisekela iqiniso lezwi likaJehova nezithembiso zaKhe. Ngenxa yalokho, uJesu yena ngokwakhe wayeyiqiniso, njengoba azisholo.—Johane 14:6; IsAmbulo 3:14; 19:10.

9. Ithini imiBhalo ngokukhuluma iqiniso?

9 UJesu “wayegcwele umusa ongafanelwe neqiniso” futhi “kwakungekho nkohliso emlonyeni wakhe.” (Johane 1:14; Isaya 53:9) AmaKristu eqiniso alandela isibonelo esabekwa uJesu sokuba neqiniso kwabanye. UPawulu waluleka ayekholwa nabo: “Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe, ngoba singamalungu elinye nelinye.” (Efesu 4:25) Ngaphambili, umprofethi uZakariya wayebhalile: “Khulumani iqiniso omunye komunye.” (Zakariya 8:16) AmaKristu aneqiniso ngoba afuna ukujabulisa uNkulunkulu. UJehova uneqiniso futhi uyayazi imiphumela elimazayo ebangelwa ukuqamba amanga. Ngakho-ke, uzilindela kufanele izinceku zakhe ukuba zikhulume iqiniso.

10. Kungani abantu beqamba amanga, futhi kunamiphi imiphumela engemihle?

10 Kwabaningi, ukukhuluma amanga kungase kubonakale kuyithuluzi elihle lokuthola izinzuzo ezithile. Abantu baqamba amanga ukuze babalekele isijeziso, ukuze bathole inzuzo ngandlela-thile, noma ukuze bathole udumo lwabanye. Nokho, ukuqamba amanga kungumkhuba omubi. Ngaphezu kwalokho, umqambimanga akakutholi ukuvunyelwa uNkulunkulu. (IsAmbulo 21:8, 27; 22:15) Lapho saziwa njengabaneqiniso, abanye bayakukholelwa lokho esikushoyo; bayasethemba. Nokho, uma sike satholakala sikhuluma amanga, ngisho noma kube kanye, abanye bangase bakungabaze ukuba kwethu neqiniso kunoma yini enye esiyishoyo ngesikhathi esilandelayo. Esinye isaga sase-Afrika sithi: “Ukuqamba amanga kanye konakalisa amaqiniso ayinkulungwane.” Esinye sithi: “Umqambimanga ngeke esakholelwa ngisho noma esekhuluma iqiniso.”

11. Kungayiphi indlela ukuba neqiniso kungaphezu nje kokulikhuluma?

11 Ukuba neqiniso kusho okungaphezu nje kokulikhuluma. Kuyindlela yokuphila. Kuchaza lokho esiyikho. Silenza laziwe iqiniso kwabanye hhayi ngalokho esikushoyo kuphela kodwa nangalokho esikwenzayo. “Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena?” kubuza umphostoli uPawulu. “Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba? Wena, othi ‘Ungaphingi,’ ingabe uyaphinga?” (Roma 2:21, 22) Ukuze silidlulisele kwabanye iqiniso, kufanele sibe neqiniso ezindleleni zethu zonke. Idumela lethu lokuba neqiniso nokwethembeka liyoba nethonya elinamandla endleleni abantu abayosabela ngayo kulokho esikufundisayo.

12, 13. Wabhalani osemusha mayelana nokuba neqiniso, futhi kungani ayenezindinganiso eziphakeme zokuziphatha?

12 Intsha ephakathi kwezinceku zikaJehova nayo iyakuqonda ukubaluleka kokuba neqiniso. Endatshaneni yasesikoleni, uJenny, owayeneminyaka engu-13 ngaleso sikhathi, wabhala: “Ukwethembeka kuyinto engiyazisa kakhulu. Ngeshwa, ababaningi abantu abathembeke ngokuphelele namuhla. Ngizitshela ukuthi ngiyokulondoloza njalo ukuthembeka ekuphileni kwami. Ngiyothembeka ngisho nalapho ukukhuluma iqiniso kungeke kungizuzise ngokushesha mina noma abangane bami. Ngiyaqiniseka ukuthi abangane bami kuba abantu abakhuluma iqiniso nabathembekile.”

13 Ephawula ngale ndatshana, uthisha kaJenny wathi: “Usemncane kakhulu ukuba ukwazi ukwakha isimiso sokuziphatha esiqine kangaka. Ngiyazi ukuthi uyonamathela esimisweni sakho ngoba uqotho.” Yini eyasiza le ntombazanyana yesikole ukuba ibe qotho? Esingenisweni sendatshana yakhe, uJenny wathi inkolo yakhe “imisa izindinganiso zokuphila [kwakhe].” Sekudlule iminyaka engu-7 kusukela uJenny abhala leyo ndatshana. Njengoba uthisha wakhe acabanga, uJenny uyaqhubeka ebonakalisa izindinganiso zokuziphatha eziphakeme ekuphileni kwakhe njengomunye woFakazi BakaJehova.

Izinceku ZikaJehova Zembula Iqiniso

14. Kungani izinceku zikaNkulunkulu zinomthwalo wemfanelo omkhulu ngokukhethekile wokusekela lokho okuyiqiniso?

14 Yebo, abanye ngaphandle koFakazi BakaJehova bangase balikhulume iqiniso bazame nokwethembeka. Nokho, njengezinceku zikaNkulunkulu, sinomthwalo wemfanelo omkhulu ngokukhethekile wokusekela lokho okuyiqiniso. Siphathiswe amaqiniso eBhayibheli—amaqiniso angaholela umuntu ekuphileni okuphakade. Ngenxa yalokho, sinesibopho sokuluhlanganyela nabanye lolo lwazi. “Wonke umuntu onikwe okuningi,” kusho uJesu, “kuyofunwa okuningi kuye.” (Luka 12:48) Impela ‘kufunwa okuningi’ kulabo abaye babusiswa ngolwazi lukaNkulunkulu oluyigugu.

15. Iyiphi injabulo oyitholayo ngokudlulisela iqiniso leBhayibheli kwabanye?

15 Kuyajabulisa ukudlulisela iqiniso leBhayibheli kwabanye. Njengabafundi bakaJesu bangekhulu lokuqala leminyaka, simemezela izindaba ezinhle—umyalezo wethemba othinta inhliziyo—kulabo ‘abaphundlekile futhi abahlakazekile njengezimvu ezingenamalusi’ nalabo abaphuphuthekiswe nabadidwe ‘izimfundiso zamademoni.’ (Mathewu 9:36; 1 Thimothewu 4:1) Umphostoli uJohane wabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Ukwethembeka ‘kwabantwana’ bakaJohane—mhlawumbe labo ayebafundise iqiniso—kwamlethela injabulo enkulu. Siyajabula lapho sibona abantu besabela ngokwazisa eZwini likaNkulunkulu.

16, 17. (a) Kungani bengalamukeli bonke iqiniso? (b) Iyiphi injabulo ongaba nayo njengoba umemezela iqiniso leBhayibheli?

16 Kuyavunywa, akubona bonke abayolamukela iqiniso. UJesu wakhuluma iqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nalapho kwakungathandeki khona ukwenza kanjalo. Kubaphikisi abangamaJuda wathi: “Kungani ningangikholwa? Ovela kuNkulunkulu uyawalalela amazwi kaNkulunkulu. Kungakho nina ningalaleli, ngoba aniveli kuNkulunkulu.”—Johane 8:46, 47.

17 Nathi, njengoJesu, asizigodli ekukhulumeni iqiniso eliyigugu ngoJehova. Asilindeli ukuba bonke abantu bakwamukele lokho esibatshela khona, ngoba akubona bonke abakwamukela lokho okwakushiwo uJesu. Noma kunjalo, sinenjabulo yokwazi ukuthi senza okulungile. Ngomusa wakhe wothando, uJehova ufuna ukuba iqiniso lembuleke esintwini. Njengabaphathi beqiniso, amaKristu aba abaphathi bokukhanya kuleli zwe eligubuzelwe ubumnyama. Ngokuvumela ukukhanya kweqiniso kukhanye ngamazwi nangezenzo zethu, singabasiza abanye ukuba banike uBaba wethu wasezulwini udumo. (Mathewu 5:14, 16) Sikwenza kwaziwe ukuthi siyalilahla iqiniso-mbumbulu likaSathane nokuthi sisekela iZwi likaNkulunkulu elimsulwa nelingonakalisiwe. Leli qiniso esilaziyo nesilihlanganyelayo lingabanika inkululeko yangempela labo abalamukelayo.—Johane 8:32.

Phishekela Inkambo Yeqiniso

18. Kungani uJesu abonisa uNathanayeli umusa futhi wambonisa kanjani?

18 UJesu wayelithanda futhi elikhuluma iqiniso. Phakathi nenkonzo yakhe emhlabeni, wabonisa umusa kulabo ababeneqiniso. Ngokuphathelene noNathanayeli, uJesu wathi: “Bheka, umIsrayeli ngempela, okungekho nkohliso kuye.” (Johane 1:47) Kamuva, uNathanayeli, okubonakala sengathi wayebizwa futhi ngoBartolomewu, wakhethelwa ukuba omunye wabaphostoli abangu-12. (Mathewu 10:2-4) Yeka ilungelo!

19-21. Indoda eyayikade iyimpumputhe yabusiswa kanjani ngokuba kwayo neqiniso ngesibindi?

19 Isahluko sonke encwadini yeBhayibheli kaJohane sixoxa indaba yenye indoda ethembekile eyabusiswa uJesu. Asilazi igama layo. Esikwaziyo ukuthi leyo ndoda yayiyisinxibi esazalwa siyimpumputhe. Abantu bamangala lapho uJesu eyivula amehlo. Izindaba ngalokhu kuphulukisa okuyisimangaliso zafinyelela ezindlebeni zabanye babaFarisi, abazonda iqiniso, ababevumelene phakathi kwabo ukuthi noma ubani obonisa ukholo kuJesu wayezoxoshwa esinagogeni. Bazi iqhinga labaFarisi, abazali abazisabelayo bale ndoda eyayikade iyimpumputhe, baqamba amanga kubaFarisi, bethi abazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba indodana yabo ibone manje noma ukuthi ubani oyenze yabona.—Johane 9:1-23.

20 Le ndoda eyayiphulukisiwe yabizelwa phambi kwabaFarisi futhi. Ingenandaba nemiphumela, le ndoda yakhuluma iqiniso ngesibindi. Yachaza indlela eyayiphulukiswe ngayo nokuthi nguJesu owayeyiphulukisile. Ishaqiswe ukuthi la madoda avelele nafundile ayengakholelwa ukuthi uJesu wayevela kuNkulunkulu, ngokungesabi le ndoda eyayiphulukisiwe yawancenga lawo madoda ukuba amukele iqiniso: “Ukube lo muntu ubengaveli kuNkulunkulu, ubengeke enze lutho nhlobo.” Bengenabo ubufakazi bokuyiphikisa, abaFarisi bamangalela le ndoda ngokuthi iyeyisa futhi bayixosha.—Johane 9:24-34.

21 Lapho uJesu ekuzwa lokhu, ngothando wazinika isikhathi sokuyithola le ndoda. Ngemva kokuyithola, wabe esakhela okholweni olwaluboniswe yile ndoda eyayikade ingaboni. UJesu wazibiza obala ukuthi unguMesiya. Yeka ukuthi leyo ndoda yabusiswa kanjani ngokukhuluma iqiniso! Ngokuqinisekile umusa waphezulu uhlala kulabo abakhuluma iqiniso.—Johane 9:35-37.

22. Kungani kumelwe siphishekele inkambo yeqiniso?

22 Ukuba neqiniso kuyinkambo okumelwe siyithathe ngokungathí sina. Kuyisisekelo ekwakheni nasekulondolozeni ubudlelwane obuhle nabantu kanye noNkulunkulu. Ukuba neqiniso kusho ukungafihli, ukuba qotho, ukungeneka, nokuthembeka, kanti kubangela ukuvunyelwa uJehova. (IHubo 15:1, 2) Ukungabi neqiniso kusho ukuba umkhohlisi, ukungathembeki, nokuba namanga, kanti kubangela ukungathandwa uJehova. (IzAga 6:16-19) Ngakho-ke, nquma ukuphishekela inkambo yeqiniso. Ngempela, ukuze silingise uNkulunkulu weqiniso, kufanele sazi iqiniso, sikhulume iqiniso, futhi siphile ngeqiniso.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani singajabula ngokuthi sazi iqiniso?

• Singamlingisa kanjani uJehova ekubeni neqiniso?

• Kunaziphi izinzuzo ukudlulisela iqiniso leBhayibheli kwabanye?

• Kungani kubalulekile ukuphishekela inkambo yeqiniso?

[Izithombe ekhasini 17]

Ephathiswe iqiniso leBhayibheli, amaKristu alihlanganyela nabanye ngenkuthalo

[Izithombe ekhasini 18]

Indoda eyimpumputhe eyaphulukiswa uJesu yabusiswa kakhulu ngokukhuluma iqiniso

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela