Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 10/1 kk. 28-31
  • Ukuqiniselwa Ukwenqaba Ukwenza Okubi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqiniselwa Ukwenqaba Ukwenza Okubi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kubaluleke Ngokukhethekile Ukwenqaba Namuhla
  • Ukufunda Ensizweni Eyenqaba
  • Ukwenqaba Ukucindezela Kontanga
  • Ukwenqaba—Indaba Yokufa Nokuphila
  • “Ngingabenza Kanjani Lobu Bubi Obukhulu Kangaka?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Umbono KaNkulunkulu Ngokuhlanzeka Kokuziphatha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukulwela Ukwenza Okulungileyo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungahlanganyeli Ezonweni Zabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 10/1 kk. 28-31

Ukuqiniselwa Ukwenqaba Ukwenza Okubi

“LAPHO ngisemusha futhi ngisebenza esitolo sokudla,” kuchaza uTimothy, “othile engisebenza naye wangimemela kubo. Wathi abazali bakhe bazobe bengekho, kuzobe kunamantombazane, futhi kuyoba nethuba lokuba nobuhlobo bobulili.” Intsha eningi namuhla ingasamukela ngokushesha isimemo esinjalo. Kodwa wasabela kanjani uTimothy? “Ngamtshela khona manjalo ukuthi ngeke ngize nokuthi ngenxa kanembeza wami wobuKristu, ngangingafuni ukuba nobuhlobo bobulili nothile engingashadile naye.”

Lapho echaza ukuthi kungani enqaba, uTimothy wayengaqaphele ukuthi owesifazane osemusha asebenza naye wayelalele. Lobo bumsulwa bakhe bamkhanga lona wesifazane, futhi ngokushesha kwadingeka enqabe nakuye—izikhathi eziningi, njengoba sizobona kamuva.

Yiqiniso, akuqali esikhathini sethu ukuba silingwe. Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, iNkosi uSolomoni yabhala: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. . . . Unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo.” (IzAga 1:10, 15) UJehova ngokwakhe wayala isizwe sakwa-Israyeli: “Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi.” (Eksodusi 23:2) Yebo, ngezinye izikhathi kumelwe senqabe ukuyengelwa ekwenzeni okubi, ngisho noma kungase kungabi yinkambo ethandwayo.

Kubaluleke Ngokukhethekile Ukwenqaba Namuhla

Akukaze kube lula ukwenqaba ukwenza okubi, futhi namuhla kungaba nzima nakakhulu, ngoba siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina’ zalesi simiso sezinto. Ngokuvumelana nesiprofetho seBhayibheli, abantu abaningi baye baba abathandi bezinjabulo nobudlova, abantulayo ngokomoya nangokokuziphatha. (2 Thimothewu 3:1-5) Umongameli waseyunivesithi yamaJesuit wathi: “Izindinganiso ezingokwesiko ziye zabekelwa inselele futhi zatholakala zintula noma zingasahambisani nezikhathi. Manje zibonakala zingasekho nhlobo iziqondiso zokuziphatha.” Ngokufanayo, ijaji lasenkantolo enkulu lathi: “Awusekho umehluko oqondile phakathi kwezinto ezilungile nezingalungile. Konke akusacacile. . . . Banciphile abantu abawuqaphelayo umehluko phakathi kokulungile nokungalungile. Manje isono siwukubanjwa, hhayi ukwenza okungalungile.”

Umphostoli uPawulu wabhala ngabantu abanesimo sengqondo esinjalo, wathi: ‘Basebumnyameni ngengqondo, futhi bahlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi okukubo, ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zabo. Bengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, bazinikela ekuziphatheni okuxekethile ukuze basebenze zonke izinhlobo zokungahlanzeki ngokuhaha.’ (Efesu 4:18, 19) Kodwa kukhona okusina kubajeqeza. U-Isaya wathi: “Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama.” (Isaya 5:20) Laba abagcini ngokuvuna lokho abakutshalile manje kuphela kodwa ngokushesha bazobhekana no-“maye” omkhulu kunabo bonke—isahlulelo esinzima esivela kuJehova.—Galathiya 6:7.

IHubo 92:7 lithi: “Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, [kungenjongo yokuba] babhujiswe kuze kube phakade.” Ngamanye amazwi, lesi sivuno esikhulu sobubi ngeke siqhubeke sikhona phakade, senza ukuphila kwabo bonke abantu kube kubi ngokungenakubekezeleleka. Eqinisweni uJesu wathi “isizukulwane” esikhuthaza lobu bubi yiso kanye leso uNkulunkulu ayosiqeda ‘osizini olukhulu.’ (Mathewu 24:3, 21, 34) Ngakho uma sifuna ukusindiswa kulolo sizi, kudingeka sazi okuhle nokubi ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu; futhi kudingeka sibe namandla angokokuziphatha ukuze senqabe zonke izinhlobo zokwenza okubi. Nakuba lokhu kungelula, uJehova uye wasinikeza izibonelo ezikhuthazayo zangezikhathi zeBhayibheli nezanamuhla.

Ukufunda Ensizweni Eyenqaba

Kubonakala kunzima kakhulu ukwenqaba ukwenza ubufebe nokuphinga, ngisho nakwabathile ebandleni lobuKristu. UTimothy, okukhulunywe ngaye esigabeni sokuqala, wacabanga ngesibonelo sikaJosefa osemusha, esisemiBhalweni kuGenesise 39:1-12. UJosefa wabonisa ukuqina ngokokuziphatha lapho inkosikazi yesikhulu saseGibithe uPotifari imcela ngokuphindaphindiwe ukuba abe nobuhlobo bobulili nayo. Ukulandisa kuthi uJosefa “wala, wathi . . . ‘Ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?’”

UJosefa wawathola kanjani amandla angokokuziphatha ukuze enqabe isicelo sikamkaPotifari nsuku zonke? Okokuqala, wayebazisa kakhulu ubuhlobo bakhe noJehova ukudlula izinjabulo zesikhashana. Ngaphezu kwalokho, nakuba ayengekho ngaphansi komthetho waphezulu (uMthetho KaMose wawuseza), uJosefa wayeziqonda kahle izimiso zokuziphatha; wayazi ukuthi ukufeba nomkaPotifari owayethathekile kwakungeke nje kube ukona kumyeni wakhe kuphela kodwa nakuNkulunkulu.—Genesise 39:8, 9.

Kusobala ukuthi uJosefa wayekuqonda ukubaluleka kokungasokheli ngisho nakusokhela isifiso esasingavusa iqubula lomlilo wenkanuko engalawuleki. UmKristu uyobe wenza ngokuhlakanipha uma elandela isibonelo sikaJosefa. INqabayokulinda ka-July 1, 1957, yathi: “Kumelwe aqaphele ubuthakathaka bakhe obungokwenyama futhi angacabangi ukuthi angenelisa izinkanuko zenyama aze afinyelele emngceleni ongokomBhalo abese eyeka. Ngisho noma engaphumelela ukwenza kanjalo isikhathi esithile, uyogcina edonseleke ekubeni eqe umngcele angene esonweni. Lokhu kuyokwenzeka nakanjani, ngoba izinkanuko ezinakekelwayo ziyaqina bese zimxhakathisa umuntu. Kube sekuba nzima ngokwengeziwe ukuzikhipha engqondweni. Indlela engcono kakhulu yokuzivikela iwukulwa nazo zisuka nje.”

Ukulwa zisuka nje kuba lula njengoba siqhubeka siba nothando ngokulungile futhi sizonda okubi. (IHubo 37:27) Kodwa kudingeka siqhubeke sisebenzela ukukwenza futhi siphikelele. Uma senza kanjalo, ngosizo lukaJehova, uthando lwethu ngokulungile nokwenyanya okubi kuyoqina ngokwengeziwe. Yebo, okwamanje kumelwe siqhubeke siqaphile, njengoba kwayala uJesu, sithandazele njalo ukuba singangeni esilingweni futhi sikhululwe komubi.—Mathewu 6:13; 1 Thesalonika 5:17.

Ukwenqaba Ukucindezela Kontanga

Elinye ithonya eliyengela ekwenzeni okubi ukucindezela kontanga. Omunye osemusha wavuma: “Ngiphila ukuphila okumbaxa-mbili—okunye esikoleni nokunye ekhaya. Esikoleni ngizilibazisa nezingane ezichapha inhlamba cishe ngaso sonke isikhathi lapho zivula imilomo yazo. Futhi nami ngiya ngiba njengazo. Kufanele ngenze njani?” Okudingekayo isibindi sokuba ohlukile, enye indlela yokusithola ingokufunda nokuzindla ngokulandisa kweBhayibheli okusitshela ngezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezinjengoJosefa. Ezinye izibonelo ezinhle ngoDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego—izinsizwa ezine ezaba nesibindi sokuba ezihlukile kontanga bazo.

Njengoba ayefunda nezinye izinsizwa esigodlweni sasebukhosini saseBabiloni, la ma-Israyeli amasha kwakudingeka adle “isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi.” Engafuni ukweqa izici zoMthetho KaMose eziphathelene nokudla, akwenqaba lokho kudla. Lokho kwakudinga ukuqina—futhi ikakhulukazi njengoba lokho kudla kungenzeka ukuthi kwakukhanga ngempela njengoba ‘kwakuwukudla kwenkosi.’ Yeka isibonelo esihle lezi zinsizwa ezasibekela amaKristu anamuhla angase alingwe, aze acindezelwe nokucindezelwa, ukuba azitike ngokweqile ngophuzo oludakayo noma ukuba asebenzise izidakamizwa, abheme nogwayi!—Daniyeli 1:3-17.

UShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego babonisa nendlela okuyiqiniso ngayo lokho uJesu Kristu akusho kamuva: “Umuntu okholekile kokuncane kakhulu ukholekile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ukuma kwabo ngesibindi endabeni yokudla, okuyinto encane uma kuqhathaniswa, nomphumela omuhle uJehova awunikeza ngokungangabazeki kwabaqinisela uvivinyo lwangesikhathi esizayo, olwalunzima nakakhulu. (Daniyeli 1:18-20) Babhekana nalolo vivinyo lapho beyalwa ukuba bahlanganyele ekukhulekeleni izithombe, okwakuzokuthi uma bengahlanganyeli kukho babulawe ngomlilo. Ngesibindi, lezi zinsizwa ezintathu zaqhubeka zizimisele ukukhulekela uJehova kuphela, zithembele kuye ngokuphelele kungakhathaliseki ukuthi umphumela uba yini. Nalapho uJehova wazibusisa ngenxa yokholo lwazo nesibindi—ngaleso sikhathi ngokuzivikela ngokuyisimangaliso emalangabini lapho ziphonswa esithandweni esasikhwezelwe ngokweqile.—Daniyeli 3:1-30.

IZwi likaNkulunkulu linezinye izibonelo eziningi zalabo abenqaba ukwenza okubi. UMose wenqaba “ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro,” ngisho noma lokho kwakuyomnika ithuba elihle lokuzitika ‘ngenjabulo yesikhashana esonweni’ eGibithe. (Heberu 11:24-26) Umprofethi uSamuweli wenqaba ukulisebenzisa kabi igunya lakhe ngokuvuma ukufunjathiswa. (1 Samuweli 12:3, 4) Abaphostoli bakaJesu Kristu benqaba ngesibindi lapho betshelwa ukuba bayeke ukushumayela. (IzEnzo 5:27-29) UJesu ngokwakhe wazenqaba ngokuqinile zonke izinhlobo zokwenza okubi—kwaze kwaba semizuzwini yokugcina yokuphila kwakhe lapho amasosha emnika “iwayini elifakwe isidakamizwa semure.” Ukulamukela kwakuyontengantengisa ukuzimisela kwakhe ngaleso sikhathi esibucayi.—Marku 15:23; Mathewu 4:1-10.

Ukwenqaba—Indaba Yokufa Nokuphila

UJesu wathi: “Ngenani ngesango eliwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.”—Mathewu 7:13, 14.

Umgwaqo obanzi uyathandwa ngoba kulula ukuhamba kuwo. Abahamba kuwo bayazitika, bathambekele ekucabangeni nasezindleleni zenyama, futhi abafuni ukuhluka, kodwa bafuna ukuvumelana nezwe likaSathane. Babona imithetho nezimiso zikaNkulunkulu kubabopha ngokokuziphatha. (Efesu 4:17-19) Nokho, uJesu washo ngokuqondile ukuthi umgwaqo obanzi uholela “ekubhujisweni.”

Kodwa kungani uJesu athi bambalwa kuphela abakhetha umgwaqo onyinyekile? Ngokuyinhloko kungenxa yokuthi bambalwa kuphela abafuna ukuba imithetho nezimiso zikaNkulunkulu kubuse ukuphila kwabo futhi kubasize ukuba balwe nezinto eziningi eziyengayo namathuba okwenza okubi okubazungezile. Ngaphezu kwalokho, bambalwa nje uma kuqhathaniswa abazimisele ukulwa nesifiso esingalungile, ukucindezela kontanga nokwesaba ukuhlekwa usulu abangase babhekane nakho ngenxa yendlela abayikhethile.—1 Petru 3:16; 4:4.

Laba bayiqonda ngokugcwele indlela umphostoli uPawulu ayezizwa ngayo lapho echaza impi ayilwa yokwenqaba ukwenza isono. Njengezwe lanamuhla, izwe lamaRoma namaGreki langesikhathi sikaPawulu lalinomgwaqo obanzi wamathuba amaningi okuzitika ngokwenza okubi. UPawulu wachaza ukuthi ingqondo yakhe, eyayikwazi okulungile, ‘yayilwa’ impi eqhubekayo nenyama yakhe, eyayithambekele ekwenzeni okubi. (Roma 7:21-24) Yebo, uPawulu wayazi ukuthi umzimba wakhe wawuyisikhonzi esihle kodwa uwumbusi omubi, ngakho wafunda ukuwenqabela. Wabhala: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuhola njengesigqila.” (1 Korinte 9:27) Wakwazi kanjani ukuwubusa? Akazange akwenze ngamandla akhe, ayemancane kunalowo msebenzi, kodwa ngosizo lomoya kaNkulunkulu.—Roma 8:9-11.

Ngenxa yalokho, nakuba uPawulu ayengaphelele, wagcina ubuqotho kuJehova kwaze kwaba sekupheleni. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wayengabhala: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo. Kusukela kulesisikhathi kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga.”—2 Thimothewu 4:7, 8.

Njengoba silwa nokungapheleli kwethu, yeka izibonelo ezikhuthazayo esinazo, hhayi esikaPawulu kuphela, kodwa nezalabo ababa izibonelo kuye—uJosefa, uMose, uDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, u-Abedi Nego nabaningi abanye. Nakuba ayengabantu abangaphelele, ngamunye wala madoda okholo wenqaba ukwenza okubi, hhayi ngenxa yokuba lukhuni noma ukuba nenkani, kodwa ngenxa yamandla angokokuziphatha abangelwa umoya kaJehova. (Galathiya 5:22, 23) Ayengamadoda angokomoya. Ayelambela wonke amazwi avela emlonyeni kaJehova. (Duteronomi 8:3) Izwi lakhe lalisho ukuphila kuwo. (Duteronomi 32:47) Ngaphezu kwakho konke, ayemthanda futhi emesaba uJehova, futhi ngosizo lwakhe, ahlakulela ngesineke ukuzonda ukwenza okubi.—IHubo 97:10; IzAga 1:7.

Kwangathi singaba njengawo. Ngempela, ukuze siqhubeke senqaba zonke izinhlobo zokwenza okubi, sidinga umoya kaJehova njengoba nawo ayewudinga. UJehova usinika ngokungagodli umoya wakhe uma siwucela ngobuqotho, sifunda iZwi lakhe, futhi siba khona njalo emihlanganweni yobuKristu.—IHubo 119:105; Luka 11:13; Heberu 10:24, 25.

UTimothy okukhulunywe ngaye esingenisweni, wajabula ukuthi wayengazange adebeselele izidingo zakhe ezingokomoya. Owesifazane osemusha ayesebenza naye, owayemuzwe lapho ekhuluma nomunye asebenza naye futhi wakhangwa ngokungafanele ubumsulwa bukaTimothy, kamuva wamemela uTimothy kwakhe lapho umyeni wakhe engekho ekhaya. UTimothy wenqaba. Engadumazeki kalula, waphinde wammema izikhathi eziningi, njengomkaPotifari. UTimothy wenqaba ngokuqinile kodwa ngomusa isikhathi ngasinye. Waze wanikeza lona wesifazane ngisho nobufakazi obuhle obuseZwini likaNkulunkulu. Embonga ngokujulile uJehova ngokumqinisa ngokokuziphatha ukuze enqabe okubi, manje uTimothy uyajabula njengoba eshade nomKristu othandekayo akanye naye. Ngempela, uJehova uyobabusisa futhi abaqinise bonke labo abafuna ukulondoloza ubuqotho babo bobuKristu ngokwenqaba ukwenza okubi.—IHubo 1:1-3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela