“Namukelé Ngesihle, Yiphani Ngesihle”
“NAMUKELÉ ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) UJesu wanikeza abaphostoli bakhe lo myalo lapho ebathuma ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle. Ingabe abaphostoli bawulalela lo myalo? Yebo, futhi baqhubeka benza kanjalo ngisho nalapho uJesu esehambile emhlabeni.
Ngokwesibonelo, lapho uSimoni owayekade engumthakathi ebona amandla okwenza izimangaliso umphostoli uPetru noJohane ababenawo, wathembisa ukubanika imali ukuze bamnike lawo mandla. Kodwa uPetru wamsola uSimoni, ethi: “Kwangathi isiliva lakho lingashabalala kanye nawe, ngoba ucabange ukusithola ngemali isipho sesihle sikaNkulunkulu.”—IzEnzo 8:18-20.
Umphostoli uPawulu wabonisa umoya onjengokaPetru. Uma ayethanda, uPawulu wayengazenza umthwalo ngokwezimali kubafowabo abangamaKristu eKorinte. Nokho, wasebenza ngezandla zakhe ukuze azisekele. (IzEnzo 18:1-3) Ngaleyo ndlela, wayengasho ngesibindi ukuthi washumayela izindaba ezinhle kwabaseKorinte “ngaphandle kwenkokhiso.”—1 Korinte 4:12; 9:18.
Ngokudabukisayo, abaningi abathi bangabalandeli bakaKristu ababonisi ukuzimisela okufanayo ‘kokupha ngesihle.’ Ngempela, abaholi benkolo abaningi kweLobukholwa “bafundisa ngenjongo yokuthola imali nje.” (Mika 3:11) Abanye abaholi benkolo baye baceba ngisho nokuceba ngemali abayiqoqa emihlambini yabo. Ngo-1989, omunye umvangeli wase-United States wagwetshwa iminyaka engu-45 ejele. Isizathu? ‘Wayephamba abalandeli bakhe izigidi zama-dollar futhi enye imali eyisebenzisela ukuthenga izindlu, izimoto, ukuya emaholidini ngisho nanokuthenga indlu yenja enesimiso sokungenisa umoya opholile.’—People’s Daily Graphic, October 7, 1989.
Ngokwe-Ghanaian Times ka-March 31, 1990, eGhana umfundisi ongumRoma Katolika wathatha imali eyayiqoqwe enkonzweni wajikijela ngayo ibandla. Leli phepha lithi: “Isizathu sasiwukuthi, njengabantu abadala, kwakulindeleke ukuba banikele ngemali ebhekile.” Akumangalisi ukuthi amasonto amaningi azama ngisho nokukhuthaza ubugovu kumalungu awo ngokugqugquzela ngentshiseko izenzo zokugembula nezinye izindlela ezisheshayo zokwenza imali.
Ngokuphambene nalokho, oFakazi BakaJehova bazama ukulingisa uJesu nabafundi bakhe bokuqala. Abanabo abefundisi abakhokhelwayo. UFakazi ngamunye uyisikhonzi esinomthwalo wokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ kwabanye. (Mathewu 24:14) Ngakho, laboFakazi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke bamatasa ngokulethela abantu “amanzi okuphila” ngesihle. (IsAmbulo 22:17) Ngale ndlela, ngisho nalabo ‘abangenayo imali’ bangazuza esigijimini seBhayibheli. (Isaya 55:1) Nakuba umsebenzi wabo usekelwa ngeminikelo yokuzithandela, abalokothi bacele izimali. Njengezikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso, ababona “abathengisi bezwi likaNkulunkulu,” kodwa bakhuluma “ngobuqotho, yebo, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu.”—2 Korinte 2:17.
Nokho, kungani oFakazi BakaJehova bezimisele ukuzifaka ezindlekweni besiza abanye? Yini ebashukumisayo? Ingabe ukupha ngesihle kusho ukuthi abawutholi nhlobo umvuzo wemizamo yabo?
Impendulo Enseleleni KaSathane
Isipho sesihle sikaNkulunkulu sesihlengo sishukumisela amaKristu ukuba atshele abanye izindaba ezinhle mahhala
AmaKristu eqiniso namuhla ngokuyinhloko ashukunyiswa isifiso sokujabulisa uJehova—hhayi ukufisa ukuceba. Ngaleyo ndlela ayakwazi ukunikeza impendulo empikiswaneni eyaphakanyiswa uSathane uDeveli emakhulwini eminyaka edlule. Ngokuphathelene nendoda elungile uJobe, uSathane wacela uJehova inselele ngalo mbuzo: “Ingabe uJobe umesabé ngeze yini uNkulunkulu?” USathane wagomela ngokuthi uJobe wayekhonza uNkulunkulu kuphela ngoba embiyele. USathane waphikisa ngokuthi uma uJobe ayengaphucwa impahla yakhe, wayeyomthuka uNkulunkulu!—Jobe 1:7-11.
Ukuze aphendule le nselele, uNkulunkulu wamvumela uSathane ukuba alinge uJobe, ethi: “Konke anakho kusesandleni sakho.” (Jobe 1:12) Waba yini umphumela? UJobe wabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ngisho esehlelwa ubunzima obunjani, uJobe wahlala ethembekile. Wathi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—Jobe 27:5, 6.
Abakhulekeli beqiniso namuhla babonisa isimo sengqondo esinjengesikaJobe. Akuzona izinto ezibonakalayo ezibashukumisela ukuba bakhonze uNkulunkulu.
Isipho Sesihle Somusa Ongafanelwe KaNkulunkulu
Esinye isizathu esenza amaKristu eqiniso azimisele ‘ukupha ngesihle’ ukuthi nawo ngokwawo ‘amukele ngesihle’ kuNkulunkulu. Isintu siyizigqila zesono nokufa ngenxa yesono sikakhokho wethu u-Adamu. (Roma 5:12) Ngothando, uJehova walungiselela ukuba iNdodana yakhe ife ukufa okuwumhlatshelo—into eyafaka uNkulunkulu ezindlekweni ezinkulu. Ngokuqinisekile isintu asikufanele lokhu. Cha, kuyisipho esivela kuNkulunkulu.—Roma 4:4; 5:8; 6:23.
Ngakho, njengoba kulotshiwe kumaRoma 3:23, 24, uPawulu wathi kumaKristu agcotshiwe: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu, futhi kunjengesipho sesihle ukuthi ngomusa wakhe ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.” Ngokufanayo, labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni bamukela ‘isipho sesihle.’ Lesi sipho sihlanganisa nelungelo lokuthi kuthiwe silungile njengabangane bakaJehova.—Jakobe 2:23; IsAmbulo 7:14.
Umnikelo wesihlengo kaKristu wenza futhi ukuba wonke amaKristu akwazi ukuba izikhonzi zikaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Ngaba isikhonzi salokhu [imfihlo engcwele] ngokwesipho sesihle somusa ongafanelwe kaNkulunkulu.” (Efesu 3:4-7) Njengoba amaKristu abizelwa kule nkonzo ngenxa yesipho ayengasifanelekele noma ayengenakusizuza njengomklomelo, izikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso azinakulindela ukukhokhelwa ngokutshela abanye izindaba zalesi sipho.
Ukuphila Okuphakade—Ingabe Kukhuthaza Ubugovu?
Ngakho, ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba amaKristu amkhonze ngaphandle kwethemba lokuthola umvuzo? Akunjalo, ngoba umphostoli uPawulu watshela amanye amakholwa ukuthi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Hebheru 6:10) Futhi uJehova akayena ongenabo ubulungisa. (Duteronomi 32:4) Ngokuphambene nalokho, uJehova ‘ungumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ (Hebheru 11:6) Kodwa isithembiso sokuphila phakade ePharadesi asikhuthazi yini ubugovu?—Luka 23:43.
AmaKristu eqiniso namuhla ngokuyinhloko ashukunyiswa isifiso sokujabulisa uJehova—hhayi ukufisa ukuceba
Lutho neze. Esinye sezizathu ukuthi isifiso sokuphila phakade ePharadesi emhlabeni sivela kuNkulunkulu ngokwakhe. Nguyena owanikeza umbhangqwana wokuqala ongabantu leli themba. (Genesise 1:28; 2:15-17) Lapho u-Adamu no-Eva belilahlekisela abantwana babo, wenza futhi ukuba leli themba libuye litholakale. Ngakho, eZwini lakhe uNkulunkulu uthembisa ukuthi “indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:21) Ngakho kufaneleke ngokuphelele namuhla ukuba amaKristu, njengoMose wasendulo, ‘agxilise amehlo ekukhokhweni komvuzo.’ (Hebheru 11:26) UNkulunkulu akanikezi lo mvuzo njengesifumbathiso. Uwunikeza ngenxa yothando lwangempela ngalabo abamkhonzayo. (2 Thesalonika 2:16, 17) Ngenxa yalokho, nathi “sinothando, ngoba yena wasithanda kuqala.”—1 Johane 4:19.
Isisusa Esifanele Sokukhonza UNkulunkulu
Ngakho, amaKristu namuhla kumelwe azihlole njalo izisusa zawo zokukhonza uNkulunkulu. KuJohane 6:10-13, sifunda ukuthi uJesu wasuthisa ngokuyisimangaliso isixuku esingaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu. Ngemva kwalokho, abanye baqala ukulandela uJesu ngenxa nje yobugovu. UJesu wathi kubo: ‘Ningifuna ngoba nidle izinkwa nasutha.’ (Johane 6:26) Emashumini eminyaka kamuva amanye amaKristu azinikezele nawo awazange akhonze uNkulunkulu “ngesisusa esihle.” (Filipi 1:17) Abanye ‘ababengavumelani namazwi aphilayo kaJesu Kristu’ bafuna ngisho nezindlela zokuthola izinzuzo zabo siqu ngokuhlangana kwabo namaKristu.—1 Thimothewu 6:3-5.
Namuhla, umKristu okhonza ngoba efuna nje kuphela ukuphila phakade ePharadesi kungenzeka futhi ukuthi ukhonza ngesisusa sobugovu. Ekugcineni, umphumela walokhu ungaba ukuwa ngokomoya. Ngenxa yokuthi isimiso sezinto sikaSathane sibonakala sidonsa kakhulu kunalokho obekulindelwe, angase ‘akhathale,’ abone sengathi ukuphela sekwephuzile. (Galathiya 6:9) Angase aqale ngisho nokucasuka ngenxa yezinto ezibonakalayo aye wazidela. UJesu usikhumbuza athi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37) Yebo, umuntu osizathu sakhe esiyinhloko sokukhonza uNkulunkulu siwuthando akayinqumeli isikhathi inkonzo yakhe. Uzimisele ukukhonza uJehova phakade! (Mika 4:5) Akazisoli nganoma ikuphi ukuzidela akwenzile mayelana nokukhonza uNkulunkulu. (Hebheru 13:15, 16) Ukuthanda uNkulunkulu kumshukumisela ukuba abeke izithakazelo zikaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe.—Mathewu 6:33.
Namuhla, abakhulekeli abangaphezu kwezigidi eziyisithupha ‘bazinikela ngokuzithandela’ ekukhonzeni uJehova. (IHubo 110:3) Ingabe ungomunye wabo? Uma ungeyena, khona-ke zindla ngalokho uNkulunkulu akuthembisayo: ulwazi oluhlanzekile lweqiniso; (Johane 17:3) ukukhululeka ekugqilazweni izimfundiso zenkolo yamanga; (Johane 8:32) ithemba lokuphila phakade. (IsAmbulo 21:3, 4) OFakazi BakaJehova bangakusiza ukuba ufunde ukuthi ungakuthola kanjani konke lokhu kuNkulunkulu—mahhala.