Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 10/1 kk. 26-27
  • Izimfumbe Zaphezulu Nenjongo KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimfumbe Zaphezulu Nenjongo KaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziningi Izimfumbe EziseBhayibhelini
  • Ukwembula Izimfihlakalo Ezingcwele
  • Ukukhanyisa “Izimfihlakalo”
  • Ukubheka Ekukhanyeni
  • Zuza Ukuhlakanipha Wamukele Ukuyalwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • ‘Nkulunkulu, Thuma Ukukhanya Kwakho’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • UJehova—UNkulunkulu Owambula Izimfihlo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Imfihlo AmaKristu Angenakulokotha Ayigcine!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 10/1 kk. 26-27

Izimfumbe Zaphezulu Nenjongo KaNkulunkulu

UMA umuntu engazi ukuthi iyini, iyinselele; kodwa uma azi ukuthi iyini, iwubala. Ini? Imfumbe.

Emphakathini wanamuhla okhonze ukuthatha izinto ngombono ongokoqobo, abantu bathambekele ekubhekeni ukuphicana njengento yokudlala yabantwana, kodwa ezikhathini zasendulo imfumbe “yayiyindlela yokuhlola ukuhlakanipha,” kuphawula i-Interpreter’s Dictionary of the Bible.—Qhathanisa nezAga 1:5, 6.

Kunokuba asho intando noma injongo yakhe ngokucacile, ngezinye izikhathi uJehova uye wawafihla ngamabomu amazwi angokwesiprofetho, esebenzisa izifaniso, “izimfihlakalo” noma izimfumbe ezididayo. (IHubo 78:2; Numeri 12:8, The Emphasized Bible) Eqinisweni, nakuba igama lesiHeberu elisho imfumbe lisetshenziswe izikhathi ezingu-17 kuphela eBhayibhelini, imiBhalo igcwele izimfumbe nezaga.

Ziningi Izimfumbe EziseBhayibhelini

INkosi uSolomoni kuthiwa yayikwazi ukuxazulula ngisho nemibuzo eyinkimbinkimbi kakhulu, noma izimfumbe, ezazilethwa kuyo. (1 AmaKhosi 10:1) Ngokuqinisekile lokhu kwakungenxa yokuhlakanipha eyayikunikwe uNkulunkulu. Uma iyiqiniso imibiko yezazi-mlando zasendulo yokuthi uSolomoni wake wahluleka emncintiswaneni wokuphicana neNkosi uHiramu yaseTire, cishe lokhu kwenzeka ngemva kokuba elahlekelwe umoya kaJehova ngenxa yokuhlubuka kwakhe. UMahluleli uSamsoni naye wazibonakalisa engumuntu okuthandayo ukuphicaphicana. Enikezwe amandla wumoya ongcwele, imfumbe yake yamnika ithuba lokwethusa izitha zikaNkulunkulu.—AbAhluleli 14:12-19.

Nokho, eziningi zezimfumbe zeBhayibheli zihileleke ngokuqondile ezinjongweni zikaJehova. Ngokwesibonelo, cabangela uGenesise 3:15. Lesi siprofetho, esiyisisekelo sesihloko salo lonke iBhayibheli, sona ngokwaso asiqondakali, ‘siyimfihlo engcwele.’ (Roma 16:25, 26) Ngaphandle kokunikwa imibono nezambulo ezingaphezu kwemvelo, umphostoli uPawulu wabona nezici ezithile zenjongo kaNkulunkulu “kalufifi,” noma ngokwezwi nezwi, “ngamazwi afihlekile.” (1 Korinte 13:12; 2 Korinte 12:1-4) Futhi kuthiwani ngezinto eziningi abantu abazishoyo ngesibalo esiyimfihlakalo sesilo sasendle—“amakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha”—okwakhulunywa ngaso ngokungazelele nangaphandle kwencazelo kusAmbulo 13:18? Ubani okwaziyo ukuxazulula lezi zimfumbe zaphezulu, futhi zifeza yiphi injongo?

Ukwembula Izimfihlakalo Ezingcwele

Kwabaningi bethu, ukubona kuyigugu kunazo zonke izinzwa zethu ezinhlanu. Kodwa ngaphandle kokukhanya, ukubona komuntu cishe ngeke kusize ngalutho. Singaba yizimpumputhe ngokoqobo. Kungokufanayo nangengqondo yomuntu. Inekhono elimangalisayo lokuqhathanisa indlela izinto ezenzeka ngayo, icabange ngokuhlakanipha, ngaleyo ndlela ikwazi ukuxazulula izinto ezixakayo. Nokho, kudingeka okuthile okwengeziwe ukwembula izimfihlakalo ezingcwele. Nakuba abanye bengase basho lokho abacabanga ukuthi kushiwo izimfumbe eziseBhayibhelini, nguMlobi wazo kuphela, uJehova, uNkulunkulu wokukhanya, ongembula lokho ezikushoyo ngempela.—1 Johane 1:5.

Ngeshwa, ngenxa yokuthi abantu bazikhukhumeza kakhulu futhi bayazibusa abanakulindela uJehova ukuba anikeze izimpendulo. Bakhona labo okuthi ngokuthakazeliswa imfihlakalo, bafune izinto ezizokwenza bacabange okuthile, okungelona ngempela iqiniso, ngenjongo yokufuna izambulo kwenye indawo hhayi eZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, inkolo eyimfihlakalo yobuJuda ekuyiCabala yacabangela izincazelo ezingokomlingo zezinombolo nezinhlamvu zamagama zohlu lwezinhlamvu zamagama zesiHeberu. Ngakolunye uhlangothi, amaGnostic angekhulu lesibili, asebenzisa imiBhalo YesiHeberu neYesiGreki ukuze athole kuyo izincazelo eziyimfihlo.

Nokho, konke ukucinga okunjalo kwabaholela emikhubeni eyengeziwe yobuqaba noma ezinkolelweni eziyize futhi baba kude neqiniso laphezulu. AmaGnostic ayethi: ‘Phela, uma izwe ligcwele ububi, khona-ke uMdali walo, uYahweh, akanakuba uNkulunkulu olungile.’ Ingabe leso isiphetho esingcono kakhulu ababengasinikeza? Yeka indlela ukucabanga komuntu okungajulile ngayo! Yingakho umphostoli uPawulu, lapho elwa nemibono yezihlubuki eyathuthukiswa kamuva amahlelo obuGnostic, axwayisa ngokunamandla ezincwadini zakhe: “Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiweyo”!—1 Korinte 4:6.

Ukukhanyisa “Izimfihlakalo”

Nokho, kungani uNkulunkulu wokukhanya ayesebenzisa “izimfihlakalo”? Izimfumbe zikubekela inselele ukucabanga komuntu namandla akhe okufinyelela esiphethweni ngokusebenzisa ingqondo. Ngakho, zivuvuzelwe kuyo yonke imiBhalo njengezinongo ezibilibocweni, ngezinye izikhathi izimfumbe zazisetshenziselwa ukuvusa isithakazelo sezilaleli noma ukwenza isigijimi esidluliselwayo sikhanye ngokwengeziwe. Kulezi zimo, ngokuvamile izincazelo zinikezwa ngokushesha ngemva kwalokho.—Hezekeli 17:1-18; Mathewu 18:23-35.

UJehova unikeza ukuhlakanipha ngokungagodli kodwa akalokothi akunikeze ngokungakhethi. (Jakobe 1:5-8) Cabangela incwadi yezAga, iqoqo eliphefumulelwe lamazwi amaningi adidayo abanye abangase bawabheke njengayizimfumbe. Kuthatha isikhathi futhi kudingeka ukuzindla ukuze uziqonde. Kodwa bangaki abantu abazimisele ukwenza lowo mzamo? Ukuhlakanipha ezikuqukethe kutholwa kuphela yilabo abazimisele ukukumba.—IzAga 2:1-5.

UJesu naye wasebenzisa imifanekiso ukuze embule isimo senhliziyo sezilaleli zakhe. Izixuku zazibuthanela kuye. Zazizijabulela izindaba ayezixoxa. Zazizithanda izimangaliso zakhe. Nokho, bangaki ababezimisele ukushintsha indlela yabo yokuphila futhi bamlandele? Yeka indlela ababehluke ngayo kubafundi bakaJesu, abafuna ngokuphindaphindiwe ukuziqonda izimfundiso zikaJesu futhi bazidela ngokuzithandela ukuze babe abafundi bakhe!—Mathewu 13:10-23, 34, 35; 16:24; Johane 16:25, 29.

Ukubheka Ekukhanyeni

Omunye umthombo uthi: “Ukuba nesithakazelo ezimfumbeni, kubonakala kuhambisana nezikhathi zokuphaphama ngokwengqondo.” Namuhla sinelungelo elikhulu lokuphila ngesikhathi lapho “ukukhanya [okungokomoya] kuhlwanyelelwe” abantu bakaNkulunkulu. (IHubo 97:11; Daniyeli 12:4, 9) Singamlindela yini ngesineke uJehova ukuba embule izinjongo zakhe ngesikhathi sakhe asimisile? Okubaluleke nakakhulu, ingabe sithatha isinyathelo ngokushesha ukuze sishintshe ukuphila kwethu lapho siqaphela indlela esingakuvumelanisa ngayo ngokugcwele nentando kaNkulunkulu eyambuliwe? (IHubo 1:1-3; Jakobe 1:22-25) Uma senza kanjalo, uJehova uyoyibusisa imizamo yethu, futhi njengoba nje izibuko zamehlo zenza ungabe usabona kalufifi, kanjalo umoya ongcwele uyokwenza umbono ophelele wenjongo yaphezulu ukhanye emehlweni ethu engqondo, ukhaliphise umbono wethu ongokomoya.—1 Korinte 2:7, 9, 10.

Ngempela, izimfumbe ezingokomBhalo zidumisa uJehova ‘njengowambula izimfihlakalo.’ (Daniyeli 2:28, 29) Ngaphezu kwalokho, unguMhloli wezinhliziyo. (1 IziKronike 28:9) Akufanele kusimangaze ukuzwa ukuthi ukwembulwa kokukhanya kweqiniso laphezulu bekulokhu kuqhubeka. (IzAga 4:18; Roma 16:25, 26) Kunokufuna ulwazi lwezinto ezijulile zikaNkulunkulu olwazini lwabantu olusekelwe enkolelweni yezimfihlakalo noma olungajulile olungaholela ezeni nje, masibheke ngokuqiniseka kuJehova uNkulunkulu ukuba anikeze ukukhanya kweqiniso ngokuphathelene ‘nezimfihlakalo’ zakhe, azise izinceku zakhe ezithembekile izinjongo zakhe ezimangalisayo ngesikhathi sakhe asimisile.—Amose 3:7; Mathewu 24:25-27.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Biblia Hebraica Stuttgartensia, Deutsche Bibelgesellschaft Stuttgart

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela